clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Makhanya

Izithakazelo zakwa-Makhanya

Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi “uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo”,
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo, Khuzwayo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!

Previous

Maluleka

Next

Mahlinza

2 Comments

  1. Makhanya, Mnguni, Yeyeye, Gumede, Qwabe, Phakathwayo, Khuzwayo, Maphithini, Mpangazitha, Duze kaMnengwa Gcwabaza, Thusi, Lingela, Zukezela, Makhutha, Mfene, Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama, Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!

  2. Lezi ezibhalwe ngaphezulu ezakwa Gumede Nazi ezakwaMakhanya. Thank You

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: