clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Inkosi Shaka ka Senzangakhona

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Inkosi uShaka ka Senzangakhona Zulu kwabe kuyinkosi ephiwe amandla okuzisa uzinzo empilweni yabantu base Afrika. Kunomlando obhaliwe ngabaMhlophe ukuthi kwakufanele igama lenkosi uShaka lingcoliswe ukuze bazokwazi ukuzithathela izwe lethu ngoba belibona linomnotho futhi livundile. Bazimisela ukuthi bamubonise njengenkosi enonya olwesabekayo okwabe kungelona iqiniso, ukuze bakwazi ukucekela phansi umbuso wakwa Zulu. Lokhu bakwenza ngempumelelo ngoba namanje kusekhona labo abazi iLembe njengenkosi eyabe inonya.

Ucwaningo lwakabusha luyawaveza lawo manga wabaMhlophe. Ubukhulu buka Shaka abusiko kuphela obama Zulu kodwa obezwekazi lonke lase Afrika. Wabe eliqhawe elikhulu okumele sizigqaje ngalo njengesizwe esimnyama. Inkosi uShaka walwela ukuhlanganisa izizwe ezabe zehlukene ukuthi zibe isizwe esisodwa esikhulu esinomthetho futhi esihlonishwayo.

Inkosi uShaka wabe enesipho sobuhlakani obukhulu ngoba wathi angabona ukuthi abaMhlophe banobuchwepheshe obabungekho kwaZulu, wakhetha ukuthi bafundise amabutho akhe. Wabona futhi ukuthi ngeke kumsize ukulwa nalababantu ngoba babe benenduku eshaya umuntu imlahle phansi elena kude. Wabe esefuna ukuthi naye bamfundise ukusebenzisa lenduku (isibhamu). Wabe esekhetha ithimba elabe liholwa uSotobe wakwa Gazu ukuthi lihambe liyofunda lobubuchwepheshe eNgilandi ku George egameni lakhe. Nanka amazwi awakhuluma kwabaMhlophe ababefike kuye, “Hambani nitshele inkosi yenu uMjoji ukuthi ahlanganise zonke izizwe eziMhlophe; nami ngizohlanganisa zonke eziMnyama: sizobe sesenza umbimbi: lokuthula emhlabeni wonke”.

Ku Sotobe wathi; “Hambani niye kuMjoji nibheke futhi nifunde konke okungaba usizo ezweni lethu”. Lolo hambo aluzange luphumelele ngoba bathi beseseBhayi kwafika umbiko wokuthi iLembe selikhotheme babe sebekhetha ukubuya. Ukube baphumelela ngabe kuningi isizwe esakuzuza kwezobuchwepheshe. Umbuso kashaka wabe ulwela ukuthula ezweni lonkana ngoba ngaleso sikhathi izizwe zabe ziziphethe kungenamthetho uma esinye sifuna ukuthumba imfuyo yesinye sasivele sizenzele.

Namhlanje i KwaZulu-Natal ine NGONYAMA eyodwa ngoba iSilo uShaka sahlanganisa zonke izizwe ezabe zikulesi sifundazwe kwaba isizwe esisodwa sama Zulu. Amakhosi aqhubeka nokubusa izizwe zawo kodwa ayazi ukuthi ikhona inkosi enkulu i Lembe eleqa amanye ngokukhalipha.
Namanje KwaZulu-Natal akukho ukudideka njengakwezinye izifundazwe, kuyaziwa sinye i Silo u Goodwill Zwelithini wonke amanye amakhosi nezizwe zingaphansi kwakhe. Konke lokhu kwenzeka ngobuhlakani beSilo sakwa Dukuza u Shaka Mlilwana ka Senzangakhona Zulu.

Previous

Fakathi, Fakazi, Dlomo, Guma, Duze

Next

Ngwenya, Gedeza, Mcambi, Vilakazi

15 Comments

  1. Alex Dumisani Makhaye

    Ngiyaxolisa ukuthi ngiqondise kuye ubayede ukuthi thina MaDeke asihambisani nokuphoqwa kwabantu ukuthi babe yini.esikhundleni sokuthi kwakhiwe okuveli kukhona kubhidlizwe nesankahlo akuzange kube yinhlakanipho naphakade.Futhike njengoba sanikwa inkululeko ngo-1994-96.kusinika iqholo lokuthi sizobuyela ebuzweni bethu esasesiphucwe wuye ubayede lona .hayi impela ngakolunye uhlangothi walimaza ngokuhlakanipha angakhokha kakhulu uma engabekwa lawomacala.ake sithi loludaba lwakhe lukwabakhulu.sobona uma sesikhulwe sonke ku lamatribal chains

  2. Hlanganani Malembe

    Ngicela ukuchazeleka kahle ngemvelaphi yabantu bakwaMalembe

  3. Hlanganani Malembe

    kungabe zisuselwa kuphi izibongo zenkosi uShaka lapho zithi khona (iLembe eleqa amanye amaLembe)?

  4. Rev. Nqoba Zindela

    Rev. Nqoba Zindela
    Inkosi uShaka yabe iyinkosi enobuhlakani, okwathi abamhlophe uma bebona ukuthi thina asikwazanga ukubhala ngayo kuqala bacosha ithuba lokungcolisa igama leSilo saMaZulu uShaka besaqhuba yona imfundisoze yabo yokuthi umuntu mompisholo akanakho okuhle angakwenza. Nawo amaMissionaries adlala enkulu indima ukuveza iSilo uShaka emubi, Siyabonga ngoba lawomampunge abawakhuluma bawaloba phansi siyawalungisa manje. Cabanga nje ukuthi ukube Inkosi uShaka yabusa ngaphezu kkweminyaka eyishumi nambili ngabe lelizwe lisesimweni esihle kabi ngenxa yobuchule nobuhlakani uNdabezitha ayenabo. Abahambe bashone ondlebe zikhanya ilanga namampunge abo angcolile.

  5. Mcebiseni Makhaye

    Ngiyabonga ukuthola umlando omuhle njengalona. Vele abamuhlophe bakhohlakele kabi basibulalela umlando wethu ukuze sizohlala siyizinto ezingelutho kubuse bona njalo nje ezweni lethu. Bayeeeeeede! Wena wendloooooovu!!!

  6. Siphiwe

    Why did people run from uShaka? It resulted to surname change. Why was he feared so much?

  7. nathi

    konke okungenhla kuyiqiniso lodwa neqiniso lonke

  8. Islima kphela esingakhanyelwa manje ukuth kungani isizwe samazulu besigxeke kangaka.ingoba abamhlophe isona sizwe abafike bathwala inkinga kuso iafrica iyonkana.ushaka wayeyilembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha(NGOKUKHALIPHA) uthinike wena osath ushaka weyaz impi kuphe??? Ngisola wena engath ubulawa ubudom

  9. Sphamandla Vezi Ebulwer

    Inkosi Ushaka kwabe kuyiqhawe yize noma impilo yakhe yabafishane , Kube waphila iskhathi eside ngabe labondlebe zikhanya ilanga abazange baphathe kuleli…Wena wangasenhla bayede

  10. ILEMBE eliq’ amany’ AMALEMBE ngokukhalipha, ubayede lowo iNkulunkulu wawokhokho bethu inkosi ngaphezu kwamakhosi onke omhlaba, thina nje esesbe nethamsanqa lokwaz ubuhle bakhe eynsikwin zokphila kwalo iLEMBE, asiygqizi qakala izinto ezingamampunge ezibhalwayo ngoba syakholelwa ukuth ubhedwa ngobubende inyam engaydlanga yingakho sesakheth ukuw’hlab’ inhlali nje

    Bayede! Wena weZULU…

  11. uShaka Kwakuyi Nkosi Yama khosi..kodwa ondlebe.l zikhanya ilanga bayamuhlambalaza ngamanga wodwa …njengama Zulu kumele ilungiswe kento…Abungu bafuna ukuzenza bahle kuthina bantu abamnyama

  12. lihle mthethwa

    aybandla ushaka wayibeka induku ebandla sithi bayede wena wesizwe samazulu kusho mina intombi nto yomhlanga, manyamboseke lona

  13. Sipho Mkhatshwa

    UShaka kwakuyinkosi eyayihlakaniphe kakhulu, lokho bashesha bakubona abamhlophe, yikho nje banquma ukumhlambalaza, ukuze isifiso sakhe sokubumba isizwe esimnyama singaphumeleli.

    Bayede! Zul’eliphezulu

  14. I respect and honour our king

  15. Kunemibhalo eyatholakala ebhalwe u Nathaniel Isaacs lapho ethi ku Francis Fynn “Zama ukungcolisa igama lika Shaka emibhalweni yakho futhi ubeke namanani aphezulu abantu ababulala”. Lokho kuyakhombisa ukuthi okuningi okwabhalwa u Francis Fynn ngeNkosi uShaka kungamanga. Uma kunezinkulungwane zabantu uShaka azibulala aphi amathambo azo ngoba amathambo awaboli?

    Kuningi okubi okutholakalayo nge Nkosi u Shaka kodwa kungamanga asatshalaliswa abamhlophe. Thina njengendlu emnyama kufanele sikulungise lokho sibhale iqiniso ngenkosi yethu eyabumba isizwe sakwa Zulu, siyekele ukwethembela emangeni abamhlophe. Yebo kukhona abantu abafa kodwa hhayi lezinkulungwane ezishiwoyo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: