clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Abantu bakwa Mbatha

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abakwa Mbatha kusengabantu bakwa Shandu, MBEJE, Dladla. Lababantu babakhe eMangeni ngase Nkandla okwathi muva inkosi yabo uNdaba ka Sontshikazi wathuthela eNhlazatshe ngase Vryheid nesizwe sakhe. Kulapho azalela khona oMbeje, Dladla no Shandu.
Lendawo bayithanda ngoba yayiseduze kwabahlobo babo bakwa Zulu e Babanango kanti iseduze komfula iMfolozi emhlophe kanti futhi neNtaba iNhlazatshe inechibi elingomi lapho imfuyo ebeyikwazi ukuthola amanzi khona. Intaba lena beyibasiza futhi ukuthi babone isitha siseza le kude. Iyona ntaba lena obekuthi uma behlaselwa bazivikele ngayo. Lentaba yethiwa igama inkosi uNdaba ngoba ethi ‘Ihlanza Amatshe’ yagcina seyibizwa nge Nhlazatshe. Emadodaneni ka Ndaba uShandu owazinza kuyo lendawo abanye abafowabo oMbeje no Dladla bafuduka bazitholela izindawo zabo.
Emva kuka Shandu inkosi ebusile kube ngu Dunjwa okwathi uma ekhothama kungazelelwe ubukhosi bathathwa u Khali wabusela emzini kayise e Zivundleni. Amanye amadodana ka Shandu awazange athande ukuphathwa uKhali abe esehamba neqeqebana labantu bawo ayozifunela ezinye izindawo eziseduze. U-Nkomo no Mashiba baya e Zihlalo/Dlebe, uMandlovu waya eBaQulusini kanti uMngunyana waya kwa Nobamba/Danny Dalton. Kodwa-ke abazange baqhelelane ne Nhlazatshe, Mahlabathini, Dlebe, Zihlalo, Mabedlane, Ceza nezindawo ezisondelene nazo.
U Dladla yena waya koMnambithi, Nobamba/Weenen kanti abanye bazinza ko Msinga, Nquthu nezindawo ezakhelene nazo. Komsinga singabala uLugubhu ozalwa endlini ka Dumisa kanti waba nobudlelwane obukhulu nomfowabo uMbeje.

Izibongo zama Mbatha
Sontshikazi, Ndaba, Shandu, Mbatha, Mthiya, Mangcengeza, Khali, Mngunyana, Manyosi, Mashiba, Makhubalo, Mngeni, Dumisa, Nsibankulu, Nkomo, Mandlovu, Dunjwa, Mbudlele, Dilikana…
Amanye lapha amagama nje angazange aba yizibongo

Dladla
Mgabadeli, Mphembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala, Mnembe, Kweyama, Vezi, Gigaba, Ziyamanzi, Mathenjwa, Kolotshana…

Mbeje
Bhabha, Magwaza, Mlotsha, Sihlangu senxele,
Mabhala ngepensela abafokazane bebhala ngozipho, Gumbi lama gwala, Ndabezitha

Previous

Mbatha, Dladla, Mbeje Praisenames

Next

Amangwane, Hlongwane, Khanyile

18 Comments

  1. Phakamani Sikhosana

    Ntuthuko Zwane, did you write a book or thesis on this history? If so please refer us

  2. Phindy

    Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla

  3. Zamokuhle

    Izithakazelo zakwa Sihlangu

  4. Bongani Mbatha

    Ndabezitha

  5. nokuphiwa shandu

    umanyosi kadlekezele wayezalwa nguban

  6. Mthandeki

    Please nceda ngicela izithakazelo zakwa Nkomo ngendabuko ka baba uvela e free state

  7. linda

    Shandu kandaba

  8. Nkobusa Dladla

    Kwenziwa yin ukuthi Sithi siwo Ndabezitha bese sikhothama ku Zulu ?umpembe ufisa ukwaz ukuthi yilo lifa asishiya nalo leli na.

    • ntuthukozwane

      UMbatha uNdaba or Mathaba or Mandaba. AmaKhosi akwaZwane or Msane. Bazalwa uZwane. Babuye babizwe ngoMashobane noma Mashabane noma Sabela noma Subiya noma Sibiya noma Zibane noma Sarvia noma Zeroua noma Siruya noma Shilowa = Sinzima = Zizima = Tetema = Matete = Mazizi = Mthethwa. AmaTonga or BaTlokwa noma BaTau noma Ndau noma Mudau.

      UMbatha as a surname comes from Batau, Tau = Duma = Lion = Ngonyama = Ngala or Manala = Mbube = Mphephu or Bhebhu.

      AbeSuthu bazibiza ngaBafokeng Ba Patsa. They lived around Harrismith and call themselves Batlokwa and live around Rustenburg in the North West as Tswanas. There is even a Zwane area there. Bazibiza ngoMdletshe. Mdletshe = Mzizi = VhaSenzi = Msizi = Masisi = Jiji = Njinji etc.

      AbeSuthu okuthiwa abaTlokwa bazalwa nguMageba wakwa Zulu: babizwa ngoNdonga noma Thonga noma uMntungwa noma Nduna noma BaTao. AmaBhubhesi noma iziNgonyama = Mbatha.

      UNdaba uzala uJama noma uJali lo ozala uSenzangakhona no Mkabayi no Mudli/Muji/Musi (ozala uMthimunye ozala abakwaNdlovu or Tlou or Dlomo).

      UMathaba uzala abakwaMacambi abangaBeSuthu abavela kwabakwaBiyela abazalwa uZulu.

    • ntuthukozwane

      Basically, uMbatha noZulu abantu ababodwa. What you are asking is like asking: “Why is my brother king if we have the same surname and parents and heritage?”

    • Ntuthuko Zwane

      AmaNgwaketse or Mkhwanazi are also called Nkanyezi noma Nkwenkwezi or Khwezi or Cengesi (kwaZwane njengamaKhosi akwaZwane eNewcastle) or Cenez or Cenaz or Ngwanase or Nanasi esizweni sabantu.

      Elinye igama lithi BaQulusi noma Khuluse (Umkhiwane ngesintu ubuye ubizwe ngoMkhulu noma Mukuyu noma Mungulu, meaning uNgwane ubuye abizwe ngoMkhulu noma Mukuyu noma Huru) noma Hurutse (kuBeSotho). AbaQulusi ibo ebabephethe impi yakwaZulu yaze yahlakazwa iNkosi uDingane kuze kulahleka elakithi eHlobane linikezwa amaBhunu. Bahlakazeka babaleka baya eMpumalanga Koloni nase South Coast lapho oNdonga begcwele khona. Babizwa NgaBaTlokwa bahamba noMatiwane noma Mazwane or Zwane noma Msane, amaKhosi akwaSibiya.

      Bona thina sithi amaSenzanga noma iZizwane noma Jesisi noma Luzizi noma Wezizi noma KaMoshoeshoe noma KaMzizi noma Gezez noma Khathide noma KaNtinde noma KaNsinde noma Nsindeni indlu le yakwaZulu engiphuma kuyo, kuMntwan’ uMkhahleli kaDinuzulu. ONzuzwane noma KaNdzudza, iSilo uDinuzulu wayebusa khona le eMpumalanga babulala bonke ababenolwazi ngomlamdo wethu bona laba oZiphephu kaMaphitha noma KaMbatha noma Abiathar or Mbathane or Obdias noma Abdiel or KaMphithi or KaMbethe amaKhosi akwaMnguni noma abeNguni.

      Senzanga + Khona = iNkosi Senzangakhona KaJama noma Jali noma Jair or Shai noma Tshezi noma Shezi noma Mswati noma Shandu noma Mhadu noma Rhadu noma Gando noma KaNtu = Mnguni noma Ngone noma Mokone noma Nkuni noma Ogun noma Guna noma Nkuna noma Mokoena noma Ngwato.

      The people who deny being Zulu are denyibg us victory over this world. Why isizwe sakwaMthethwa which = Biyela + Dlamini or Biyela + Nzama/Nzima + Mangwe/Ngema/Machi/Mansa = Benjamin. Both are called Mangethe or Men of Geth or Cis or ngesiZulu kuthiwa Khishi eBhayibhelini or Mkhize or Mbambo or Mlambo wakwaMyeni noma Yemeni noma Jemini noma Dlemini. This is the tribe of King Saul, first King of Judah, otherwise known as Issachar or Ishaka or Shaka. His tribe was called Isai or Jesse or Jesi or Isaar or Yishai etc. Also called Jemini.

      There were 2 sons of Cis, nml, Jeramael or Jerameel which we say is Jiyane = Tiyane = Matiwane = Mazwane = Msane = Maziyane = Siyane = Siwela = Masilela or Ndlelani or KaMandlange = KaMandlakazi = Mthaniya = Mathanias = Mathathias = Mantantisi = Sedecias = Zikode = Mazibukode = Zirhoda Ziwoda or Anatoth or KaZondi etc. The other is Saul or Sawo or Salo or Masoka or Masombuka noma Sikhosana noma Sigujana.

      Ngwaketse/Mkhwanazi = Jiyane/Mthiyane/Drakens/Trans or Tilanis/Ziyane noma Siyane noma Siwela + Zikhali/Swazini/Swahili/Sigadi/Nako/Nango (as in BabaNango = Biyela = Vilakazi)/Sikhathi/Sukazi/Mandlakazi/Maxakadzi noma Mabiyakazi noma Mabuyakati etc. Zombili izizwe zakwa Msane noma Zwane.

      • Ntuthuko Zwane

        Elinye igama lamaNgwaketse nomaMkhwanazi, uGagashe noma KaMgazi noma KaMagwaza. Uma ulandela umlando wamaKhwanazi/Ngwaketse ugcina usuthola ukuhlobana kwezizwe zaseNatal ukuthi kuhamba kanjani.

        AmaKhosi amaNgwaketse oSibeko noma Mazibuko noma Sayidi noma Sigadi noma Mzikazi noma Nsikazi noma Said (abazibiza ngama Arab manje basithatha lesi sibongo, in fact, isiZulu sinamagama amaningi amqondofana nesiArab nesiHebrew if you care to look).

        I found my surname Zwane in the Bible. My family is from Hebron/Ciriathaba/Mamre (where Abraham, Isaac and Israel in a tomb bought by our Padre, Abraham or Bulawa or Burwa/Borwa/Jehu/Mhawu/Mlawu lived and Shechem or Sicem or Shenge or Xeke or Hlengwe or Mabasa or Mabaso (this is basicalky most coastal Zulus are amaChauke noma Calubi or Jehu or Mlawu or Mlilo or Elon or Elliot etc.)

        Hebron was habited by Caleb or Gayebi or Magaye or Michael = protector of Israel = AmaNguni (or sons of Guni in the Bible – look it up). UMichael are 3 tribes = Mathanias = Mthaniya Hasebias/KaSibiya (KaManyelela or KaNyerera or Kaelela or KaMagalela, Galal or Galai or Gajeri or KaNyathi or Nyathikazi or Gcaleka or Maluleka (wakwaMtshali or Jali or Tshawe or Jale or Tyali or Mthayi) or KaNyai or KaNyika or Kikala or Kekana. The last being Bacbacar or BachiBhaca = Biyela or Mpangabiya or Phalaborwa or BabaNango or Babangula = father of Makua or Qwabe or Mabhena.

        Hebron was inhabited by Priest rulers of Judah on entry into Chanaan, called Caleb or Michael or Ngai or Khayi KaMalambule noma KaKhambule or son of Jephune or KaNephu or KaNembu or Nembula or Hebone or Henebo or KaNaphu or KaNapo or KaFutha or Lufutha (UNepho owakwaBhengu/Ncube/Ngobe, okunguyena ozala uMbambo ozala uZwane – sikhuluma ngokuzalana kwezizwe hhayi abantu). There also lived Othoniel ans Axa (daughter of Caleb) and Aaronite priests of the High Priest calibre which was tge only priesthood that was attained through birth. Aaron = Maun = Maweni = Mayeni = Malek = Malik = Myeni = Myeki = Yemeni = Jemini = Dlemini = Mengwani = Mongwane = Moncwane = Ngwane = Ncwane. Lezi zizwe ubukhosi bazo bukwa Zungu nakwa Zondi okuveza ukuthi abakwaZwane since uZondi noZungu (uZungu noMhlongo noZulu noKaDlomo noma Gadluma nkma GaZhou or KaZuma noma Zhoulou or Ntuli noma Luthuli noma Toure noma amaThole noma amaTheku or Mandeku or Gumede noBaSongo noma BaSuku noma Togu or Thuko noma Nduku noma Nduni noma Diko noma Kodi noma Mgodi noma Rhoda (Kodei) noma Kode nomaMkhize or Kisii noma Cis or Kishi (eBhayibhelini noma Socho) isibongo esisodwa) ibona abakhombisa ubukhosi bakwaZwane. UZwane noZakwe noma Zagwe noIshaka noma Isaka noma Tshezi noma Mswati noma Ashanti noma Shandu noma Sjadu noma Mnyandu noma Mhadu noma Rhadu nkma Tshezi noma Shezi noma Sandi noma Basadi noma iziNtombi or Tobin noma Tobias noma Ntombela noma Mthombeni noma Ntombazi or Netophathi (in the Bible) Hasebias or KaSibiya is the same people. This is Shandu. Elinye igama elikhombisa uZwane, uKhokha noma Gona noma Khona as in SenzangaKHONA noma Nkuna (amaTsonga, Shangaan, Pedi and Venda/Ntanda)

        In Shechem lived Levites of the Simeonites = KaSimelane or KaZeroua or KaZulua or KaZululu or KaZungulu or GazaNkulu or Magwaza-Ngwane or Makua-Shangane – AmaShangane amaZulu asuka eChwebeni noma St Lucia before basuswe amaNgisi = isizwe sikaMatiwane noma Mthiyane noma Jiyane noma Siyane noma Simelane noma Shomron noma Dlomoni noma KaDlomo kaMolomo. Hasebias or KaSibiya were Simeonites also called Tana noma Zwana noma Zwane noma Matiwane noma Mathanias noma Mthaniya noma Mathathias noma Mathathane noma Sasane noma KaDladla. UMdladla uyabalwa emlandweni we zizwe eziningi zaseNatal kodwa kakhulu kwaSibiya pjansi kwaZingelwayo okungymuntu yedwa nabakwNdlovu noma Jobe noma Chopi, elinye igama likaJobe uJassub nkma JaHlubi or LaHlubi noma KaHlubi noma Subbija noma Subiya noma Sibiya noma Shobiya noma Shobane/Mashobane noma Hlobane.

        In the Bible uZwane kubuye kuthiya uTanis noma uTaphnis noma Zoan, izwe ekwakuhlala khona anaNtwane (Princes) zakwa Israel eGoshen eGibithe la uMlse ahlangana nabo ukubabonisa ukuthi ababezwilinye kuze behambe eGibithi. Igama elithi Mangethe linensila yakhona lapha eGibhithe ngoba lelozwe lalingabizwa ngoGibhithe kodwa lalibizwa ngokuthi iseGwede noma Khwemte noma Ngethe noma Mkhize noma Khithe. Before baye EGibhite ama-Israelite akha iHebron eyayibizwa ngokuthi iMamre noma Ciriathaba noma Gilela-Thaba noma Ngwane-Ndaba then 7 years later bakha iTanis noma Zoan eGoshen eGibhithe lapho uJoseph kaIsrael ababeka ukuthi abahlale khona. This is all in the Bible. It also says the rulers of Hebron were called Eliel noma Maweni noma Mawewe noma Mawele noma Mayeni noma Myeki noma Myeni noma Ngwane. Elinye igama likaHebron uLubiyela.

        Hebron and Shechem were called Cities of Refuge or amaSabela noma Sabisa noma Hlabisa noma MaShabane or Shabane. Kwakuthi umuntu uma ebulale omunye asabele khona ukuze kuthethwe icala lokuthi umbulele ngokuzelele noma cha. Uma embulele ngephutha wayehlaliswa kuleyo ndawo kuze kufe uMpriste omkhulu lapho umndeni walo obulewe engasavumelekile ukuba amphulule. Uma embulele ngokucubungula noma ukusungula then lowo muntu babembuyisela emndenini lo ofelwe ukuba abulawe. Elinye igama le-Hebron uLubiyela or HeBabanango or Lobengula or Ruben-Kua or Ruben-Qwabe or Ruben-Moloi or Ruben-Mjoli or Langalibalele or Langalibayeni or Langalimbekane or Langalimthethwa or Mlawuli-Mthethwa = which means rulers and enforcers of the law.

      • Ntuthuko Zwane

        Elinye igama laBiyela uKaMgababa noma Nomgababa noma Barwe or aBesuthu ababizwa ngaBarwe noma Borwa noma Bulawa ozala uBulawayo okunguLubiyela noma Hebron. UZulu then isizwe esizalwa uHebron.

        Amanye amagama kaZulu, uMaseru, Moshoeu, Somtsweu noma Josue noma Joshua noma Ntshosho noma Yeshua or Jesus. This is the tribe of Jesus Christ. That is why Natal was called Natal from Nathal or Ethan noma Mthaniya or Mathanias or Nathan or Busani or Bozwana or Phuzane or Phuthane noma Naphtali (babezibiza ngamaPhuthi angamaMbo) or Phuthini.

  9. zama mbatha

    Shandu kaNdaba mthiya,sontshikazi wena othiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,Ndabezitha

  10. ngibhala i-Script esizogqamisa ukuzigqaja ngemvelaphi yethu thina bantu. abafuna ukuthi sisebenzisane bangaxhumana nami ku 078 652 1310.
    Asibuyise isithunzi sabantu abansundu.

  11. Nombuso dladla

    Yithi labo omgabadeli,gadlela abafica bedla inyama luhlaza babasa umlilo abantu bayidla isvuthiwe

  12. Reblogged this on Amambatha.

    • Ntuthuko Zwane

      Amakhosi akwaMbatha abizwa ngokuthi amaZulu noma amaZelemu or Jere noma Jele noma Mjoli noma Moloi noma Baloi noma Valoi noma Boika noma Masaba or Musapa noma Mahlaba noma Mhlaba noma Mlaba noma Ximba noma Siba noma Simba noma Mandla moma Machi noma Manci noma Mansa (as in Mansa Musa – owayebusa abantu naseMali nokunguyena esiphuma kuye, funda ngaye ubone ukuthi sahamba kanjani eWest Africa abanye baya eMelika nase-India babuya sebezosicindezela, sebenqotshwe kulawomazwe ngamaNgisi namaBhunu or Dutch). UMansa kubuye kuthiwa uMandla lapho kuphuma khona igama elithi Mandlakazi or Mhandlakati or Maxakadzi or Sangazi or Sukazi or Mkhwanazi or Vanwanathi (Tsonga, which is BaTlokwa or Ndonga or Mntungwa) or Ngwaketse (in Tlokwa or BaSotho history). AmaNgwaketse iso isizwe ekuthiwa KaMkhize (e.g. Zihlandlo KaMkhize, Zihlandlo = Hungwe (Shona) = Zimbabwean Shona, who acgually come from Gaza people or oMagwaza ababebizwa ngaBatau or Mbatha.)

      Elinye igama lika Mansa uManci or Mangwe or Mgwezane or Gezan or Chiliza or Chisane ababizwa ngamaGqunukhwebe or Mchunu-Ngcobo or Cebekhulu or simply Zebulun or Zwebu-Lawu or Ziphephu-Langabi or Siphuphane or KaShivambu or KaSimbambo or KaMpambosi or KaBuzi or KaMbuyazi (Booz = Boaz = Mbuyazi = Buzi = Thembuzi = Sithembu). Ibutho elalibutha bonke laba uMthethwa = uMbhekani or Pengwane or Pikwane or Paine noma Pelani noma Pilane noma Vilane noma Biyela noma Vhalea noma Maoela noma Vilakazi.

      The oldest son of Cebekhulu noma Malandela noma Zebulun. Other names are Mvelase or Mwelase or Elias or Eleazar (ubalwa emlandweni wakwaKheswa = Ngezwa or Zwane, oNozulu) or Dlangezwa or Mhlazana or MaHalaZana or Sasane or KaMdladla noma KaDladla noma Mdladlane noma Sesac noma Zizwane noma Nzuzwane noma Mshushwane noma Senzanga of Senzangakhona (the other part of Khona or Nkuna (baphuma kwaNongoma abangoMlambo anakhuluma isiPedi, Tswana, Xhosa, Tsonga, Bemba, Silozi, Sindau and all over Africa and Brazil, Iraq, Middle East and Far East and Australia, Indonesia etc. Abantu abamnyama abangamaZulu asebekukhohliwe lokho kodwa abahlala kulezindawo before kufike laba asebezibiza ngabahlali balezi zindawo – google indigenous black tribes of Pacific, Australia, Indonesia, Phillipinea, China etc. Igama leChina langempela uZhoungou, that is what they call themselves and China is a Zulu word but that is another story). Khona is also Gona noma Gao or Mgalo or Mogalo kubeSuthu noma Mokoena noma Ngwenya noma Ngunda noma Mamba.

      Mvelase is also Biyase = Sebia = Zibiya = Sibiya ozalq inkosi yakwaJudah and obalwa njengeNkosazane kithi kwelakwaMthaniya nakwaNzuza lapho ezala khona isizwe sakhona (UNdzudza noZulu umbuso owodwa, oMgoboli ozalwa uSibiya nguye Nobholi or Novoli or Mkhombothi noma Nkopodi noma Mgobhozi okunguyena uSomtsweu wangampela oyinkosi yesizae esiqala esiKhawini size siyofika eMangethe lakubalwa khona uNzuza, uZulu (Mbambo), uMzimela, Macambi, noNdlovu ibutho loSuthu kwaCetshwayo (isigodlo seNkos’ uCetshwayo uMlambo Ngwenya sasilapha).

      Ezinye izibongo that = Mbatha are Xaba, Mashaba, Mashoba, Mkhize, Mabaso noma Mabasa noma Chauke noma Gawone noma Gawonde or KaMogalo or Ngalonde etc. Noma VhaHlengwe noma BaHlengwa or Sena noma Asael noma Saei noma Asahel noma Swahili noma Zikhali noma Sigcau or Sikhai noma Skhai = Zulu.

      No-one focusses on what makes up one in Africa. Everyone wants to say why this surname is different from this one and etc. The truth is since eternity we made a covenant to always view each other as one. SiyiNdlovu. Noma Tlou noma Ndou noma Toure noma MaThole noma Nduli noma Ntuli noma Nzuli noma Nzule noma Jobe noma Chopi noma Mjobi noma Sono or Songo/Zungu noma Zuma noma Zhou where Zhoulou or Zulu comes from.

      We are ISRAEL.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: