clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Mnguni, Gumede, Khuzwayo

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi

Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi

Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,

Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.

Previous

Amangwane, Hlongwane, Khanyile

Next

Abakwa Khumalo

129 Comments

  1. Bongani

    Mnguni Nozulu Mpangazitha Mchumane liyasa liyasibekela wena wezulu eliphezulu elathathamba lathathumuntu kwangakulunyandaba kwathiwa inkosaze iyadlala Mnguni omuhle wakwa Mchumane mazala Nkosi intombi engagananga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha egane Kwa Kheswa izale amacocobela izimpofane ezawela u Thukela nomlazana onameva neza nibutshelezi njenge litye lomfula ngaba khungwa ngo gongolo entla ne Mpofana no Thukela o Mbanguba o Kheswa usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule ngicela ungisize u Nozulu no Gumede Qwabe bahlangana njani and abanye bayamfaka u Xulu ku Nozulu imlando uthini

  2. Khanyisani Gumede

    Sonke sivela kaQwabe Manguni, Mina ngifisa ukwazi umlando kusukela eMthandeni ngekathi King Qwabe ekhothama, Lezi nsizwa zakhe obani zenza njani. 0791696366

  3. Sphelele

    Ngabe abantu bakwa Gumede nakaMyeni bengakwazi ukushada ndawonye?

  4. Marvel

    Ngicela esakwa Zimema

    • Vusimuzi Nkasa

      Ngifuna ukwazi ukuthi abakwa Nkasa bahlangana kanjani noGumede.uma sibongelela siyamfaka uGumede noVezi.

      • Vusimuzi Nkasa

        AbakwaNkasa abakwa yisongo zensimbi.mlondo ngokulondoloza.lamula kaZwelibanzi wendabuko. Gumede kaVezi . amawangala amakhubaluthuli. Abadle isigungu bebodwa inkosi yakubo KwaNkasa bengasayibikelanga
        Okwathi lapho sebeyibikela babe sebeyibikela ngodaka. Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu. AbakwaMzondeki ngoba bazondeka ebantwini.AbakwaMpengula Josi liphuma efuthweni.
        Abakwasincwada ngaphambili Kanti abanye bencwada ngengedo.
        Abakwa sithokolo esimadolo mafushane sakwaMvubelo.AbaQulusi isidindi somtshiki. Inqaba kutholwa into ongeke wayithola nomakuphi.amaMbo namaMbokazana.
        Sidabuka esizweni samathonga kwaQwabe.

      • Potria

        Ngabe abantu bakwa mnguni nga imvelaphi yabo ikuphi nendawo kwazulu

  5. Morgan

    I need Ndlela bayeni izithakazelo

    • Thamsanqele Gumede

      Siyabonga wena Malandela
      Ngokulandel’ izinkomo zamadoda
      Mazalankosi
      Mpangazitha
      Siyabonga bo Gumede!!!

  6. Njengoba uMnguni no Khuzwayo bengasazwani okush ukuth thina singaqonywa kwaKhuzwayo ngoba sibiza uGumede?

  7. mlotshwa

    ay aksibona omnguni laba

  8. Pride

    I have kids kaMfeka my Fiance is r Khuzwayo that means our son is double related to my Mfeka kisa

  9. Sipho

    uGumbi ke yena uvelaphi

  10. Majola Sphamandla

    Siyabonga koGumede o-Phakathwayo uma umlando nisawubambe kahle kanje!

  11. Nhlonipho

    Mxm

  12. Siphamandla

    Ngiyaziqhenya ngokuba ngu Gumede

    • GMD HOUSE PLAN DESIGNER

      Amandla kulelizwi!…I like that…

  13. Mpikayiphikiswa

    Mnguni-Gumede -Qwame- Khuzwayo Mzimela ka Yeye, oMphaka phoswa owaphansa Amakhossi angaka phonsi onozulu Nogwindla ophuza emphomphomeni ngo emadolo mande ngigcina lapho?

    • Thabsile

      Ngiyajabula kuthola kabanzi ngesbongo sam nezthakazelo Khuzwayo

  14. Ntombikayise Khuzwayo

    Where do I find the Originality photos of Khuzwayo King Mnguni Gumede?

  15. TSG

    Ngibonga bonke abacacise okuningi ngomlando wakwa Gumede ebengithi ngigcwele ngawo kanti kuningi ebengingakwazi. Ziningi izithakazelo engiqalayo ukuzizwa ngoba thina siyaye sisho U Yeyeye, uMnguni, uPhakathwayo, uKhondlo, uQwabe bese sigcina ngokuteketisa ngombuzo othi “Ntabani Leyaya?” – Impendulo ithi “Ungoye Gumede!” Lokhu sikususela emlandweni othinta isehlakalo somndeni wakithi owawusOngoye ….. Indab’ ende yona lena kodwa-ke elandela uzalo lwaboGumede ababalekela eNyakatho ngesikhathi sika Shaka. Loluzalo lwaqamba ubukhosi bakwaGumede obukwaMduku (NgaseHluhluwe) lobubukhosi busekhona namanje sebuphethwe yindodana ka Simon Hulumeni Gumede. Abanye badlulela phambili badala obunye ubukhosi (baKwaMashabane) obuphethwe wu Sizabantu, ka Zikhungu, ka Ndabazampi, ka Manaba, ka Mahlabeni owayekhona kusukwa Ongoye. Baningi-ke laboGumede ngoba nami nje ngiphuma kwenye yezindlu zabo okukhona o Mfuzi, kaMziki ka Madumane, kaSoshangane naye owayekhona kusukwa Ongoye.

    • Nozipho

      BOPHAKATHWAYO NGICELA UKUBUZA NGINGAYITHOLAPHI INCWADI OR UMQINGO I NOMLANDO NEZITHAKAZELO ZAKA KHUZWAYO??????

    • Sanele Khuzwayo

      Mnguni, ngiyathokoza ngo Lwazi. Ngizwile ngomhlangano noma uMthandazo ozoba soNgoye ngezi 25-26 November 2023 ukukhumbula lomlando owusho lapha.

  16. sipho

    Ngingathanda ukukwazi ngemvelaphi yakwa Mnguni

    • Monicca Gumede

      Ngisacela ukubuza ngihlangene nensizwa yakwa Sabela kodwa Ibiza isithakazelo zika Gumede ngabe sihlobene?

  17. MUSA

    In other words Gumede,khuzwayo,Mzimela and many others are one thing that came from ‘MNGUNI’

  18. FISOKUHLE GUMEDE

    Ngnenkinga yezindlu za kwa Gumede, ngoba abanye bathi bayindlu yoku qala mina ai angsazi ngikephi.

  19. Zandile Gumede

    Sanibonani Mnguni, Gumede, Qwabe. ..I want to know about Gumede ‘ s history….

    • Sizwe Gumede

      I have been researching more about isthakazelo saka Gumede and ngendlela mina engibona ngayo, u Gumede uhlobene nabantu abaningi ngoba kukhon o Khuzwayo, Mzimela, no Mashabane naye nakathakazela ufaka phakathi uGumede uQwabe and this leaves one really confused ngoba nami ngakwa Gumede kodwa ngikhuluma siswati and i was born eMpumalanga and i like to believe ukuthi ngimswati but umbuzo enginawo ukuthi bakhona nje oGumede abangamaswati or bonke basukela kwaZulu, If kukhon umntu onolwazi olubanzi ngicela ungazise coz imvelaphi yomi ibaluleke kakhulu. to know where you are going you have to know where you come from. Thank you.

  20. PUMLA

    GUYS WHAT ABOUT FOHLA,MNGXATHI

  21. Khuzwayo Kwakuyingane yenkosi yakaQwabe yayizoba inkosi makukhoma uyise ngenxa yokuthi umndeni kaQwabe wawumkhulu kwaba nombango wobukhosi okwagcina buthathwe bayendlin ekwakungafanelekile u khuzwayo bamphuca ngoba bethi uluhlaza,bajika bathatha inganeyakhe bayikhethisa inkosi mabebuza abanye bomndeni bathi bona abasadlelani ñendlu khuzwayo wasethi u khuzwayo is omelette nisethe isbongoke mina nendluyami bathi uSmamane ngoba inganeyakhe imamathekele inkosi wasnqaba,bathi uMbhongela ngoba ubhongela inkosi imetha isbongo wathengamane edlinyama eyayihlatshiwe aGoduke,waDlawemuka kaQwabe…izindlu zikaKhuzwayo zaseziningi kangangokuthi ezinye zasezisukile Ingoe lasasibekwekhona singoQwabe sazesathola esithi Gumede ngoba ungovernable lunemigelekede emaguma uGumede uqhamuka kanjalo,so abanye bendlu kaKhuzwayo abazikwasala kwabanesbongo esasthola Ongoye,since isbongo sakithi sasvele ngesici oKhuzwayo ebasebesukile Ongoye ababebesayizwa eyokuthi thina singoKhuzwayo bakubo bathi ababona bona I dlamuka…uMnguni insila yomuntu omvelaphi yakhe ikwaZulu….uMzimela isici lapho omunye womndeni wazimelela ngenduku yethusi ekhaya

    • spha

      uyezwakala qhawe lakith ,koda mina lento ingidida ngampela. indlela oyichaza ngayo angiqali kuyizwa.ka KHUZWAYO shuth isekhaya njengb ngbiza u DLAMUKA ?.. shuth njengb besiphika nje mase sifika kubo sith ngo Dlamuka bayasihlangula kule sbongo saka KHUZWAYO?

      .

    • Prince Mnguni

      Umlando wakwaMzimela uyasethuka mawuthi sazimela kwaGumede asihlangani nakancane no Gumede Mawungawungawulandela kahle uMlando wakwaZulu nowakwa Gumede uyahlangana kodwa owakwaMzimela uqhamuka kwa Mncwanga kaZwide owazala u Fekhaya owu Mfeka/Mfekayi so ukuze ungazihlekisi ngabantu lungisa mina ngizonika umlando mina

      Ngiyacela ungadukisi abaZimela baka Sihubela Njingili Zimema Ntshidi Kuze kufike kwi Nkosi u Thanda Mzimela

  22. Hello. Ngicela ukwazi ngabe umageza ngobisi uyangena kwizithakazelo zakwa Gumede

  23. gugu

    Hi. Ngicela ningisize ngodlamuka, gumede and khuzwayo kuhlangana kanjani??

  24. Mduduzi

    Mina ngiMnguni Mwelase olwandle aluwelwa luwelwa zinkonjani zona zindiza phezulu.
    Makhala aqandule njengezulu.

    Kungabe ukhona ongangichazela ukuthi ngingena kumuphi Mnguni?

  25. Thembinkosi

    Ngizwa kahle. Pho ukhona owazi ukuthi oGumede no Tshabangu bahlangana kanjani? Ngoba sebengthe ng’yabuza imphendulo kangiyitholi.

  26. Mna ngifuna ukwazi ngo Mnguni, Mchumane, Buthelezi, Mpafane, Mbanguba, Nozulu

  27. Richard

    NGICELA UKWAZI NGE GAMA ( uMZILA) INCAZELO NGALO NEMVELAPHI

  28. Bongani Mnguni waseningizimu

    Nami ngivumelana nawe Philani ukuthi asibuyeleni emuva siyobuza kubantu abawazi ngekhanda umlando khona sizovumelana ngento eyodwa ngoba ekugcineni sonke singabanguni

  29. Sanibonani! bengicela ningisiza ngezithakazelo zakithi kwaKhoza Gumede Mnguni abadabuka entabeni yaseSphezi, hhayi uKhoza Msuthu. Ngiyacela bakithi ningisize ngithole futhi ngazi umlando wakithi, ngingajabula kakhulu uma ngingasizakala njengoba ngizizwa engathi ngilahlekile kuyimanje nje.

  30. Thulani Thembani Sgwili

    Ndifuna ukwazi umnombo mna ndingu hlavule omhle

  31. Thulani Thembani Sgwili

    Imvulaphi ka mnguni lo ungu Hlavule, ogawu, uthini?

  32. Mcebo Dlamuka

    Aybo bakwethu nansi indaba inkulu bo. Lezi izibongo ezilandelayo aningichazele ziyisima kanjani, Gumede, Khuzwayo, Dlamuka, Mfeka,Myeni, mzimela. Iskakhulukazi u myeni uwu mnguni yeyey, ukhuzwayo naye umnguni yeyeye, nangu futhi no Gumede umnguni ka yeyeye, kant ukuph umehluko manje angisazi mina. If u want to contact me: 0730166865 ngyabonga.

  33. Philani Gumede

    Cha, kunzima. Uthando lomlando masilukhombise ngokwenza ucwaningo ngaphambi kokuba sisolane ngokudukisana. Kuyiphutha futhi ukunquma ukuthi kukhona abaNguni okungebona abakini ngoba uyihlomkhulu mumbe washo kanjalo. Uma sicwaninga asithathi umthombo owodwa ngokuthi yiwona oshaya emhloleni singakatholi kweminye ukuthi sitholani. Amathuba ocwaningo oludala ukuthi lushaye emhlolrni maningi kunalawo olwazi oluqhamuka nanjena. Masibafune abantu abadala abasawazi ngekhanda umlando ze basicobelele. Kungaba kuhle uma esikubhalayo sungachaza ukuthi sikutomule kumuphi umthombo, umqulu, owawubhalwe ngubani, yena ekuthole kanjani lokho, kanye nonyaka wemvelaphi yalololwazi. Uma singakwenzi lokho siyolokhu sijikeleza ndawonye, singavumelani ngalutho. Inhloso yalelikhasi bekumele kube wukuthola ulwazi esizogcina sivumelana ngalo ngemvelaphi, kanye nokusabalala kwabaNguni. Uma sesikutholile esivumelana ngako, sikushicilele phansi ze kube wumlando oyofundwa yizizukulwana ngezizukulwane zabaNguni nabanye uma singasekho thina. Ngokubona kwami akekho phakathi kwethu ongakufela ukuthi lokho akwaziyo yena, yikona kona. Siyacobelelana, sifundisane, senze uphenyo ngokubambisana ukuze lembiza isihlanganise ngeqiniso.

  34. Philani Gumede

    Ezithakazelweni zakwaGumede kuthiwa, “YINZALA’BANTU LENA”. Uma ngingabala izibongo eziphuma kuGumede, zingeqa ekhulwini ngingazibalanga zonke. Abanye bazobongo banganhiphikisa, kokunye baze baphikisane bodwa uma ngingababala. Maningi amathuba okuthi uma ezothakazelweni zakho kuvela uQwabe, Gumede, Mnguni, Mpangazitha, njll, okhokho bakho babezalwa khona koGede noMnguni. Omunye uzothi bona bavela komunye uQwabe, Gumede, or Mnguni. Endulo beyingaqanjwa ingane ngegama lomuntu ongahlobene nalowomndeno. Bebe USA amagama amaqhawe asakhothama avela kulowomndeni. Lokho kungenxa yokuthi bezongekho izibongo, kpdwa bebeziqhayisa ngamaqhawe azalwa emndenini. Namanje uma insizwa noma intombi yoMnguni izibongela akusali ukuthi izalwa ngubani labani

  35. Sbonelo mzimela

    Mina shine angeke ngikukhohlise , umfeka ngiqale ukwazi ngaye kule group ka fb , kuhle uma nithi singabandawonye nisivezele lokho , mina ekhaya abayfuni nakuyizwa ekamfeka , ngkhuluma ngabantu abadala la . Angidukisi isizwe sakithi mina ngiwumzimela uqobo lakhe umnguni wase zaphowane , ngingajabula uma ngingake ngikhonjiswe ukuthi ubani ozala umzimela , ngizwa uthi siphuma kwandwandwe so does th@ mean umzimela nomfeka abazalani bayelamana? Mina ngicela muntu mengithakazela angbize ngalezi engizbhale lana angikakazu accepter umfeka as isthakazelo sami futhi ojiji nontaka impela cham angbazi omunye wobumbano wabiza ukhuzwayo we kaizwe chiefs as umzimela ngathi cha bhuti mina angsiye owaka khuzwayo ukhuzwayo ugumede , khona owabhala ephepheni ilanga ethi ubhala umlando wakithi mina angbonanga lutho ayelusho as umlando wamanzimela kuphela wafaka uvundla wafaka umsane no mfeka kwangacaca nje ukuthi uthini ngomzimela , anginihlukanisi bomfeka kodwa ngsami kwelokuthi angikwazi , ngike ngezwa kthiwa bekubuzwa ngami ukuthi ngyaziwa yini , kuyomele sithi go deep nalento kucace ngempela ukuthi ubani ozala omunye phakathi kamzimela nomfeka , coz omunye wathi kim umfeka uzalwa umzimela angazi babe banga ini umfeka engakabi umfeka wabaleka wathi mefika phambili wazishintsha waba umfeka ebalekela umzimela , so la sidukisana sodwa makunjalo , omunye wathi umzimela uzalwa umyeni , omunye wathi umzimela uzalwa undwandwe so akucaci kahle ningathi ngyadukisa ngkuvezela izinto engizitholayo , uma singavuma umfeka shuthi sovuma nogcabashe no gebashe , nomyeni , nomsane nogumede nongonyama , nokheswa baningi labantu , bt ke shine mele singafunzani asenze i research ukuze izingane zethu ziyazi lento , nginawe ku facebook ,

  36. zamoney

    uQwabe uzala uMahlobo
    uMahlobo azale uSidinane
    uSidinane azale uKhuzwayo
    uKhuzwayo azale uSimamane
    uSimamane azale uLufutha
    uLufutha azale uMncinci
    uMncinci azale uKhondlo
    uKhondlo azale uPhakathwayo

  37. mluegumede

    sengikutholile ukuthi uKhuzwayo noMfeka babengamadodana kaGumede noMnguni respectively kodwa bakhishwa okusho ukuthi sebezimele.ngenza yeecala elifanayo.

    • Shine

      Mlue Gumede uMfeka akandodana kaGumede. Umfeka udabuka kwaNdwandwe lapho isibongo sakwaMfeka noMzimela siphuma khona. Gumede nokhuzwayo asihlobene nani sixoleleni

    • Philani Gumede

      Naming ngazi ukuthi uMfeka uzalwa nguGumede. Waxoshwa nguyise uGumede ngoba while umhlola ekhaya. Emva kwalokho uMfeka nenzalo yabo kwathiwa sebezimele. Kwavela laphoke ukuthi babe ngoMzimala. Kuyefana lokhu nokuhlubuka kukaZulu kubaNguni ngoba engafuni ukukhonza kuQwabe. UGumede noZulu sebeyaganana kodwa kodwa ebe uZulu ephuma esendeni likaGumede. Yinto efanayo-ke nalena yabantu bakwaMfeka nabakwaMzimela ukuthi bavela kuGumede. Noma bephika kodwa abanawo umlando wabo before uMfeka. Abamazi nokuthi wayezalwa ngubani. Manje sizofundisana kanjani IMA abanye bephika ulwazi lomlando abenengawazi. Uma niphilisa MaNguni, sinikezeni enikwaziyo kusuka kuMfeka kuhlehle.

  38. Philani Patrick Mzimela

    Legxubevange abayenza ngesibongo sakithi, sengathi ayizokwazi ukwamukeleka kithi. Uma bechasisa ngesibongo, kuyomele bowuveze unjengoba unjalo umlando waso, bengahambi besishutheka kuzo zonke izibongo ezingangeni kuso. Uma behluleka, abangaphawuli ngaso engosini, funa beduke abantu abanentshisekelo yokuzazi bengabaseManzimeleni.

  39. Sbonelo mzimela

    Wh@ i hve recently heard ukuthi umfeka akusiye owakithi kwamzimela , uyabona njengoba kunale confusion yokuthi sizithole sesibizwa ngo Gumede ilo mfeka , abadala basekhaya bathi umfeka abamazi bona kanjalo no ntaka no jiji nombizeni no mzingeli konke lokho kuwumfeka not umzimela . Umyeni umnguni wasenyakatho , umsane umnguni wasondini , ugumede umnguni kayeyeye , umzimela umnguni wasolwandle , ungonyama nje naye ungumnguni , ogebashe nabo omnguni , into eyenza kube khona omnguni abangaka ukuthi sonke singamanguni , izibongo eziningi zizithkazela ngomnguni ngoba vele zingama nguni. Lento ke idala iconfusion kithi thina ntsha(youth) ngoba if sifika la kwi website uthola ukuthi umuntu uvele axube axube , umnguni akasiso isibongo kuphela uyisithakazelo n uthakazela kakhulu umzimela nogumede , mina muntu methi ungowakamngun ngyaye ngimubuze izithakazelo zakhe bese esho ezami zakwamzimela bese ke ngbona cha impela owakiithi , omunye wathi ungugumede ngathi cha awusiye owakithi noma zingafana izithakazelo kodwa akusho ukuthi singabandawonye mina ngiwuMzimela esgodini senkosi umzimela ubukhosi obakwa Golela , ndlangubo kuphethe ubiyela ayi umzimela umzimela phethe kongqamzane , ncekwane n some part of showe , nakwezinye izindawo . Izithakazelo zakwa Mzimela endlini yakwaGolela ebukhosini zithii Mzimela wehawu Mnguni wasolwandle donda lwandle aluwelwa luwela zinkonjane ntshintshwayo wena wasendingazeni kunene kwasendlunkulu veziwomlomo njingili sgodo sbhakuza salolukhethe sihubela, ilezo engizaziyo and azimufaki umfeka asikaze sizalwe umfeka noma ugumede , noma umyeni noma undwandwe , lento iya misleader , yekani ukusibiza ngomfeka ngoba asibazi omfeka nomatimela babo nojij nosheleza nombizeni nontaka , zithakazelo zikamfeka lezi not ezikamzimela nina ke ningathakazela nithi mzimela manithanda futhi ningathakazelanibize umnguni akekho onga claimer kuthi umnguni owakhe yedwa , udonda uthakzela umzimela , athakazele ukhumalo athakazele uxulu athakazele umwelase athakazele umpanza ,mbokazi , nombokazi uyamsebenzisa ulwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjan kodwa akusho kuthi singabandawonye ,so mina mzimela angsiye nakancane umfeka ungasho umnguni kuthi ngiwuye yebo ngiwuye ubhovungane. I guess we wil neva knw the real trueth ngezibongo zethu nezithakazelo zethu

    • Shine Mfeka

      bafo, ngibona udukisa izwe uma uthi uMzimela noMfeka kanye noNtaka akufani. kuyihlazo lokhu ngoba ubumbano lwakwaMzimela luholwa ubaba wakwaMfeka uMandla.
      abantu bakwaMzimela bazalwa khona kwaMfeka kanjalo noNtaka.
      ngiyaboba ukuthi ubafo akawazi umlando wakithi. thina asinabo ubuhlobo naloGumede osusihlanganisa naye.
      uMfeka unguMnguni wasolwandle onguDonda kaMlimandlela oNzungana. inkosi yethu ikwaMzimela. ungalihamba uliqede asinayo eyethu inkosi ngoba singabesende linye.
      sonke siphuma kwaNdwandwe.
      bafo ngicela ungithinte ukuze ngikuchazele, ngingajabula nokuhlangana nomndeni ukuze kulungiswe leliphutha ngoba libulala umlando wostanta manzini

  40. Phumlani

    Mnguni, Hlavule, gawu, qwele, mafuza fulela ngomngcele wanethwa, wafulela ngobhongabhonga, mngun’ omhle, bantwana ngenan’endlini ningahlali phandle ngoba nizadlula naba hambi bendlela ngoba nibahle kakhulu, mnt’ onhle owehla ngesilulu epheth’ igolide nesiliva.

  41. Zandie Gumede

    Sanibonani ma Gumede, Mnguni, Qwabe, Yeyeye, Phakathwayo, Khondlo, Mpangazitha………….. Kuyinto enhle ukwazi imvelaphi nomlando wethu as abazulu, so whoever wish to know anything about oGumede angangithinta on my e-mail address……….

    Ngiyabonga

    • sbusiso gumede

      dade wethu ngingwaka gumede phansi emthwalume..ngfisa ukwaz ukhondlo uysima kanjan ngoba bath wayenyanga kashaka futh isizukulwane skate omazibuko…ungena kanjan kuthin.

    • sipho

      I tryd 2 contacts u bt no wer 2 be found eishh so u can fynd me here 062 015 6799

      • Thandeka

        Sanibonani cela ukubuza ukuthi.Dlamuka.noSibiya.mnyandu.Gumede kungena kanjani especially sibiya yangidida mina as kuDlamuka

    • Bongani

      Sawbona ngicela ungicacisele imlando ka Nozulu ngoba bazibiza u Mnguni Nozulu Mpangazitha Kheswa Mbanguba Mpofane Cocobela bahlobana njani naba kwa Gumede Qwabe Phakathwayo

  42. ngicela izithakazelo zakwa Ngwenya zonke kany nomlando wakhona.

  43. nkosy khuzwayo

    Ma Qwabe masixhumaneni ngqo ngama SMS nama emails. Frm Nkosy Khuzwayo 0721441141. [email protected]

  44. Nokuthula

    Mina ngicel izithakazelo zakwa mabika sengizamile ku google lutho

  45. muke

    mina ngifisa ukwazi ukuthi bakhona yini oQwabe abangathakazeli ngokuthi ”wena owasemthandeni ezweni loju nezinyosi , osidlabehlezi , wena owadla umuntu ube umyenga ngendaba .

    • nkosy khuzwayo

      Abekho singabase Mthandeni sonke,kuyobe kunhgu Qwabe wase Nigeria lowo

  46. VICTOR B SABELA

    Mina engakwaSabela ngithakazela ngoGumede Khondlo etc ngicela kwazi kuthi uSabela uphume kanjani abeyisibongo esizimele mara sithakazele ngoGumede?

  47. thabiso

    ai bafeth asngadidisan mawuthi mzimela mnguni umuzi owodwa loyo bese loku esikubiza ngezithakazelo izibizo zaleyondoda zezinsizw ngalesiya sikhath yingakho zingeke zifae bt mawuth mnguni ungumzimela

  48. ntombi gumede

    Ake nisize la bafwethu.Nginomngani wakwa Gumbi othi oGumbi bayinto eyodwa noGumede,uthakazela ngezithakazelo zakwa Gumede.Ngiyaxakeka ngoba mina ngazi bona bengabakwa Skhendle,Jele,Somkhanda…

    • thembalethu

      xolani kahle mfet ukungazi. Yebo ngyavuma gumede mnguni kayeyeye. Kdw musa uthi abanye oMnguni abazazi. Okukhulu okumele ukwazi, abeNguni isizwe hhay isibongo. Bona abenguni behlukahlukene ngezibongo, bangahlobana okanye bangahlobani ngoba isizwe leso, kungaba oGumede, Hlophe, mfeka, Myeni, Mzimela, Mzukase etc…… Mfet musa ukuqhwaga ubuNguni engathi obakho wedwa nathi singabeNguni kdw hhay kwaYeyeye, coz isizwe akuyena umuntu, kdw abant abehlukene ngezibongo njengaso isizwe sabeNguni

  49. Phumlani

    Gebashe, Mnguni, Mafunza, fulela ngomncele wanethwa, fulela nangobhokobhoko, tshabangu, mngun’ omhle owehla ngesilul’ upheth’ igolide nesiliva, Qwele, Hlavule, mnt’ omhle, bantwana ngenan’ endlini nizadlula nabadlula ngendlela ngoba nibahle kakhulu…..gawu…

    • Aibo kanti omnguni bahlukene kangaki,ukhona yini umehluko phakathi komuntu waka mnguni nomuntu owaqhamuka kuma nguni obiza esinye sibongo
      Sent from my BlackBerry® wireless device

      • xolani Mfeka

        UMfeka,Mzimela bayinto eyodwa bangu Mnguni wasolwandle.Gumede Khuzwayo bayinto yinye nabo bangu Mnguni kaYeyeye. Abanye oMnguni angbazi abaphi kulukhuni ukubazi ngoba nabo abazazi.

        • Bongani

          Bakhona o Mguni Nozulu liyasa liyasibekela Mnguni omuhle wakwa Mchumane Mapangazitha Kheswa Mbanguba Mpofane Cocobela intombi engagananga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha egane Kwa Kheswa izale amacocobela izimpofane ezawela u Thukela nomlazana onameva ngabakhungwa ngogongolo enhla ne Mpofana amazala nkosi inkonjane ezindiza phezulu zidlisela ngempiko usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya sihlangana njani no Gumede ngicela ningisize lapho

  50. bekithemba

    UGumede must always come first ngoba nguye odabula wonke amaqhawe angaphezulu.Gumede Luzumane Mguni Yeyeye Qwabe Malandela ngokulandelana-besekuba khona izindlu ezincane eziphuma kuzolezi izibongo.

    • nkosy khuzwayo

      U Gumede ka Luzumane,lapho kuphuma khona abantu abafana nabo Phunga no Mageba akahlobene nhlobo nabo Gumede bakwa Qwabe ka Malandela.

  51. bekithemba

    UGumede uzalwa ngubani,ngoba uNdaba uphuma endlini encane koSibiya-Gumede kaNdaba noma Gumede kaMhlobela.ikhona into engahambi kahle ngezibongo kanye nezithakazelo-uNdaba uzalwa nguMageba kaPhunga.Qondisani bakwethu nans’indaba?

    • PHILANI Gumede

      UNdaba uzala uGumede, uGumede azale iMalandela, uMalandelab azale uQwabe noZulu. UPhunga noMageba bazalwa nguZulu. OQwabe noGumede babili. LoQwabe ozalwa nguMalandela unguQwabe wesibili.

    • sibusiso

      Mnguni 1
      Lufunilwenja
      Gumede
      Mnguni 2
      Luzumane
      Malandela
      Qwabe Zulu 1
      Sidinane Nkosinkulu
      Simamane Ntombela
      Khuzwayo Zulu 2
      Phunga Mageba
      Ndaba Sontshilikazi

      • Siya

        Awu we bhuti yazi ngifuna unabe la ko Simamane mina angikaze ngizwe ukuthi sihlobene nabo please explain kabanzi ngabo

  52. lindokuhle mnguni

    nina abakwa Yeyeye,Gumede oKhuzwayo iNkosi mayibe nani ngezinkhathi zonke

  53. ndlelanhle ndlela

    Ngicela ningazise izithakazelo zakwa ndlela BT not lesi sakosompisi lesi sobayeni plzzz

    • sibusiso

      Ndlela
      Bayeni
      Machunu amahle anyathela ngemikhonto esanda kulolwa

  54. Sabelo

    Ngicela ukwazi ngezithakazelo zaka Mnguni Magubela Nathakomo sizani bo ngiyi Ndebele kodwa sinokhokho oyedwa uMnguni

  55. thembelihle

    Celukwazi bantu ukuthi umuntu wakwa Mnguni engashadela yini kwa Msiza,futhy ngabe umnguni uhlukene kangaki

  56. Simphiwe Mnguni

    Mina nginguMnguni Mzimela ngentombi abafokazana bezimela ngodondolo. Ulwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane zona ezindizela phezulu. USntanta manzini njengedada. Unjingili odla amahalahala,umbhedu kakhiwa, Donda!

    • lindokuhle mnguni

      oqhwabe iziphalaphala zentombi

    • Nokwanda Mnguni

      Ngicela ukwazi ukuthi abakwamMgobhozi,noManzini bayangena yin kwaMnguni

  57. methuli Mnguni mdleleni

    NoZulu mpafana thukela into ezawela umlambo okhulu ongawelwa zinkonjane zinamaphiko oompangazitha into ezaza ngococobelo zisuke’mbo amambanguba Oomnguni

  58. Ayanda Gumede

    Aybooo uDuma ungena kanjani manje koGumede? This is so confusing!!

    • Zandie Gumede

      ay cha bandla asihlanganin nakancane nje noDuma

  59. Mina ngazi ukuthi uMzimela izithakazelo zakhe uMnguni, Mzimela,Jiji, Mbizeni, Ntaka, Sheleza, Lwandle aluwelwa luwelwa ‘zinkonjane ngoba zona zindiza phezulu, Nzungane!

    Abanye bathi uMnyeni kwaku baba kaMzimela, yikho uMzimela engashadelwa kwaMnyeni. Manje engifisa ukukwazi between uMfeka noQwabe uMzimela ungena kumuphi?

    Ubukhosi bakwaMzimela kusekhona Empangeni endaweni yase Ndlangubo ngaphansi kwaImpiyezintombi Mzimela.

    • Sbonelo mzimela

      Mina ngazi ukuthi umzimela uzimele njengesibongo sakhe , ngizwa kuthiwa umzimela wazalwa undwandwe not umyeni , now umnguni lo okugumede ungumnguni kayeyeye lo okumzimela ungumngni waso lwandle . Omfeka ngizwa ngabo manje angbazi kodwa ke ugumede nomzimela bayaganana , o anti bam ababili bagane kwagumede

    • xolani Mfeka

      Ubongfonela ngkuchazele kuthi uMzimela uvela noma ungena kanjani kuMnguni.

  60. KHONZANE

    HI Could u please find me izithakazelo za kwa-dlamuka.Ngoku dabuka sibuya ESHOWE(NDULINDE,NYONI)

    • udlamuka u khuzwayo usuzoziqhubekela vele ukhuzwayo kusewu gumede

      • nkosy khuzwayo

        Ubani ozala uDlamuka kwa Khuzwayo?

    • Zandie Gumede

      Abakwa Dlamuka abakwa Mboyi, but ngzokbuzela more coz sinabo oDlamuka ngasekhaya

  61. sboniso mnguni

    Ake niveze isibongo sakwajila nezithakazo

  62. nkosy khuzwayo

    Khuzwayo history after leaving Gumede clan

    • Umina lowo uMnandisi owabamnandi ngokwenganywa inkosi yakwaQwabe uMbhongela owabhongela inkosi yakwaQwabe imchapha ngenhlamba uMnandisi onjengoju.uKhuzwayo kwakuyinkosana kaGumede wayenenkani eluhlaza,kwathi ksuka abendlu kaQwabe besuka bakhethela inkosi intombi emfuleni befica izintombi zibhava kanti ingane kaKhuzwayo leyo kwathi makvela lokho bathi abafowabo bakaKhuzwayo bonabasedleli vele noKhuzwayo intombi bayayithatha,konke lokhu kwenzeka emvakokuba ezinye izindlu zikaKhuzwayo sezihambile zasuka Ongoye zeza emthandeni,labasebesele nalenkinga bagcina sebengoDlamuka Khuzwayo ngoba kwasekumele bedle inyama eyahlatshwa uQwabe esebanika isbongo sakwaSmamane basnqaba bathi bazodla inyama bemuke nempela bad lane mulatto kaQwabe,Khuzwayo lo wahamba kqala akangabe esamvuma lowasuka esebanika ngoba akawazi umlando owasala wenzeka ngemuva,uKhuzwayo unendlu eluhlaza.

  63. sboniso mnguni

    Ngiyawuthanda umlando wakamnguni kusukela endodaneni endala

    • Cedrick uMzukulu kaGweje Mnguni

      Nami @Sboniso ngilanda lapho endodaneni endala bafo

  64. Mina ngiwuMNGUNI, MZIMELA GAGASI LWANDLE KALUWELWA LUWELWA IZINKONJANE NGOBA NZINDIZELA PHEZULU, BONA ABAMBEWU MBILI ABANYE BAMNYAMA ABANYE BAMPOFU, YITHI LABO!!! PROUD

  65. Sbonelo Mzimela

    Mzimela Mnguni Donda Lwandle aluwelwa luwelwa ziNkonjane Ntshishwayo wena wase Ndingazeni Veziwomlomo Sihubela Sbhakuza salolukhethe Njingili. Ilezi ezikaMzimela engizaziyo ngyazi kukhona more kodwa lento yokungfakela oGumede

    • Bonga Mfeka

      ngivumelana nawe weSbonelo, angimaz mina uMzimela wakoGumede ngaz ukuthi omnguni ababili abangafan labo. Ngyaxolisa kobhalile

      • Sbonelo:
        Uma umMnguni ethakazelwa kubizwa uMzimela ake uypbiza kwabadala bazokusiza. Ayikho sikhethe ukubhala Ku internet ukuze kusizeke abangazi, Abaziyo bona bangasisiza ngokuthi babhale kuma comments.

      • Noxolo

        Ngyavuma nami cha uGumede ngimazi emunye noQwabe noKhuzwayo njengoba nathi kwaMzimela sazi uMfeka, Ntaka ,Donda yebo singoMnguni sonke koda sehlukene kakhulu.

      • xolani Mfeka

        Mfeka,Mzimela yinto eyodwa.buza ngkuchazele yimi owase Mazimeleni.0828381433.singu Mnguni wasolwandle abanye oMnguni kusibo abakithi abanye benziwa yindlala nokungazi behanbe bezifaka nje,cha mina anginjalo Mzimela iyazisho lento futhi inhle ayidingi ukoniwa sizimele asincikile

      • Zandie Gumede

        uGumede noMzimela they share isthakazelo esisodwa qha uMnguni

    • xolani Mfeka

      UMfeka wayezalwa uGumede kuyindodana endala,wabe eseshiyelana ugwayi nodadewabo wambamba oqitsheni uGumede wanengwa washaya uMfeka waze wamphosa olwandle.emva kwezinsukwana waya olwandle uGumede lapho amphose khona wafike washisa inoni kusenjalo memfu uMfeka ehlamba emanzini olwandle eza kuGumede,wabe esethi uGumede:isenzo osenzile sibi njengoba uzimelele ngomsila kudade wenu ngakho-ke awusesuye uMnguni kaYeyeye usungu Mnguni wasolwandle njengoba uphume olwandle nje zimele.Savela kanjalo ukuthi singabase Mazimeleni sizimele .Umfeka,Mzimela yinto eyodwa yibo kuphela uMnguni wasolwandle.uma uthi Mnguni usuke ungakasho lutho.Mina ngatshelwa uMkhulu wathi singaganwa kwa Gumede akusibo abakithi ..nansi inamba yami 0828381433 .

      • Siyabonga Gumede

        Uyabona Xolani wabeka kwacaca bha incazelo yakho iyezwakala

      • Philani Gumede

        Ngiyavumelana noXolani. IMA uthanda ukupjikisa kumele wenze more one research from different sources. Uma usukuMfeka awukwazi ikudlulela kuyise ongeyena uGumede, why. IMA uthi batholakala kwaNdwandwe lokho akusho okuthi bazalwa khona. Kungenzeka ukuthi bayakhona ngoba bebalekela uGumede owamdingisa emndenini uMfeka.

        • Shine

          KwaNdwandwe kuzalwa uMngcwanga
          UMngcwanga uzala uFekhaya
          Isizukulwane sakhe uNhlekela noZwana noPhakathi
          UNhlekela uzala uMsane
          UZwana azale uMzimela
          UPhakathi azale uMfeka

          UMsane noMzimela kanye noMfeka yinto eyodwa ngimile kulelo.
          UNtaka uqale eZaphowane ngokudla izintaka labo bangabakwaMzimela.

          Ngiyacela ukuba ubaba ake ashiye iEmail addresses yakhe ke sithintane ngoba yena ukhombisa ukuba nenzondo ngabantu bakwaMfeka.
          Awukwazi ukuhlanganisa uMfeka noGumede ngoba abazani. UMlando uma uwazi kahle uQwabe noZulu banto yinye. So wena uma kuwukuthi uyakuphika akungagcini sekudukisa abantu ngoba okushoyo sekufana nentimbothi mase uhlanganisa izibongo ezingahlangani

    • Philani Gumede

      Into eyenza kubenokuphikisana okukhulu kangaka phakathi kwabaNguni wukuthi kunezizwe ezabekwa nguShaka. Ngingenza isibonelo ngoNqetho. Emva kokuba us haka enqobe uPhakathwayo kwaQwabe, wabeka uNqetho ozalwa ezindlini ezincane kwaQwabe. Ngenxa yolwazi olufishane ungathola abantu bakwaNqetho abanye bengasazi ukuthi bangaMaQwabe, abaNguni. Uzwe umuntu ephika ukuthi bavela kwaGumede, Mnguni kaYeyeye kodwa angakwazi ukusho umlando wesibongo sakhe before uShaka. Umlando kaYeyeye, Gumede, Mnguni,njll, usukela emuva kuIshmaela kaAbraham. Baningi asebaphuma kulolozalo bagcine nabo sebenomlando wabo ongasamfali uGumede noMnguni noQwabe. Noma bengasabafaki labokhokho babo ezithakazelweni, lokho akuwuguquli umlando wokuthi bayinzalo yakhona. Esinye isbonelo ngesabantu bakwaZulu. NgamaNguni oZulu kodwa abanye babo abasamfaki uGumede noMnguni yize bezalwa khona. Abanye babethi noma sebehlubukile noma bagxoshwa emndenini ngezizathu ezithize bangakulibali ukuqhubeka negama likaMnguni ongukhokho wabo. Kukhona ngisho abayisende likaKhondlo kaQwabe(okungesiwo umlando omdala kakhulu), asebekulibele ukuthi baphumaphi. UKhondlo wayenabafazi abaningi kanye nezingane eziningi. Esinye isibonelo ngabantu bakwaMzimela, kuvelaphi ukuthi uMnguni ovela olwandle? Uma uthi indabuko yabo bakhe eMpangeni, uyazi yin I ukuthi leyondawo(ongoye)bekungeyakwaQwabe? Abantu baseMazimeleni babekwa nguShaka kuleyondawo ngoba ingasenamuntu. Abantu bakwaQwabe babeyishiye kudala, engakazalwa noShaka lowo, sebethuthela eMthandeni. Nabo abaKwaQwabe, akusibona bonke abathuthela eMthandeni. Ngakho-ke ukuthi “uQwabe ovela eMthandeni” yisisho nje, not isthakazelo. Emthandeni yikoMkhulu labantu bakwaQwabe kulesikhathi samanje.OGumede, Qwabe, Mnguni, abanamncele, lonke izwe ngelabo.

  66. nhlanhla

    Ngicela ningifunise izithakazelo zakwa Mzila.

    • Bafowethu, ngicela ningiphe izithakazelo zakwa Mzila

    • Bagcinile Mzila

      Mzila : Nyambane Khuzwayo Nomaqele Funeka ,Mzilinkomo

  67. Simphiwe

    Bayathandana abantu baka khuzwayo no mzimela ningichazela ngalabantu bobabili

  68. Samukelisiwe S. Magagula

    mina ngifisa ukwazi ngemvelaphi yakwaQwabe,izithakazelo zabo,nokwazi mayelana nezibongo abahlobene nazo.

  69. nkosy khuzwayo

    Ngicela umlando ngobukhosi baka Khuzwayo esephumile kwa Gumede

    • Mina ngicela ukwaz nngomland kaQWABE esephumile kwa mnguni sebehluken nano Zulu

      • Philani Gumede

        @Sibulelo, mude kakhulu lomlando owucelayo mfe2. Nokho ngizokha phezulu ukuze usizakale kancane. Okokuqala okumele sikulungise wukuthi uQwabe akaze aphume kwaMnguni.Kukhona emlandweni oQwabe ababili, owokuqala kanye nowesibili. Ngokunjalo naboGumede babili. Ngicabanga-ke ukuthi we a ubuza ngoQwabe wesibili ozalwa nguMalandela kaLuzumane kaMnguni. Njengamanjena buhlukene ka-5 ukukhosi bakwaQwabe; abaseMthandeni, abase-Waterfall, abaseNkanini, uQwabe-P noQwabe-N(labs ababili batholakala ogwini lweKZN). Amanye amaQwabe afudukela ogwini oluseningizima ngabakwaMakhanya. AbakwaMakhanya babehambisana namanye amaQwabe kuyiqembu elilodwa beta emcimbini omkhulu wesizwe. Uma sebrfike oThukela, lwangenisa abanye nasals ngaphesheya, bahlukana kanjaloke. Ekunqotshweni kukaPhakathwayo nguShaka, kwaba nombango esizweni phakathi kwendodana kaPhakathwayo kanyr naboyise abancane. Ekugcineni uShaka wabeka uNqetho kaKhondlo, owabe engumnaka Phakathwayo kodwa ezalwa endlini encane. Lutheran ekukhathameni kukaShaka, uNqetho wanqaba ukukhonza kuDingane. Wafuduka njalo elibangise eMampondweni. UDingane wamlandela ngempi eyahlangana amahlandla amathathu, kuwona wonke uDingane ubeshaywa abhulelwe amahlahla. Enye impi abatholane kuyo kwanzima, bekukwaNgcolosi ngakwaNyuswa. Nakalokhu kunendawo lapho okuthiwa kukwaNqetho eqanjwe ngalo igama laleqhawe. Umlando made mfethu, kodwa ngizoma lapho ngoba ngiyethemba ukuthi kukhona osukucoshile. Uhambo lukaNqetho nalo lwalunezigigaba eziningi esobuye sikhuluma ngazo. UQwabe-N engiphuma kuye mina, bayinzalo kaMteli kaPhakathwayo. UMtheli uzale uNgcukuca hyena ozale uNdunge. UNdunge uzale Stephen noShiyane. UShiyane wazala uNhlanhleni(Fortunatus). UNhlenhleni uzale ubaba ongizalayo. Uma kuba esidingo siyokwenaba ngemvelaphi yazozonke lezindlu zamaQwabe engizibalile, kuhlanganisa nabakwaMakhanya.

    • Thembela Khuzwayo

      Nakhu engikwaziyo ngomlando nobukhosi bakwaKhuzwayo engingenaso isiqiniseko kangako ukuthi: Umfana wakwaGumede ogama lakhe nguNyongwana wathandana nentombi yasebukhosini bakwaQwabe uNombedu eMthandeni, wabe esekhuzwa ngalesisenzo ngoba isibongo sakwaGumede siphuma kwesakwaQwabe ngakho-ke bayizihlobo. Abafowabo ababengazi ngalesisenzo bakhuza emva kwendaba, kanti umonakalo sewenzekile, usekhulelwe uNombedu. Sagcina sibikiwe isisu kwaGumede ukulandela isiko lesintu, izindaba zithe uma zifika enkosini yakwaQwabe mayelana nokukhuleliswa kwendondakazi yayo ikhuleliswa kwaGumede azangehla kahle, yabiza umhlangano wamaQwabe wonkana kukhona nabakwaGumede. Kwakulusiko kwaZulu ukuthi intombazane mayisikhulelwe kufanele umfana ayithathe ibe ngumkakhe, inkosi yanquma ukuqeda ubuhlobo phakathi kwabakwaQwabe nabakwaGumede, abakwaGumede bayiphikisa inkosi bathi umfana akathunywanga yibo, futhi bona bamkhuza ngalesisenzo kodwa akangalalela. AbakwaGumede banquma ukuzehlukanisa nalomfana, bamkhipha emndenini wabo, basebethi usenguKhuzwayo ngoba wakhuzwa, akakhe owakhe umndeni wakwaKhuzwayo. Inkosi yakwaQwabe yabona usizi indodakazi yayo ezobhekana nalo, ishada nomuntu ongenamndeni, yasika inxenye yendawo,yakaQwbe, yayinika indodakazi yayo uNombedu, wabe esegana yena uKhuzwayo, uNombedu waba yinkosi yokuqala yamaMbedu, kwaKhuzwayo. Ngicela ukulungiswa uma kukhona iphutha kulomlando.

      • Thandeka

        Mina cela ukwazi ukuthi usibiya ungena kanjani kuDlamuka noGumede

  70. Muzi
    Asikazitholi izithakazelo zakwa Myeni kodwa esikutholile ukuthi kusengabantu bakwa Hlophe o Samela, Thumbeza, Khala, Mabhengu, Nteshana…
    Mbathastan

  71. Muzi

    Mina ngifisa ukwazi ngemvelaphi yesibongo sakwaMyeni, kanye nezithakazelo zonke

    • nndabenhle

      Bathi sivela e swazini asiyona ingxenye yakwa Gumede

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: