clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

Abakwa Khumalo

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala.
U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane.
U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa.
U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela.
U Mashobane wazala uMzilikazi.
U Mzilikazi wazala uMangwana no Nkulumane owazala u Nokhenke owazala uNdlukayise owazala u Velaphi John Nombengula Thobela.
Nansi enye inzalo yakwa Khumalo:
Ndabezitha, Mashobane, Mzilikazi, Ngonyama, Nyandeni, Khukhuza, Ngwadla, Maweni, Macala, Zwangendaba, Msweli, Seni, Mbawu, Phungaza, Gwamanda, Muthwa, Mbulazi, Khulu, Zikode, Gawozi, Bheje, Nyathikazi, Mzazela, Shembe, Lobengula, Gasa, Mkhatshwa, Mawela, Nkomo, Ntokela.
Amanye walamagama agcina eyizibongo kanti amanye agcina engamagama nje.

Previous

Mnguni, Gumede, Khuzwayo

Next

Mdluli, Mdlalose, Nkwanyana

48 Comments

  1. Cela ithakazelo zaka nhlanzi

  2. ngicela usizo zihlobo abadala kimi endlini yakwethu bathi singabakwaMabhena bathi ngokubana uMzilikazi ebuya lapha kweleZimbabwe okhokho bethu bazintshintsha bazithi ngoMangena.bengabe bekhona na abangakwazi ngoNdatshela,kumbe uBebela ngoba they were one of Strong ibutho likaMzilikazi laseMakhanda

  3. Londy

    Londy khumalo ngicela izithakazelo zakwa Moyane

  4. Nokwanda Malevu

    Nami ngyafisa ukwazi ezakithi izithakazelo zakaMalevu mawkuthi uyakwaz ukuzibheka izithakazelo

  5. syanda khumalo

    A

  6. Mfanafuthi Zwane

    Ngicela ukubuza uZwane noKhumalo ngabe bahlobene na?

  7. Sbusiso Mzimela

    UNcala uhlobene kanjani noMntungwa?

  8. Mina ngisacela izithakazelo zika donsa nhlanzi mtima mzomba sikhakhane.zthin ezinye?ungena kuphi umaphanga uvezi udlabathu plz m so so confused now

    • syanda khumalo

      Aziphelele izithakazelo zakwa khumalo futhi asihlangani nalezi zibongo ogasa ka zikode ngoba kwaku ngamagama abantu no nkosi cha cha asihlangani thina sihlangana no mabaso,zwane kuphela for more infor u can contact me syanda khumalo 0638420481 ngwase nquthu min

  9. mduduzi Khumalo

    Ngiyasala lapha emlandweni angimuboni uBheje no Ndabezitha : Mduduzi Khumalo eMpungamhlophe

    • Crenpa Maraule

      Bakhona mfowethu bekisisa

  10. Cedric Shembe

    Mkhatshwa UZalwa kwaKhumalo .Bese ngithi uNxumalo noKhumalo bayazalwa ndawonye kodwa ngisafuna invelaphi .Ngoba yibo abakhela isifunda sakwaNongoma .Indaba yonakale Mangabe uLanga eseganwa uNtombazi ezala uZwide owabe esebiya ngamakhanda amadoda Kanti usezobulala uMashobane

  11. Cedric Shembe

    Khona lapho ngilahleka khona lana kuMzazelwa ozala uShembe ukuthi kanti Mayekiso noMalobe .UMalobela uyena owaba naMakhosikazi amaningi Waze wanikezwa iNkosikazi yakwa KuBheka .Owazala lendlu mina kwaShembe engiphuma ngaphansi kwayo .Abaningi abakamayekisa baseliSuthu akesiwezane lapho Mthithiya

  12. Thangithini khumalo

    Fr 30yrz ngingazazi kahle izithakazelo zakwaKhumalo ngyabonga boBheje,ngcela ihubo lakwakhumalo from Thangithini Khumalo Npg

  13. Sibonelo

    Ngicela owazi ezakwa MPONTSHANE please izithakazelo

  14. Busi Mntungwa

    Ngicela izithakazelo zakwaMntungwa

    • Zama Shezi

      Bengithi ngibheka ihubo lakwaKhumalo

  15. ingabe ukhona yini umehluko phakathi kwa Khumalo no Kumalo? uma ngabe ukhona, bahluke kanjani?

    • khumza1988

      nami ngisabuza umehluko kuKhumalo no Kumalo sizani

    • Nkosinathi Khumalo

      Kawukho umehluko phakathi kuka Khumalo no Kumalo. U Kumalo uvezwe ukubhala kwabamhlophe emapasini noma kuma ID. Obabamkhulu ngoba bengaqondi ukuthi kufaneke kube no “h” ku Khumalo. Yinto eyenzekayo nanamhla lokhu yizinhlanga ezingakwazi ukubhala isiZulu.

  16. Jack zondo

    Ngicela ukwazi izithakazelo zakwa Zondo nemvelaphi yabo

  17. DB Gumede

    Kuyaye kungiphathe kabuhlungu ukuzwa umuntu ethakazela uGumede noma uQwabe noma uMnguni bese efaka u-“Khuzwayo”. Emlandweni, uKhuzwayo waxoshwa kwaQwabe, ngakho-ke awusoze wathakazela uQwabe nomuntu amxosha. UKhuzwayo yena uyzithakazela ngo-Qwabe.

    Ngiyababongela abakwaKHUMALO/MABASO/NKOSI ngemvelaphi yabo.

  18. Robs Khumalo

    Cha sikhulu isizwe samaNtungwa. Kubalulekile sifundise abantwana bethu ukuze bazi ukuthi asibona abafokazane kanti futhi siyasithela nesibhaxu uma umuntu esicela.

  19. Sphiwr

    Mantungwa amahle nibahle kanti nomlando wethu usho lukhulu

  20. Khetho

    Awukwazi ukuganwa kwa Mabaso ngoba umuntu wakini lowo. Uma ukwenza kuyohamba kuhambe kuvele umkhuhlane ezinganeni

  21. Skhu

    Ngicela izithakazelo zaka Malevu nomlando wakho ngicela ningisize

  22. gugu

    ngicela ukubuza ukuth abakwa njoko ngabe bayahlobana yini nabakwa khumalo …ngoba thina sikhule kushiwo njalo…

  23. jabuh

    Mina ngingowaka Khumalo ngfisa ukwazi ukuty ingakanani inkinga njengoba ngithanda kwaNkosi Ndlangamandla.ngabe ubuhlobo bethu busondelene ngalendlela yokuty ngeke ngigane khona ngoba uma ubukisisa kahle kusho ukuty sihlobene sonke uthola isbongo othi wena asisona ishlobo sakho uthole ithakazelo ziyafana nezakho.like mina umama wami owakaLuthuli uMadlanduna uDondaa kanjan photo ngoba ngazi ukuty yithi oDonda please ngsizen

    • job khumalo

      Job khumalo
      mntungwa bakwandlangamandla ngabakwa khumalo siyahlobana nabo asithaathani.

    • job khumalo

      Thina bakwa khumalo asibathathi bakwa Nkosi ndlangamandla siyizihlobo

      • Crenpa Maraule

        Mina iyangixaka lendaba ngoba ngazi uDlangamandla kunguMtolo ,kwaKumalo manje

  24. themba twala

    ngicela izithakazelo nomlando wakwa Twala

  25. Ayanda Khumalo

    ngicela ukwaz ukuthi njengoba ngiwu Khumalo angeke ngakwaz ukshadela kwa Mabaso?

    • zakhele mabaso

      Cha mtungwa Ayanda angeke

  26. Siphindile Khuzwayo

    Ngicela ukwazi kabanzi ngesbongo sakithi (Khuzwayo) esephumile kwabo(Gumede) umlando kaKhuzwayo wona waqhubeka wathini? Ngyabonga.

    • Alfred khumalo

      Bengisacela ningixhumanise nabantu bakwa Khumalo , ikhana ngithola manje ukuthi ngingowaka khumalo. My number is 0787965349

  27. ngicela ukwazi ngendabuko yabakwaNkosi ndlangamandla

  28. Sunshine Njabulo

    ngicela ningipha izithakazelo zakwa mdluli nemvelaphi yakwa mdluli.
    Ngyabonga

  29. Phelelani

    CELA UKWAZI UKUTHI KANTI ONYAWOSE AKUBONA YINI ABAKWAMTUNGWA na?

  30. mncedisi Khuamalo EMakhosini

    Sengathi uNyawose uvela kuMntungwa mangibuka mina not kuKhumalo as Khumalo he’s a son of Mntungwa… Bt akesilindeleni we-T-MAN

    • Ayanda Khumalo

      Can we have a community forum based on this Sendo approach

  31. mncedisi Khuamalo EMakhosini

    Sengathi uNyawose uvela kuMntungwa mangibuka mina not kuKhumalo as Khumalo he’s a son of Mntungwa…

  32. mphikeleli ngubeni

    I need information on Ngubeni surname

  33. nkosy khuzwayo

    Sicela u mlando wabantu bakwa Khuzwayo sebephumile kwa Gumede

    • Sisazowubheka, uzongena masisha kulelikhasi, just follow us ukuze ubone uma sifaka i post entsha.

      Mbathastan

  34. UNyawose uqhamuku nini pho ku Khumalo???

    • Thulani le eka Nyawose nami iyangixaka ngoba Uma ngibheka akukho la evela khona sanhlobo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: