Buthelezi

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

88 thoughts on “Buthelezi

  1. Buthelezi Nzuzo

    Wow! This is really great to know (in detail) my ancestors whom are responsible for my surname. I think I’ll get my son’s first name in those names above. Thanks you guys.

    1. mbukiseni samuel buthelezi

      I like this thing of our history as we are buthelezi family

  2. khumbulani buthelezi

    Siqhamuka kanjani isthakazelo esithi Ngwane nesithi Ndaba esibongweni sakwabuthelezi?

    1. aycha nam ngyadideka ngo Ngwane nonyath bangena kanjan Mina gogo wam ozala ubaba uma Ngwane ay ngeke ngyayiphika ekangwane no nyathi

  3. zakithi Buthelezi

    can you please give me some information about the late Chief Mathole Buthelezi.I just want to know his backround and history of him please m begging you.

      1. Jabulani Buthelezi

        When are you going to write what you promised 2 years ago

      2. Sibonelo Mpntshane

        Can please tel me ukuthi isibongo sakwa MPONTSHANE singena kanjan kaBUTHELEZI please forward to ben.mkam@gmail.com

    1. banie

      kwasala kancane ukuba ngimfice kulomhlaba umathole khokho wam gqooo

    2. Vusumuzi M Buthelezi

      Inkosi Mathole Buthelezi, is your paternal great-Grandfather. He is son to Inkosi Tshanibezwe Buthelezi. He succeeded him to became Inkosi of Isizwe saKwaButhelezi.. He became Prime Minister to His Majesty King Solomon ka Dinuzulu (KwaDlamahlahla Place). Princess Constance Magogo Sibilile Ngangezinye Thombisile ka Dinuzulu married him to give birth to your Grandfather uMntwana waKwaPhindangene: your Father’s Dad.
      We do not chiefs but amamkhosi, Son!
      Your loving uncle

      Vusumuzi M Buthelezi

      1. nana buthelezi

        mmm so happy to know my Surname history, Oshenge abahle.

        thank you Vusumuzi M Buthelezi. i did learn more about Buthelezi’s Clan.

  4. lutho Nduvane

    Could you please provide me more information about Nduvane

  5. Lungisani Mpongoma

    Ngqenglele oyivalo zibili othi lesi ube uvula lesi

  6. Sthokozo

    Its really gud to knw your background. Yaz nami ngihlale ngizibuza ukuthi sihlobene yini nabakwa Khumalo ngoba indawo yasekhaya ibizwa ngokuthi iseMantungweni LE phansi kwase KuShumayeleni eMahlabathini

    1. Sandile

      sawbona mft. ekushumayeleni igama lomuzi we nkosi umnyamana ka nqengelele

  7. vusi Mbele

    Greetings. Ngithanda indlela eninolwazi ngakhona. Ngicela ukwazi ngabantu bakwa NCOBELA. Umlando noma iz it jalapeño.

  8. philisiwe

    plz help ngfuna ukwaz about iziduko zakwaMevana,angazi nokuthi ngngaqala ngakephi plz help and nokuthi uhlangana kanjani umevana nomajola

  9. Phumlani

    Hi guys is very good to anyone to know IMVELAPHI YAKUBO

    1. Lethiwe Buthelezi

      AmaNtungwa futhi ayangena kwaButhelezi ..mina njengoba ngiqome kwaKhumalo nje into ethiwani? Angena kanjan amaNtungwa la?

      1. siphelele buthelezi

        haw cc sale usumshiya loyomuntu phela owakith makunjalo

      2. Londiwe Buthelezi

        Ngyamangala nam Shenge ngoba ngiqome kaKhumalo

      3. Gatsheni Ndlovu

        Empeleni inkosi endala yakwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele yini, lenkosi yayiganwe amakhosikazi amathathu. Kwakungu MaKhumalo noKaMabaso kanye nomunye wesithathu. Lamakhosikazi ayehlala ndawonye enxiweni elilodwa. Lowo muzi wagcina sewubizwa ngokuthi kukwaButhelezi eMaNtungweni bngoba zimbili izintombi zakwa Mntungwa ezazihlala kulowo muzi wenkosi yakwa Buthelezi. Lezo zintombi ilezo-ke ezingu KaMabaso noMaKhumalo ngoba bangamaNtungwa bobabili. Abukho ubuhlobo phakathi kuka Buthelezi noKhumalo noma Mabaso.

      4. ntuthukozwane

        AmaTungwa = AmaTau (Ngonyama, Sibande, Mpande, Mathe, Mande, Dawuduna, Mandebele or Bereu Bakolong or Barolong BaRraTlou (Ndlovu or Ndou or Zhou or Sono or Chobi/Jobi) = AmaNdawo (or AbaTswa-Tsonga, lapha abagcina bebuswa nguSoshangane or Shah of the Ngan/Tau/Ngwane/Goane – also called abaTwa or Mpanga/Baka or Bakga.

        Most of us fall under the Ntungwa caste but it does not necessarily show kinship. Kinship, as far as I know, is same surname and the surnames we are told not to touch. Also ask a person all their family tree before you wed them including what they don’t call themselves anymore and the Zulu rule is go back 3 generations and you are safe, uphephe sisi.

        AmaThelezi amaKhafula (not Kaffir – that is a destraction to hide who we are) = AmaKwa/Ngwa + Fula/Mvula/Pula/Bula – UbuFula into esibaningi esiyiyo la eAfrica. Fula = Mbulwa or Mburwa = Borwa (the name of our country ngesiSuthu). Google Fulani people and see that the West Africans dress like Lesotho Sothos when in traditional dress. Lesothos Sothos are Zulu Hlubis – who are Amalala or Mpangalala to be exact or BakgaTla or BakaDla abeKunene or as we have come to know them – AmaSwati/Swazi bephuma kwabakwaSibiya, okunguyena owazala uTsulu owazala oThecua/Thekwa owashada noNala nano Hala kwaphuma amaThembu angaMpondo (Nala Ndebele or Nwa – as in Vanwa’nathi or simply Swati) and Hala Thembu. The = Nde in Mande or Mathe. Mbu = Fu = Pu.

        So, thing to remember is Suthu = Zulu (that’s why kuthiwa uZulu uSuthu) = Xhosa = Ndlovu = Tau = Soka = Sao = Sawo = Bonga = Buka = Phoka = Phalo = Nyika = Nyai = Mchichenda = Mjikenda. All South African people are the same. This tells me OButhelezi bagcwele emaXhoseni – oShenge or Sekwe or Sengwe or Seku or Sengo = Segou = Seko = Sowe = Showe – amaShowe.

        Also, look up the Telezi in Kenya but they come from West Africa amongst the Mande tribes that live there today.

  10. oka shenge

    this information is incomplete. one needs to refer to the Buthelezi Family tree to get the full picture. okunye okubhalwe lapha akusho khona. ngicela ukungandi kakhulu

    1. Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge Sowalisa!
      AmaNtungwa ngawesibongo sakwaKHumalo. Nxa kuthiwa Shenge ka Ndaba, kakushiwo uNdaba wakwaZulu noma emaMbatheni. Shenge isibongo salwaNdabandaba, bangabaKWAButhelezi. Babebulawa laba beNdlu kaNdaba okwaholela ukuthi baze bazibize ngoNdabandaba. UNdaba uzimele gelekeqe. AmaNtungwa lana angawaKwaSokhumalo Shenge.
      Emsinga nje, Shenge ucosha abantu bakwaDlamini. E-Bulwer ucosha oDlamini….E-Winterton usosha oDlamini, etc. yebo baklhona oDlamini bakwaDlamini. Kodwa abanye banga bakwaButhelezi , bangabeNdlu kaBheje kaNdenge kaLudaba kaQwangubana ozalwa yiNkosi uShenge . Baphoqeleka ukulahla isibongo ngoba babebulawa.
      uButhelezi uyedwa vo. Ningaganani. Nxa ubona udadewenu uzibonela nje omunye umfana wakwenu.
      SHENGE! SOWALISA! NKONYANE KAMLAMBO!

    2. Vusumuzi M Buthelezi

      Kungakuhle wande Shenge. Akekho okhuluma ngokugogda lapha ukwenza ulwazi lwakwethu kube yi-property yakhe.

      Shenge!

  11. Lethiwe

    mina Ngyaye ngizwe kufakwa no Guda makuthakazelwa kwa Buthelezi ngabe sikhona leso or ilezi eszingena nje ngokuhlukana kwezindlu , njengoba kunabase Nhlangano,Nukwa,njll?

  12. MaShenge amahle ngfisa lokhu kunganiphithanisi amakhanda, kahle kahle nami kunezithakazelo engiqalayo nje ngqa ukuzizwa kithi kodwa ngyakuqonda ukuthi kahlekahle emhlabeni sonke sihlobene, kuphela nje angeke sigananesodwa sisemndenini onobuhlobo obusobala, eg, uma ulalelisisa kahle even uBabamkhul ubuthelezi kwakuyigama lomuntu nazo zonke lezi zithakazelo ngokuzalana kuze kufike kuye uBaba uMangosuthu. so ngyavuma futhi ngyayibonga lencazolo esibhalelwe yona!!!!!

    1. Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge! UMntwana waKwaPhindangene Inosi kakusiye uBaba nje. Kanti isiNdlunkulu sakaButhelezi sithi nxa kubizwa noma kukhulunywa nobesilisa nabo abesifazane kuduma uShenge eShengeni lelo.
      Sondiya!

  13. Siphelele Buthelezi

    Ngyabonga ukwazi nje ngendabuko yakwa Shenge, futh kukhona nethakazelo ebengingingazazi. Sibonge kuleyo ndawo

  14. Malibongwe Buthelezi

    Mashenge amahle ngicela ningicacisela lapha ngenkosi uPhungase Buthelezi eyahlaselwa INkosi UShaka yabaleka EBabanango yayo bhaca eNgome manje angazi kahle ukuthi ubukhosi bayo buphelelaphi

    1. Zipho Buthelezi

      Shenge wena waseMcakwini indaba yobukhosi benkosi uPhungashe iyasinda ukukhuluma ngayo, ngoba emva kokuba isilo uShaka eseyehlulile inkosi yakithi eMcakwini kwabe sekusizakala indlu encane uNqengelele wabe esedla ifa lasendlini enkulu. Cha ngiyaye ngithi uma ngicabanga nginosizi ngimncome isincoma kanjani uNqengelele ngithi cha wasebenza futhi wasebenzisisa eqeda ngomlando wase ndlukulu eMcakwini ufakazi walokho umlando wendlu enkulu awuveli kahle, futhi abantu abaningi uma bethakazela umuntu wakwaButhelezi bathi Mnyamane kaNqengelele wena waseKushumayeleni. Indaba yenkosi uPhungashe ayaziwa ngoba yacindezelwa indlu encane. Ngiyaye ngizibuze umbuzo owodwa vooo uma ngijulile ukuthi “KAZI INKOSI UPHUNGASHE UMBHEKA KANJANI UNQENGELELE LAPHO BEKHONA ???????? NGOBA ISIZULU SITHI IFA LAKWENYE INDLU ALIDLIWA KWENYE INDLU!!!!!! Ngiyama lapha wenakaMevana akangakanani ungentende nomkhonto ungahlala ngoba wahlala kuZulu……… Ibinde inkosi ayiqedwa…….

      1. Thulani Mevana

        Sibonge ngolwazi olunzulu,nami bengifisa ukwazi kahle ngalesi sakithi uMevana…ngobonga ngosizo

  15. Masah

    MaShenge nina baka Phungashe. Ngiyajabula ukubona ukuthi kukhona abantu abafana nami. abawukhathalelayo umlando waMaShenge. Ngicela ningadideki ngamagama noma izithakazelo ezifanyo. lento iyenzeka namanje, EG… kungaba khona uSandile kwaKhumalo, aphinde abekhona nakwa Buthelezi. NakwaButhelezi ukhona uMageba hhay owakwa Zulu. Ukhona futhi uNdaba

  16. Phumlani

    Nokho lendaba yezibongo imunandi uma umuntu eyilandele kahle, inami kukhona lapho bengisala khona njengoba ngingowakwaButhelezi e.g. sekuthiwa Myamana kaNqengele etc. kodwa ngithi kini eseninolwazi phambili nisicushise zintanga zakithi

  17. Sakhiwo Buthelezi

    Ngicela usizo uma ningangibalela amadodana kaNgqengelele wakwa Buthelezi kahlehle ngifuna ukwaz ngoNobiya Buthelezi osizukulwane sakhe sizinze Ombimbini eMahlabathini naseThaka.

    1. Sandile

      lolo Sakhiwo ngiyabazi laba base Thaka koda angiyena owakhona. mina ngoka Phungashe wase mcakwini. uNobiya owase Ngome la besuka khona 0735885465

  18. Poppy Matekane

    Poppy Buthelezi:
    Cha siyabonga ngezithakazelo zasekhaya. Namuhla sesiyazi ukuthi sidabuka kuphi.

  19. Siyabonga Ndabazamashenge Buthelezi

    its true thanks Mina sengsizakele on my own ubaba akanaskhathi sabantwa so lokhu kungsize kakhulu sjabula khona lapho

  20. Khulani Buthelezi

    Sanibnani bantu abnlwazi ngomlando wakwa Buthelezi.Engicela ukukuqqonda ukuthi abantu bakwa Buthelezi njengoba isikhathi esiningi kuvame ukuthi umlando wabo ulandelwe ukugcina eMahlabathini nje,ngaphambi kokuba seMahlabathini babekade bevelaphi ngoba angikholwa ukuthi savele saqhibuka eMahlabathini? Ngiyathokoza – KHULANI SIMPHIE BUTHELEZI,eJabacu,eNquthu – KwaZulu-Natal.

    1. Vusumuzi M Buthelezi

      Sivela EMcakweni iBabanango leli lakhe enkabeni yethu kanjalo neThelezini.Shenge!

  21. Ndukenhle

    Khumbulani. UNdaba ingane yokuqala nqa kaButhelezi ayizale kuKaMnguni. UNgwane uzalwa uShenge

  22. Mcebisi Buthelezi

    Ngicela ukudlulisa ukubonga nami…Kuningi ebengingakwazi ngokudabuka koShenge kodwa manje sengiyazi…

  23. thandiwe buthelezi

    syabonga nokho ngididekile umuntu ujola kwa khumalo manje ngabe lokho akuvumelekile ay ay ay lento angiyizwa tu tu tu

    1. joseph phumlane

      Ngiyakuzwa nami lokho and my first born dauther from kwaKhumalo so ngangingazi and lokho kusha and futhi sonke emhlabeni sihlobene

      1. Vusumuzi M Buthelezi

        Qha kakonakele Phungashe. AmaNtungwa angawakwaSokhumalo. Wena unguMlambo kaNyathi ungkaNqwababa zinezinyembezi. Ganwa nje. Shenge!

  24. nhlahlo

    Naomi ngithukile ukuthi kanti sihlobile kwakhumalo,kuyiqiniso elingakanani lokho ,niqonde ukuthi intombi yakwabuthelezi ngeke igane insizwa yakwakhumalo.

  25. sidwell buthelezi

    Bengicela ningisize ngokhokho wami uMbhudula ozalwa nguFalaza, AbakwaButhelezi.

  26. Andile Buthelezi

    OkaShenge umtwana lo udinga ukugcwaliselwa ngolwazi lwendabuko yakubo

  27. Kwath angingiye mashenge amahle…ngyajabula nje ukwaz ezinye ithakazelo nemvelaphi yam…ngyabonga kakhulu and shout out to all shenges#proudly shenge

  28. Lethuxolo

    Yaz nami bengingazazi izithakazelo zakwa-BUTHELEZI kod manj sengiyazazi

  29. Thandeka Buthelezi

    Kuhle ukwazi imvelaphi yakho. Mina ngingumlanjwane kwa Buthelezi. Kepha sengibe nomlando nabantu abathinteka kulesibongo ( mlambo no khumalo) futhi nginengane yakwa mlambo.so ebengifisa ukwazi kakhulu ubohlobo bakwa khumalo naba kwa buthelezi.

  30. Ntombifuthi Ngiba uma Buthelezi

    Siyabonga ukucaciseleka ngomlando wakithi kuningi ebesingakwazi. Nathi sesizokwazi ukudlulisa ulwazi kubantwana bethu. Mashenge amahle nikhule nje ngolwazi.

  31. ntokozo

    mashenge amahle, mina ngokwami asihlobene nabakwakhumalo ngoba uma uwazi kahle amashenge uzokwazi ukuthi asikho isibongo esigane kakhulu kwabuthelezi ukwedlula esakwakhumalo,bese sihlobana nini ke sganene kangaka?

  32. mzamo buthelezi

    Cha akengiphawule nami mayelana noMkhandumba ngokuthi umbhali akaze aphawule ngozalo lukaMkhandumba ungowakithi egcekeni kwaButhelezi kwaMasondo igama lomuzi endaweni yasensukazi kwaCeza eMahlabathini. Mina nje ngingumzukulu kaMashikila kaKona kaMkhandumba kaMnyamane wasekuShumayeleni kaNqengelele wakwaNomahhina. Okunye nathi sidinga izwe lethu eladliwa ngabaseMpithimpithini behlangene namaBhunu ngiyaphela lapho maShenge bantwana bakaMnyamane

  33. Nhlanhlo

    Ngiyajabula ukuzwa ngomlando wakithi ko SHENGE ngifisa ukwazi ukuth umlomo omnandi naye owakhona kith yn?

  34. Gatsheni Ndlovu

    Abantu bakwa Buthelezi abahlobene nhlobo nabakwa Khumalo kodwa enye yamakhosi akwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele, waganwa amakhosikazi amathathu. Ababili bokuqala kwakungabase MaNtungweni ngoba kwakungu MaKhumalo beno KaMabaso bese kuba ilona-ke wesithathu engingamazi ukuthi wayengumabani. Lamakhosikazi ayehlala enxiweni elilodwa elagcina libizwa ngokuthi kuseMaNtungweni ngenxa yokuthi kwakugane lamakhosikazi amabili angamaNtungwa. Kuvela kanjalo-ke ukuthi bangamaNtungwa abantwana abazalwa kwaButhelezi kulomuzi wasemaNtungweni ngenxa yokugana kwalezintombi zakwaMntungwa ezimbili ezagcina ziqanjelwa umuzi wazo ngokuthi kusemaNtungweni.

    1. Vusumuzi M Buthelezi

      Boya benyathi obunjengezulu lasebusika obusongana busombuluka!

  35. Sipho J Buthelezi

    Sibonga ulwazi olunzulu boShenge nanokwazi ukuthi asihlobene neze noKhumalo ngoba,ngale kwalokho ukwazi ngemvelaphi ebanzi ngezithakazelo zethu kusho lukhulu

  36. Malibongwe Buthelezi

    Khuleka kini boShenge abahle ngiyabonga Zipho Buthelezi ngisala lapha Ndlu kaPhungashe njalo ngonyaka ngizwa kuthiwa isizwe samaShenge ziyahlangana eNgome manje ngiyadideka ukuthi ikuphi okuliGugu lakithi elikhona eNgome ngoba nami ngiyafisa ukuhlangayela nomdeni wam ngazi nokungama Gugu akithi ngoba umlando enginawo omncane owokuthi INKOSI UPHUNGASHE wabaleka wayo bhaca engome ngekathi inkosi ilembe UShaka imuhlasela sizani muzi KaShenge

  37. Malibongwe Buthelezi

    BoShenge ngicela ningicacisela ngeNkosi yakithi UZAMO BUTHELEZI ngibona bengamvezi emlandweni wamaShenge

  38. Jabulani Buthelezi

    Good evening Bomnyamane, I sencerely find it difficult to accept lezithakazelo with a clear conscious or pride, I have a suspicion of distortion and fabrication. I’m doomed to confusion for the West has intoxicated what is seen as a beautiful rich history of my family tree, it’s encouraging though that I see my family participating differently to this platform. I hope those who can truly translate our source of being can invest it to us before it’s too late, I also wish to sustain the names I have found to be associated with my surname. Thank you

  39. Sibusiso Buthelezi

    I’m happy to know zithakazelo zami.shenge sokaliso

  40. banie

    kwenziwa yini umfowabo ka mtwana mangosuthu u Mceleni okungumkhulu wami engafakwa emulandweni.

  41. Malibongwe

    Mashenge ngicela onolwazi angicacisele ngendaba yase Ngome esihlengini kusuke kungujwa umgubho omayelana nani

  42. Johnson Buthelezi

    Good, and it is better for us to know where we are coming from and how ?

  43. Mthulisi Augustine Mdluli

    Ngicela ukubuza ukuthi abantu bako Nyathi badabukaphi imvelaphi yabo?

  44. Mphumzeni kaMvulane

    Bahlobo ningadideki kakhulu… Umuntu owayebhala lomlando wakwethu oksiyena owakwabthelezi yingakho efuna sdideke. Makuwkuth uyawaz umlando wethu uMpontshane uPhungashe uMnandingamondi nabanye baphi ngoba nabo bangamakhosana akithi???
    Futhi nj emlandeni wakith uMntwana kaPhindangene esmaziyo not uMageba, angsaphathike ondaba nongwane ai ngyehlulek nokchaza!

    1. Singajabula Mvulane uma ngalungisa lapho ubona amaphutha khona. Thina lapha sigcina ulwazi olutholakala esidlangalaleni bese siyaluqoqa silubeke endaweni e yodwa ukuze lutholakale kalula. Uma ubona amaphutha singajabula uma ungalungisa lapho uwabona khona. #Mbathastan

      1. Vusumuzi M Buthelezi

        Bekungaba yinto enhle ukuthathelisa ngaphambi kokushicilela ukuze singadidieki. ngisho ukucela nje i-healthy criticism kuy omdala waKwaButhelezi ukuze aniyalele lapho ningaqonda khona, ngiyayithanda indlela okhuluma ngakhona. isikole siyasiza ngoba kawuzizwa unokusongeleka nxa abafundayo bephawula. Ubambe ngakho!

    2. Vusumuzi M Buthelezi

      Phungashe! Kufanele sikwazi ukuthi kunezangelo kwaButhelezi ezithathekeka kumanje njezithakazelo. ngoba nje uSowalisa: Inkosi uShenge wathi kungeke sivume ukuba amantombazana akwaButhelezi aqome abafokazana.
      wathi “sowalisa.” kodwa usuyaye uzwe abantu ngisho abakithi imbala bethi “sokalisa” sokwaliswa, etc.

Leave a Reply

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.