clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Nkosi Ndlangamandla

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

Previous

Abakwa Mthethwa

Next

Buthelezi Clan 😍 Umlando

48 Comments

  1. Mine nginemtfwana kaNdubazi.umkhulu wemntfwana seka shona kodvwa ugogo usaphila . inkinga umangabe ngihamba batsi bakaNdubazi abakhuleli emtini. Kufute ngimuyise ekhayi kibo.so ugogo wemntfwana utsi akusi wakakhe lomtfwana angisati. Is the any easy way out of this

  2. Senzo

    Okush ukuthi ngamafuphi nina basemaNdlovini abukho ubuhlobo phakathi kwethu boNkosi Ndlangamandla kanye noNkosi Dlamini,singathatha khona kodwa singathathi kwakhumalo

    Inkinga ke labo asebethathile\bathathiwe kwaKhumalo ithiwani ke indaba yabo.

    Ndlangamandla!!!

  3. Mandla Nkosi

    sanibonani nonke bakwa nkosi dlangamandla.
    ngicela usizo lwenu,i gama ngingu Mandla wakwa Nkosi kubo ka mama ,Masemola kobo baba.
    ngi khuliswa ngu mzala ka mama .i zinto a zihambi kahle,ngi hambile ngayo khanyi ngifuna ukwazi ukuthi yini inkinga.e ngikutholayo wukuthi abakwa Nkosi abajabulanga ngalesisi bongo engisisebenzi sayo.enginawo umlando wakwa nkosi,ngi cela u sizo ukuthi kumelengiyenzeni.ngifuna ukwazi izithakazelo ,ukuphahla,isiko mawuthole ingane,ukuphahlela ibhizinisi,ukubonga no uma ushada.

  4. Cha mtakababa ungalokothi ukucabange nakancane ukuthatha kwa khumalo uma nawe ungowakwa Nkosi noma Ndlangamandla.zingane zakithi lezo.angizibongele no Nkosi oMphazimakalanga.

  5. muke

    ngiyadideka mina ngingowakwaMtolo kodwa ngizalwa u Makhumalo

  6. Bongani

    Ngingu nkosi dlangamandla ngithandana ne ntokazi yakwa nkosi dlamini are we related please this is serious guys
    Please advise

    • MaNdlovu

      Mfwethu sengifunde la phezulu, bathi cha akuhlotshenwe.

  7. Mvikeleni(Bongumusa)

    Sanibonani maNtungwa bengicela ukubuza ukuthi njengoba ngingowakwa Ndlangamandla(Mntungwa) ngingathathayin kwaKhumalo sonke singoMntungwa?

    • Sibongile

      Hi brother,

      Bathi abandala no ways??

      • Mandlakayise

        Ndlangamandla, Ngizalwa esthenjini, umama ungu-Khumalo. Sibahlanu kumama, siphilile akukho okhubazekile okwenzeka uma iy’bongo zithathene. Abafowethu kobabomkhulu nobabomncane nabo bakhona omama bakwaKhumalo.

  8. Vusi Nkosi

    Ngibingelebonke oNkosi nginguvusi Nkosi ngisempangeni ngiceka ningifunise u petross Mzwe Nkosi engonje plz bakwethu 0723277164 ngijabula mangumtholi

  9. SIBONGILE

    Aayi ke!!!!!! this history yabantu bakwa NKOSI its really confusing nje ,mina my grandmother owakwa DLAMINI wandela ka NKOSI. They say we are not related nabantu nakwa Dlamimi.

    SBONGILE NKOSI

  10. jabulile

    Ake ningisize mina ngingowakkwa Langa ngifi una ukwazi kuthi lababantu abakhe eMsinga Emachunwini bawolanga Bathi ba wolanga Noshaya bahlobana kanjani nomchunu.

  11. believe mtungwa

    abakwaMABHENA bona ngobani ngichasisele

  12. thandanani

    Ngicela ningisiza lapha ngezibongo zenkosi yakith e Ngoje kamagojela ngyazama kuzifuna angzithol okungenza ngzifune ekubekwen kwama khosana kwethu nam ngingomunye oyinkosan yakwabo

  13. Mfundo

    Bafwethu uMfundo lo ngingenela ngoba ngididekile nje kodwa sengibonile okuningi ukuthi ngithole kulonyaka ukuthi empeleni ngizalwa ubani so kuningi engisafuna ukukwazi so ongakhona ukungisiza nawa manambami 0797958686 anginayo imibuzo kubaba ongizalayo so ngicela angisize laphoke isibongo uNkosi bathi bangama ngwane so ngacela ungiphe imibuzo uleyonama kwi whatsapp or call ngibuze ubaba mina ngyobuya kuwe nempendulo plz neh NGYABONA ozithobayo Mfundo

  14. Lisa

    I am dating a guy yakwa Khumalo and mina ngiwakwa Nkosi Ndlangamandla. now that I have read lezithakazelo I feel so disgusted. Can I love my brother kodwa

    • Mina ugogo ozala ubaba wami wayengowakwa Khumalo.. Egane umkhulu wakwaNdlangamandla…

  15. Mzamiseni Mtshali

    Mina ngizalwa kwa Nkosi Dlangamandla ngake ngathandana nentombi yakwa Nkosi Dlamini kodwa ekhaya bathi sihlobene sabe sesiluhoxisa uthando lwethu kwaba ngu Mzala wami

    • Lisa

      Cha thina bakwa Nkosi Ndlangamandla asihlobene nabakwa Nkosi Dlamini kodwa ke akusenani nino Mzala seniyoxolisa izinhliziyo…

  16. jabuh

    Guys ngicela ukubuza mina ngingowakaKhumalo bt ngithanda kwaNkosi Ndlangamandla.ngabe iyisima kanjani me indaba yam?

  17. Mina ngyadideka ke manje kwa Mtolo, kuvela ukuthi uDlangamandla wayengu mholi wamaTolo safikela ezweni lezintaba zokhahlamba sihamba nabase Mazizin safikela ku bathwa uGasa ehlala ehlathini lase Qhudeni enomuthi wokunisa imvula nokduminsa izulu, angikho ke lapho kakhulu kodwa ngyadideka manje uma senikhuluma ngo Gasa kanye no Ndlangamandla ngcela ongangchazela

    • thulani nkosi

      Cha ungakhathazeki lapho Amatolo ngaMaNdlangamandala Umlando wabo useNgoje lapho kudabuka khona sonke isizwe sikaNdlangamandla Kungaba kuhle kakhulu uma ungazitholela wona enkosini yakithi INkanyamba yamaNdlovu 0729466819

      • makhosonke

        sanbona
        bengicela izithakazelo zakwa MAGUGU nomlando wakhona

        thanks in advance

    • Xolile Nkosi

      oMtolo abathi Dlangamandla thina boNkosi sithi Ndlangamandla. Asihlobene noMtolo. uGasa igama lomunye wokhokho bethu owayezalwa uZikode wakwaKhumalo. Asihlobene noGasa isibongo. Fundisisa kahle ukuthi uthini lo mlando obhalwe phezulu.

      • Bongekile Mtolo

        Ngyabonga mina nam ngazi ukuthi uNdlangamandla akahlobene noMtolo Dlangamandla, kodwake omtolo abazinze eSwazini bathi Ndlangamandka angazi kanjani

      • Busi Nkosi

        ngiyabonga wena wase Mandlovini

  18. Siyethemba

    Mina ngifuna ukwazi ukuth uma uya epitoli ezithombeni zamakhosi esikakhokho uNondabula waseNhlonga kwaNdlangamandla ozalwa nguManyaza sona siphezulu kungani kunjalo ngyazibuzela nj ay kabi

  19. Pearl Mbokazi

    Hey guys, i typed in my surname (Mbokazi) and there were no results, so i would like to add this info:
    Mbokazi, Donda, Sontuli, Hlumakazi ka Mdaka, Wena wasolwandle, Lwandle olungawelwayo! Oluwelwa izinkonjane kanye nabelungu, bona abaphapha phezulu, wena kaMhlakazanhlansi, phahlaphahla kubeSuthu, Sobiko kaSongabi, wena wesibongo eskhulu, kasishiwo emzini, wena kaMhlakaza nhlansi zibashise, wena kakhukh’olukhulu, olwahlanganisa indlu yakwaHlekazi, intombi ezekekayo kaHlumakazi kaMdaka, wena kaNqamlathusi, wena kaSnqamu’sobhedu, wena kaMlamlankunzi ziyeke zibulalane, wena kasichumo esbamba bantu sibayeke, wena kaNkos yomfazi. wena kaMtete, Mnguni kaCilo, mbokazi

    Those are the names I was told maybe you guys have more knowledge of others.

    • Sol OEHM Nxumalo

      wazw wayenza into endle Hlumakazi. Siyabonga umnikelo ongaka. Kuyabonakalo ukuthi kukhona izithakazelo nezihasho.
      Sol OEHM Nxumalo

  20. jonas

    Ndlangamandla king of kings mbuzeni ndlangamandla frm pretoria 0727535611

  21. oNdlangamandla baphuma kuphi nendawo

    • thulani nkosi

      ONdlangamandla babuya eNgoje Lapho sekuthiwa khona kuseLouwsberg UDawid Louw waphiwa lendawo ngoba wayebuya ebusotsheni wase enikwa indawana nje ezweni lakithi ngoba sasesichithiwe Lona leliya elakithi Kondwa inkulu indawo yamaNdlangamandla Umlondo wonke useNgoje enkosini yamaNdlovu INkanyamba

      • thandanani

        Ingoje ylona izwe lakith kwa Nkosi noma kukhona abazama kulibanga

    • Thabo

      Ondlangamandla baningi endaweni yase Phongola lapho ngibuyakhona. Ondlangamandla, Nkosi, Mntungwa, phazima kalanga, swela sasemandlovini, omabele made wancelisa ingane ingaphesheya komfula. Umbhulaze umnyama. Thabo James Ndlangamandla Mahlangu. 079 940 2923

      • Thulani Nkosi

        Wena weNdlovu enamandla Ngiyathemba senizwile ngomkhosi wamaNdlovu wonke ozoba ngomhlaka 19 September eNgoje Uyoze uphele ngomhla ka 20 September ngakusasa Bikela bonke obaziyo Mphazima ukuze siphelele sonke isizwe sakithi

  22. Smangele Dlamini

    Mina ngcela ukbuza ukth abakwaDlamini abanesthakazelo esinguMntungwa bayini ngokoLimi? N bahlobene yini noNkosi?

    • Nomfundo Dlamini

      Bangama swazi and yebo bahlobene nabakwa nkosi

  23. Mlungisi Gasela

    UGasa uhlobana kanjani noSiwela ngoba phela yena engowakwaNdwandwe, Mina ngazi usiwela ehlobene noKhumalo uGasa yena ezalana nabo Zwide kaLanga naboSoshangane. UMashobana yena ngowakwaKhumalo hayi kwaZikode looqanjwe ngaphezulu, angazi njalo ningiqondise uma ngiphosisa. Ungathi yingxabangxoza le ebhalwe la.

    • @Mlungisi oGasa babili, ukhona owakwaNdwanwe ozalwa nguLanga kaXaba yena ezala uMhlaba ozala uSojiyisa (Ref: The South Eastern Bantu P82). Bese kubekhona owakwaKhumalo ozalwa nguZikode yena ezala uMagugu, Donda noSiwela.

  24. Bongani

    Giyacela Ukuba Uisbuze Ukuthi Uthini Umlando Wakini Sizokwazisawona tThina Sigo Nkosi Ndlagamandla Mphazima Kalanga Aisihlobananga No Dlamini Futhi Saphuma Kwa Khumalo

    • Bongani Nkosi

      Bafo ngicela ukwazi kusho ukuthi ngingaba nobudlelwane nentombi ezwalwa kaNkosi Dlamini noma isebenzisa isibongo sakwaNkosi noma uDlamini

      • Senzo

        Nami yilokho engfisa ukukwazi zalo uma kuthiwa asinabo ubuhlobo noNkosi Dlamini kusho khon ukuthi siyathatha khona nabo bayathatha kithi vele asihlobani bona bangoDlamini thina singabakwaKhumalo

        Kuyacaca

      • Tony Nkosi

        Syabonga Nkosi I ngathi singaphumelela sonke isizwe sasemandlovini

    • Dlamin noNkosi kuyahambisan njalo nje ngeke ngize ngqomise kwa dlamin ngngowakwa Nkosi?

      • makhosonke

        ngicela ningisize ngomlando wakes Magugu

      • e v ndlamangandla

        Ngibingelele isizwe senkosi ukuzalana kwabo kwabakanjena. Ngofishane nje umntungwa wazala ukhumala. Khumalo wazala umzilikazi. Umzilikazi wala umashobana nondlangamandla .Undlangamandla wazala.uvezi Indiana. Uvezi wazala umakhwela. Umakhela wazala indlala .undlela wazala umlotshwa. Umlotshwa Waze kakhulu ngoba naseswatini wazala Usiwela inkosana yakhe. Usiwela wazala ufelaphakathi kanye nophefeni novukayibambe nabanye Ngeke ngabaqeda Bona bazala omkhulu abazala obaba. Ngazi lapho Nami.

  25. Thandeka

    Ngicela ningisize ngomlando wakwa Khwela (ngishadele khona) no Mngadi ( ekhaya kithi)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: