clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Ngobese, Mqungebe 😍 Ngobese Izithakazelo noMlando

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abantu bakwa Ngobese

Abantu basemaQungebeni: Kuthiwa lababantu babehlala emigedeni ngase Ntabantuzuma kwaze kwaba nezinsolo zokuthi bangama Zimu kodwa zaphela uma kubonakala imfuyo eningi kanti futhi babenamasimu. Bavelele kakhulu ngesikhathi inkosi uSenzangakhona Zulu ethatha isithole sakhona uMphikase. Yiso lesisithole esingunina wenkosi uDingane owasoconga umnewabo iLembe. U Mphikase wabe engunkosikazi wesithapha ka Senzangakhona.

Indawo yabo beyisuka eBabanango ize iyoma ngomfula uMzinyathi. Ngalesosikhathi babeholwa uXongo owalandelwa indodana yakhe uSihayo obuse ngesikhathi se Silo saso Ndini uCetshwayo.
U Sihayo uzale uMehlokazulu no Mkhumbikazulu. U Sihayo yena ukhothame ngesikhathi uZibhebhu ecoboshisa izikhulu zaso Ndini ngo 1883.

Izithakazelo zakwa Ngobese

Khaba, Xongo, Sihayo, Mehlokazulu, Mkhumbikazulu, Nonjini, Gudlumkhonto, Mdonswa, Mlambo,
Bantungwa abamnyama,
Mdlabela, Mthintisa, Gamandane, Phalane, Mzongela, Mbikwa, Malabela, Sothulisa !
Ntinde lase Ntuzuma,
Enadelumbuso nawunikwa abezizwe naqondukhlupheka,
Nina enakhishwa ngenoni emgedeni,
Bakwa nkonyane kazibukizulu,
Bakwa Nyathi ingalala ngecele kobe konakele,
Nina baka Nomashina ngoba eshanaze umuntu nge jozi!
Bakwa qhambule bethu uyaminya!
Mabhekana nempi yase Sandlwana,
Nina magqobhagqobhane yayikade ihlokolozwa.
Maqungebe Amahle !!!

Previous

Buthelezi Clan 😍 Umlando

Next

Mchunu

70 Comments

  1. Bengicela onganolwazi eke engichazele ngokuthi uGamndane wayezalwa ubani yena wazala bani.
    Ngiyazicelela MaQungebe amahle

  2. Bright Ngobse

    Ngiyabingelela Nina enadela umbuso nawunika abezizwe,Nina enagiya ngezingaxzizamadoda eSandlsane.Esinyr izibongo esingesihambisana NSE no Ngobese esakwa Khana,abafowethu nodadewdthu labo,Mawungebe

  3. Sphamandla Ngobese

    Ngiya jabula ukuba u Ngobese Umqungebe Gudlumkhonto

  4. Nelisa

    Gamndane yithi labo❀️

  5. Nelisa

    Gamndane yithi labo❀️

  6. Bongile Ngobese

    Ivelaphi ibalulekile. Siyabonga Maqungebe amahle

  7. Mcebo Ngobese

    Ayikho into ebalulekile okundlula ukuthi uzazi ukuthi ungubani uphumaphi uyaphi, asbonge bodadewethu nabafwethu abazali .

    “Long leave MaNgobese amahle long leave.”

  8. Zandi Ngobese

    Mqungebe, i think this is the history of the Ngobese Chieftancy, not Kingdom. Thank you

  9. Fanele

    Mina sengfisa ukwazi ihubo lakity kwaNgobese

    • Noma kulukhuli kungcono singabuyele ntuzuma kusho thina maqungebe

  10. Dumisa

    Ngicel ukwazi ukuthi zihlangana kanjani lezibongo eyimbili we sisi unoKuthula Ngobeni and Ngobese?

  11. Sibusiso Ngobese

    A long time ago Sihayo had many sons but I want us to specifically look at Mbhokodebovu and Mehlokazulu you see Mbhokodebovu was the eldest son in the Ngobese clan and was next in line to be King but after the was the war in esandlwana the king Cetshwayo went to Swaziland ask that they must hide Mbhokodebovu there till the war was over. you see 500 cattles were sacrificed to spare the life of Mbhokodebovu therefore the throne was to be protected and the younger son Mehlokazulu was asked to hold the throne till Mbhokodebovu came back after the war to rule. time went and when he reached Swaziland he gave birth to Squthu snodaka entuzuma so he was named after the place Nquthu that was said Mbhokodebovu would rul when he came back after the war. this side Mehlokazulu gave birth to Mdonswa who told the people that he is holding the throne till the real king of the Ngobese clan came back to take the throne. Mdonswa gave birth to Thathezakhe Ngobese who is still alive and also still holding the throne for the real king of the Ngobese clan. now to that side Mbhokodebovu died living behind a son Squthu snodaka entuzuma ngobese who he told to go back to Nquthu to rule. Nquthu gave birth to Qiliba Ngobese who was also known as Maqhude ayeqana and who was also tod that he must go back to rule in Nquthu.

    correct me if I am wrong
    the throne of the Ngobese clan goes as follows after Sihayo
    >Mbhokodebovu
    >Squthusnodaka entuzuma
    >Qiliba
    >then the son of Qiliba is still alive living in Swaziland waiting to be fetched by Thathezakhe Ngobese

    • Thami

      Hi, I wish to get clarity about the Mlambo – ngobese connection. When I read through izithakazelo zakwa ngobese I saw mlambo as well. My partenal gran is a ngobese, she has kids with Mr Mlambo. It seems to me that they are related.

      Apologize I will see your reply later on in time

      Much appreciated

  12. Ekhaya eMaqungebeni ningabakwethu Nina

  13. Dumisani Dadaza Ngobeni

    Sicela onolwazi olujulile ngesibongo sakwa” Ngobeni “lapho esidabuka khona ngoba kubukeka okwangathi sisondele kakhulu nabakwa “Ngobese” nomlando wabo awuhlukanga kangako siyacela silahleki le ngempela (pls ask your elders if they have information)

  14. Dumisani Ngobese

    Ngaze ngajabula ngokuthola imvelaphi yami nezithakazelo zakithi

  15. lindy ngobese

    ngiyajabula kakhulu ukuthola ngomlando wakithi asbonge maqungebe amahle

  16. Kuhle futhi kumnand kakhulu ukuzazi ukuthi ngidabukaphi.
    Aybambaneni maGamndane amahle futh’ adumile

    • lindy ngobese

      asdumeni ngokuhle mantinda sandise ubuqhawe bamaqungebe

  17. SIHLE MZONGELA, MQUNGEBE, NGOBESE

    KWAKUHLE UKWAZ NGEMVELAPH YAM N I’M PROUD OF DAT

  18. Busisiwe Ngobese

    Ngaze ngajabula ukwazi ngemvelaphi yami, asbambane maqungeb’ amahle.

  19. Manelisi Ngobese

    Ew madoda umuntu useziwazi umlando wakubo… wasiza internet

  20. Phili ngobese

    Maqungebe amahle umlando wethu umnandi nanokuthi asibancinyane nathi kulelizwe

    • Sandiswa khaba1 ngobese

      Khaba ngisenqutu abaziyo nathi kusenzalabantu hlanganani bo ngobese

    • Gqamile ngobese

      Kwaze kwakuhle ukuzazi mangobese. Ayikho into enhle njengokwazi imvelaphi yakho

  21. Ngaze ngajabula ngokuzwa umlando wakithi

    • Fanele

      Siyabonga ngomlAndo nezithakazelo. Mina sengfisa ukwazi I hubo lasemaqungebeni

  22. Ngobese Phiwe

    Ngaze ngajabula ukuthola izithakazelo zami Benghazi ezincane engazisthelwa umkhulu benginganelisekile Ngiyabonga

  23. nami ngyakujabulele ukuba idelakubusa yane yith abantu Lana magamndane amahle

  24. Ntokozo ngobese

    Ngyaziqhenya ngo sihayo udelamubuswa umqungebe wam

  25. Thabisile ngobese

    Wow kwaze kwabamnandi ukuba owakwaNgobese ngathanda lesi esithi nina enaphuma ngenoni emgedeni.

  26. vukani Ngobese

    Ngajabula ngomlando wamaQungebe, noma nginokudodeka nje ukuthi yini kugcina sikuyisiqeshana nje indawo ephethwe yinkosi yakwaNgobese kodwa kubalwa indawo engaka from Babanango to Umzinyathi river

  27. Phili ngobese

    Hi maqungebe amahle kufinyelelwa kanjani entabantuzuma en kupublishwa kuphi

  28. Sicelo Ngobese

    Ngangingaba yini kodwa ngingeyena okwaNgobese

    • MHLONISHWA OLUNDI

      Phambili ngoMdlabela sinomlando omuhle ngisho ebukhosini bakwaZulu

  29. Ceebahle

    Yoooh kant we are also calld abo malinga kwangobese wow

  30. Ntsikelelo

    Ntsikelelo
    ngobese

    ngyathokoza mengizwa
    occ no bhut beziqhenya
    ngokuba iqungeb’elihle
    nangemvelaphi yethu

  31. Thina eMaqungebeni sinomlando omude nomuhle KwaZulu kuphinde kuvel ubuqhawe boSihayo. Mana njalo ndlu yakwaNgobese wande njalo syabonga.

  32. Nhlanhla Ngobese

    Kwazekwakuhle ukuzwa lezindaba sengathi nabanye bangafunda lapha khona bezoqonda kuthi asibona bokuhamba thin a kulelizwe kodwa salilwela singaMaqungebe; nime nje nina boSihayo nina boNyathi ingalala ngecele kobekonakele

  33. kwanele Ngobese

    yo cctz sashisho xeim

  34. nonjabulo

    ngaze ngajabula ekugcineni ngiwazi umlando wakithi ukuthi sivelaphi. yazi ngangithi hlampe samaswati nje. cha kanti singamaZulu ngampela

  35. sibonelo ngobese

    Ngaze ngajabula kwazi umlando wakithi kwangobese ithina labo omqungebe abahle

  36. Simphiwe A Ngobese

    Mantuzuma ngibe nosuku olu gcwele injabulo ngalolwazi engiluthole namuhla nokthi sibaluleke kangaka

  37. Xolani Ngobese

    Waw ngaze ngaziqhenya ngokuba yiQungebe namuhla sengiyazazi ukuthi ngingubani futhi ngivela kuphi.HLANGANA NGOBESE

    • Ngobese Mdumiseni

      ngaze ngajabula ngoku caciseleka la kulesthakazelo esity mlambo ngob khon u anti owashadela kwa mlambo manj bengnokdideka ukuty kanti asihlobene yini

  38. Philly Ngobese

    Hi there I just want to know ukuthi isibongo sakwa Ngobese is it divided in to two ngoba if ngifunda izithakazelo sisodwa kuphela esifana nalezi engatshelwa zona abadala bakwaNgobese my grannies

  39. happy Ngobese

    M so glad ukwaz imvelaphi yam bengit mangdibana nomuntu wakwa Ngobese sthakazelane beset donda bengdideka ngoba ngazi udonda kukhumalo bt today I got more information ngokhumalo kut u related kanjan n also mlambo ngnithanda ukubhubha maqungeba amahle

    • Manelisi Ngobese

      Gamdane, Sihayo, Maqungebamahle

  40. Lindokuhle Ngobese kaSihayo

    Mmm kwaze kwathi cosololo kwehlakamnandi ukufunda ngomlando wakithi madoda tell me more…

  41. Ngobeze Zonke

    Ukwazi izibongo nomlando wami kungeze ngazizwa ngiphelele. NingabaKwethu nina bo Sothulisa!

  42. kwanele ngobese

    I’m proud of my heritage

  43. Babongiwe Ngobese

    Wow I am so happy to know myself.I am Ngobese.mqungebe

  44. Mpilenhle

    Awu madoda yithi labo Magamndane amahle!!! Sothulisa!

  45. Ngaze ngajabula ngokwaz imvelaphi yakith aw shem nath asbancinyane

  46. AmaQungebe amaqhawe amakhulu emlandweni wasemzansi, yize noma abuye ahlakazeka ngenxa yempi yabamnyama nabamhlophe. Khona kunjalo asabumbene namanje ayahlangana njalo ngonyaka aye lapho edabuka khona eNtabantuzuma.

  47. mzokhona

    Ngaze ngajabula kakhulu sengyaz mnj ukt ngsukaph.. gyayqhenya ngokuba iqungebe ngybonga

  48. khaba mlotshwa

    Ngicela ningihlaziyele isibongo sakwaKhaba. Isithakazelo nomlando waso. Ngiyabonga.

  49. zethembe majola

    Sybonga ngokusinika umlando wethu nokusicacisela nje ngezibongo esihlobene nazo

  50. Ngelosi Ngobese

    Just need to find out if Ngobese is related to Khumala as it say ‘Bantungwa ‘abamnyama. As well as ‘Mlambo’

    • qiniso ngobese

      Asikho isibongo esingena kwangobese ungobese uzimele nje. UMlambo no Mtungwa amagama abantu lawo bakwangobese

      • Nontobeko

        Nginithanda big tym koMqungebe ngazalwa khona nami

  51. Busi Ngobese

    Ngaze ngajabula ngezakw ntinda ngiyaz qhenya ngamaGamndan amahle

    • mzukulukaqheke

      yithi abantu nabelungu bayazi

    • Nami ngijabula kabi ukuba uNgobese sisi wami sibambane njalo singalahlani.

    • NONUHLE NGOBESE

      YITH’ABANTU NABELUNGU BAYAZI

  52. Smanga

    MbathaStan or anyone, please decipher the following for me:
    Mabulunga amahle wakwaMohlo, wakwaNdaba ivakala, wakwaKhala wakwaKhomdwaku. Nina bakwadada elibhulamanzi ngezimpiko, bathi ubone ngani ukuthi abasedadeni sebefikile, bathi sibone ngamanzi edungana.
    I really need to know the origins of the above praises.

    • Ntobe

      Ngyanthand kwangobes

      • nathi

        siyakuthanda nathi

    • Kunjalo njer boSihayoπŸ₯Ίβ€οΈ
      Syabonga ngolwazi lwemvelaphi yethu …lusisiza kakhulu thina esisebancane esingaz ngomlando wakomqungeba

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: