clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Myeni

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.

Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.

Izithakazelo zakwa Myeni:

Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.

Previous

Nzama

Next

Izithakazelo zakwa Hlatshwayo Clan Names and brief history

49 Comments

  1. But if umawakho owaka Mnguni
    Ubaba owaka Myeni kufanele ubize Bani osbongo

  2. Mbhobho I mean

  3. Izithakazelo ZakwaMafuleka
    Ndinisa
    Mbobho kaBikwayo
    Mlaba
    Mazalankosi azala uDlambula azala uLubelo
    Mzomba
    Ndlela zinomswani njengezendlovu
    Thuliswayo
    Bhejelibomvu!!!

  4. 0725311742

    nazi izithakazelo zakithi uma seziphelele
    Mnguni,nsinde, mzimela
    mnguni waseningizimu
    wena owawela imfolozi nemfolozana
    wawela umkhuze nomkhuzana
    wathi ungaphesheya komfula wachatheka ugwayi wabhema
    ngisho nasentendeni yesandla uyenela
    wena wakwa Mdolomba ongengakanani
    ngoba nasothini lomkhonto uyahlala
    mabasa endleleni zombili
    enye eyokuya enye eyokubuya

    nanti I HUBO lakwa MYENI

    AKE SILUNGUZE SIKE SIBONE
    SAZE SAFELA NDAWONYE
    AY WE MANKWILI
    AKE SILUNGUZE SIKE SIBONE
    SAZE SAFELA NDAWONYE

    ELINYE LITHI

    YATHUTH’ INTUTHWANE
    IYISA KWA MHLABA
    BAYENQABA NGINGENE ESOKWENI

  5. Nosipho myeni

    Ngcela ukwaz ukuth abakwamyeni bakuhlanganisa konke yini umdolomba no mnguni ngizwa abaye bath bahlukene omyeni

  6. Nontobeko Hlekwayo

    Ngicela ongangisiza ngezithakazelo zakaHlekwayo

  7. Musawenkosi Vuma

    Mina ngifisa ukwazi ngesibongo sakwaVuma ukuthi sivelaphi, nezithakazelo angizitholi ma ekhona ozaziyo ngingajabula ukuzazi.

  8. Thnks a lot to know more knowledge about the MYENI’S surname this is for the sake of my daughter n her father yena ungowakwa myeni EMANYISENI THNKS 4RM THULISILE NXUMALO.

  9. Thabile Mendu

    Ngicela ningisize ngezithakazelo zakwa Mendu

  10. THOBEKILE

    Mina ngingowakwa Myeni elavumisa ngidinga usizo angiwazi undeni wami ngyafisa ngelinye ilanga ukuxhumana nawo ukhona yini onganginceda plz igama lababa u Sikelela Myeni

    • Musawenkosi Vuma

      Uma kungenzeka Abe ukhona awazi isibongo sakwaVuma nomlando waso angisize, nangezisho zakhona.

      On Wed, 13 Jun 2018 00:11 Izibongo Nezithakazelo, wrote:

      > THOBEKILE commented: “Mina ngingowakwa Myeni elavumisa ngidinga usizo > angiwazi undeni wami ngyafisa ngelinye ilanga ukuxhumana nawo ukhona yini > onganginceda plz igama lababa u Sikelela Myeni” >

  11. Israel Myeni

    Izithakazelo zo Myeni..

    Myeni, Mnguni
    wena wase Ningizimu,
    wena owawela iMfolozi neMfolozane,
    wena owawela uMkhuze noMkhuzana,
    wena omabelemade ungancelisa ingane ngaphesheya komfula,
    wena kaMdolomba ongengakanani nasentendeni yomkhonto ungahlala.

    Mnguni Malambe, ingwenya ayidli enye ingwenya,
    ithi ingadla enye ingwenya isuke isilambile.

    AbakwaMyeni abayidli Insingizi ngoba yabathusa ngaseMhlosinga bengayazi lenyoni, bethi isilwane.
    Wena owabhala ngozipho abanye bebhala ngempenseli.
    Izindlu zakwaMyeni uNsinde no Mdolomba….

  12. Israel Myeni

    Mina ngingowakwaMyeni Eswazini. Ngizalwa ngu Maduna indodana ka Ngngelezi owayeyiduna eNtabayengwe ngaphansi kweNkosi un Zombizwe Mngomezulu.

  13. Thobekile

    BANI OWAZI IMIZI YAKWA MYENI E SWAZINI KWELAVUMISA?PLZ ASHO IF EKHONA OWAZIYO

  14. Nontokozo Ngwenya

    njengoba ngihlobene nabakwa Myeni ingabe ngivumelekile yin ukusebenzisa izithakazelo zakwa Myeni uma nginga zazi ezakwa Ngwenya?

  15. moffat

    Is there anyone knowing about the surname Xhakaza pls let me know if you are there

  16. ntombieh kunene

    Ngicela ukwaziswa ngezithakazelo zakwakunene odlomo nt ngwenya

  17. Ntobeh Mathebula

    Ngcela usizo ngezthakazelo zakwaMathebula

  18. mteshane clan

    plz ngicela izithakazelo zakaMteshane

  19. njabulo I Msweli

    Please am in need of izithakazelo zakwa mashaba plz assist

  20. Loool m too want zithakazelo zakwa hafene

  21. Nkosinathi Myeni

    Izithakazelo zakwa Myeni
    Mnguni Ngwenya Mdolomba wena waseNingizimu mabalekela insingizi,wena owawela iMfolozi neMfolokazana wena ongeneli entendeni yesandla,Ntombi zenda ngonyezi ezabanye zenda ngomnyama. Thumbeza Samela Duma

    • Nonhle Myeni

      haaa sihlobene nongwenya futhi ay ngeke sigane phela suka

  22. Ngicela onolwazi eziphelele zakwa Myeni ngingathokoza kakhulu uma ngingasizakala

    Ngyabonga

  23. savuya mdolomba

    Ngicela ukubuza ithakazelo zakwMDOLOmba

  24. ntombi

    cela ningsize ngethakazelo zakwaMbhele.abakwaMyeni bavelaph?

  25. plz help me i wnt the mthupha clans i need 2know it for the sake of my son

    • Msindazwe William Mthupha

      Mthupha ,dzablase kwesaba mabulali indlovu ingabulawa sigidza mthonjeni kwanotsa wena kwesaba lonjenge ndlandla wena lonemkhala emkhonweni njenge nkhomo mthupha

  26. Zakhele Mzimela

    What i was told is that Myeni was Mzimela at first. He impregnated a Mzimela woman. He was than refered as “umyeni” meaning “the husband” when people we speaking, they were hiding his surname.

  27. sphiwe

    ngicela usizo ngezithakazelo zakaMthabela

    • Cinderella

      Ingabe bakhona oMyeni ababuya e Mocambique? Plz help.

  28. thembisile

    Ngicela usizo nge zithakazelo saka ngomane kulo tatiko

  29. Nosipho

    Ngcela ningiphe izithakazelo zakwa Mteshane

    • zamarh

      nam angizaz zonk ngaz ezincan mteshane,mnyeni,thumbeza

  30. themba twala

    ngicela umlando nezithakazelo zakwa Twala

  31. ngicela usizo ngezithakazelo eziphelele zakwa Myeni makukhona ongaba nolwazi lwazo ngingathokoza kakhulu uma ngingathola lolu sizo from Sfiso

    • ntokozo rhadebe

      ngicela onolwaz ngezithakazelo zakwa Radebe angisize bo

      • solomon

        Rhadebe
        Mthimkhulu
        Ndlebezinhle zombini
        Mafuz’afulelwe njengelifu lemvula
        Mashiya amahle njengenyamazani
        Sgoloza esimehlo abomvu esithi sikujoga kubengathi siyakujamela
        ……

    • ntokozo rhadebe

      nami ngyafisa ukuzazi ezaka Myeni bakith

  32. sipho

    I need a help for izithakazelo zakwaYengwa plz

  33. xolani myeni

    Ngicela ukwaz ukuth zonke izibongo izifaka umnguni ngihlobene yini nazo njenboba mina ngingowakwa Myeni nje. Ngyabonga

  34. bongah mfeka

    Engabe uMfeka uhlobene noMyeni? Ngoba nabo oMzimela, Mnguni?

    • Walter myeni

      Cha umfeka akahlobene nomyeni umlando awumvezi umfeka phandle kamzimela

      • ntuthukozwane

        Walter, oMyeni babuye babizwe ngo Mnyamana or Jemini or Dlemini or Yemeni or Myeki or Mkile or Mkweni or MaNgweni or Jamane or Lamane or Lamula or Dhlamani or Damara or Daman or Malan or Magan or Ngwane or Maun or Maweni. Abanye amagama abakwa Myeni AmaGina or Ginites or Gininda or Ginindza or Guinea or Ngai or Magaye or Michael or Maliwa or Matiwa or Mzila or Amaziya or Mazwane. OMyeki are also called Jaine or Jalinkosi or Nkosi-Jali = Jalinga = Jalai = Janai = Matshana = KaJali = Galai = Gcaleka = Maluleka = Malulale. Izizwe ezingaphansi kwabakwaMyeni zibuswa ilana abazalwa uMthethwa = Mbambo = AbaMbo = Mkhize = Cis = Mphephu = Zwebu = Zvebu = Zbebu = Ziphephu = Siphupha = Mpambosi = AbaBusi.

        Laba abantu abazalwa kwaSibiya, bebizwa ngoZwane or AbaNtwane or AbaNtwana or Nzwane or Zwane or Matiwane or Mthiyane or Mathanias lr Mathathias or Mantatisi or Mthanti or Ethai or Mthayi or Mngadi or Khathi or Qwathi or Ngwadi or Ngwati or Cohath.

        This is a house ebuswa aBeNguni. House of Guni = amaPhuthi AbeNguni oKhambule or Malambule or Namuel or Nabonkosi or Mambo-Nkosi or Mbambo-Nkosi or Mbambosi or Miphiboseth, son of Jonathan, son of Saul, son of Cis or Mkhize/Zwide/Zie/Seni of the House of Jemini.

        Indlu yakwaMyeni is the Big House of the Biyela-Dlamini or Benjamin or Nyamane Clan that is the right-hand house of the Ndlovu house that is the Zulu royal House. Indlu yakwaBenjamin ibizwa ngoKunene ibuye ibizwe ngoMthethwa noma Khumalo no Latha or Deda or Dada or Dadeni or Matatiele or Madedane or Ndidane. UMnyeni indlu yabaNtwana ezala amaKhosi akwaZulu and the ones sizibiza ngawo e.g. Mthaniya = Matiwane = Mazwane = Zwane = Azania = Azane = Esan = Msane = Sela = Hlela = Ndlela = Ndlange or Mandrakes = Mandlakazi.

        Iyo lendlu ezibiza ngamaXhosa, abaThembu, Mfengu, Gqunukhwebe (angoCebekhulu = Linda = Nzima/Nzama/Zuma/Manzi/ Amai = Micha = Mchwayo = Cubu-Ngwane = Damara = also a tribe of Namibia). We came from Central Africa, around Angola from a Kingdom called Angola = Nango = Nako = Sikhathi = Segadi = Sebola = Mazibuko = Manzi-Ngcobo = Manzini-Mbo.

        Abantu bakwaMthethwa abakaZwane bonke. This is the whole of KZN. The whole of Africa igcwele abantu bakwaZwane. Zwane means MuNtwane = Umuntu + Wane = Ntulane = Ntulela = Ntulila = Tolane = Thangoni = Zangweni = Sangweni = Zwaneni = Zelani = Siyane = AmaZiyane = Siwela.

        AbaseMaNgweni, oThulini, eZulwini.

        Mangethe (Ngidi = Magidi = Mdingi = Ntini = Othni amakhosi akwaMzimela/Semenya/Mtshemla/Jemla/Masimula, abeSuthu) = Baria/Vhalea/Marewa/Molewa/Biyela/Abihail/Abulawi/Boroa + Sama/Nzima/Nzama/Linda/Cebekhulu = Zebulun = Gwede = Mugede = Gumede = Bakhithe = Bakhize = Biyase = Mvelase = Mbuyazi = Mbulazi = Sebiya = Sibiya = Sibani = Zibane = Thuphane = Tubane = Masilela = Silela = Sithupha = Khathi = Nako = Ngai. ONgai or Magaye bathathu Korea bahlobene kakhulu kangangokuthi bayathakazelana = 1. Mathanias/Mthania/Sedecias/Zikode/Zolide or Zoide = Zwide = Segadi = Sebola = Sayidi = Sandile / Jadihel 2. Galal or Galai or … Kalawi or sons of Malawi or Malinga or Maleka or Mulenga or Recha or Rika or Rai or Jeri or Jine or Myeni or Nyika or Nyai or Nyathi or MaNyathi or Magadi or Mngadi or Kalika or Gaika or Gcaleka or Maluleka (a. Gathrapha or Shabane or Sarvia or Zeroua or Mzila or Gwabini or Biyela (Mnguni) or Sibiya or Sabela or Ndabane or Tabane or Mthabiya or Mthabela or Ntombela (all refer to the same people) b. Phesseni = Bheseni = Mphezeni = Ngobese = Kubisi = Lubisi = Tubisi = Sibisi = Sompisi = Mpisingo = Mbensele = Mbenseni = amaQungebe) = Sebeni or Nsimbini and lastly, c. Tehinna or Tehai = Thaine = Thingane = Dingane = Dinane = Dikela = Madzikane = Ntshona (Magwaza = Mazwanga = Mazwana = Mazwane)) and lastly, 3. BacBacar = Banibanga = Babanango = BabaNgola = Babakoa = Barbacoa = Babanga = Babalwa = Babiya = BaGabi = Bacambi = BaGcwabe = Mncwabe = Qwabe = Phekwa = Phika = Phinga = Pai = Bhayi = Mbai = Mbali = Palesa = Zulu.

        UGumede uzala uDlangezwa or Hlanguza or Sakuza = Sankosi = AmaHala-Nkosi.

        SingabaThembu. UZwane uveka KwaNdlovu eQhudeni.

        Izizwe zakwaZwane = Mkhize, Mthethwa, Xasibe, Khathi, Makua, Nyathi Makuanyathi= Mkhwanazi = Dlomu = Lomu = Molomo = Oromo = Ndlovu = Mdolomba (Cebekhulu) = Matiwane = Mthiyane = Cele = Magwaza = Ndiweni = Mangwe/Machi/Miya/Manci/Ngema/Guma/Ngoma.

        The glue for one Zulu state is Zwane. Every province has a Zwane area. We are Pedi by origin, amaZulu in general. Siphuma kuSothone or Esthon or Stone or Sithole or Sothole or Lesotho. This is who we are!

        AmaZulu abantu bakwaMthethwa nabakwaQwabe. NgesiZulu-Sotho kuthiwa amaSeru or Seror or Zeru or Zoro or Mzolo or Mtolo or Tholo or Tlou or Ndlovu or Ndou or Zhoulou or Tulu or Turu or Lutu as in Lutuli = Zwane = Toure (West Africa) = Ituri (Congo) = Ntuli.

        In the Bible, Zerubabel or Zorobabel and Semei came back to Jerusalem from Babyolonian exile and formed the nation known as Hebrews post the exile of Babylon.

        Lezi izindlu ezibizwa ngokuthi iNsindeni. Izindlu zamaKhosi asakhothama akwaZulu. amaKhosi ngokwawo Korea inye inkosi yamaKhosi. AmaVenda, abeTswana/Zwane/Tawana/abaNtwane baseBotswana Limpopo, North West, Northern Cape, amaXhosa, Tsonga, Bemba, Lunda-Luba etc. In Africa were once part of us but, ke, basidayisa abaNtwana benza amaDeal nabelungu bawuhlakaza uZulu.

      • ntuthukozwane

        Zwane = Mazuwane = Bantuwane = Kantu = e.g. Ntuthuko Ka Ntu = Son of Ntu.

        Zulu, Ntuli, Lutuli, Toure, Ndlovu, Chopi, Mjobi = Jobe = Lope = Qwabe = Gcwabe = sons of Ntu.

        Ntu is also Edo. Eddo is a kingdom in Africa where Israelites and more specifically the Levites lived. It is written as so in the Bible.

        Kantu is also called Gando of Dlomo clan and is also called Gwato = BamaNgwato (most senior clan of Botswana, the Khama presidents are the rulers of this clan) = Tongwa = Ntuka = Mntungwa = Ndonga = BaDogwa = BaTlokwa = Hlongwa = Dzonga = Roka = Moroka = Ronga = Ndau = Mudau = Batau = Tau (means Lion) = Duma (means lion) = Ngonyama = Mbube = Mphephu = AmaTonga. These are the princes and rulers of the Zulu together with their King of Kings.

        Myeni is not a surname but a House = has different surnames under it but it is a ruling house. A person of Royal stock would leave their house and change their surname from Zwane to that house they are ruling. At Yemeni, it shows where we came from in the Middle East before the destruction of the temple. OYemeni kungasoDlangezwa naseNdlangubo kwaQwabe eNyakatho naKwaZulu, KwaZulu uqobo.

        Zonke izizwe zakwaZulu ngezakwaZwane futhi ezakwaDlomo:
        1. NZUZA
        2. DUBE
        3. MZIMELA
        4. MBAMBO
        5. MTHETHWA
        6. NGCOBO
        7. MACAMBI
        8. CEBEKHULU = Gqunukhwebe = Damara = Mdolomba
        9. ZUNGU
        Etc.

        • Bongela Tembani

          I want to know, ndiva kusithiwa kwakukho uMnguni 1 ngaphandle kwalo uzala oLuzumane, Malungana Swati no Ndebele

  35. Aningisize ngezithakazelo zakwa Mashaba bakith nakho ngingazitholi

  36. Babevilapha abantu bakwa myeni ukwenza izithakazelo

    • Israel Myeni

      Akulona iqiniso lelo. Bheka ngokulandelayo izithakazelo zoMyeni

      Angikwazanga ukulamanisa (genealogy tree) amaKhosi akwaMyeni lapha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: