clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Nzama

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abantu bakwa Nzama kusengabantu bakwa Wosiyane, Imvelaphi yabo ikwa Ngcoba bahlobene no Dube, Nyusa nama Qadi. uNgcobo no Mkheshane bazalwa ngu Vumezitha wakwa Nyuswa bahlobene futhi no Shangase.
Abantu bakwa NZAMA Wosiyane baningi eMvoti.
Ake selamanise amakhosi akwa Wosiyane ngoba isibongo nesibongo umlando waso ulandeleka ngamakhosi aso.
Nzama, Manjanja, Khumalo (hhayi Mntungwa), Mvakela, Mashiza, Ngombane, Mvakwendlu, Tshani (hhayi wama Ngwane)
Kukhona nabanye bakwa Wosiyane abazibiza ngo Chamane.

Izithakazeli zakwa Nzama:

Wosiyane, Gcugcwa, Mashiza, Dingila, Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi,
Amanye amakhosi edume ngesithembu,
Nina enawela ngelibanzi,
Kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina baka mfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wsidwaba,
Zukula kano Mbhoco,
Gcugcwa ka Ncameni,
Nina base Ntendeni.

Previous

Mchunu

Next

Myeni

25 Comments

  1. Manduleli

    Ngoba isizinda sabo sise mzimkhulu nase mkhomazi

  2. mike

    PLEASE SIZANI BO THINA SIFUNU OBANI ABAFIKA KUQALA KAWOSIYANE ENDWEDWE
    KUNGANI LABOBANTU BENGABANGA AMAKHOSI KHONA

  3. mike

    many things is not clear how this NZAMA become king KWAWSOSIYANE as seems like they came from MAMBULU.

    • Manduleli

      Umahlawe yena uyangena lana?

  4. MaSindy Sindiswa

    Siyabonga ngoMlando wethu bakwa Zama oChube oChamane oWosiyane sengisho uShongela phela hhey

    Ngicela ukubuza mina uZama kusawu Shezi kanjani?

  5. mike

    Mingela ukwazi kabanzi ngezithakazelo zakwamabizela nomlando wakhona please

  6. Fana Nzama

    Insimbi eyethu maWosiyane amahle abanye sesingabazama nje noma ngobumba ngoba asincishani.

    • Sikhumbuzo

      Uphele ebhayibhelini Bhuti Fana ukuze ubone sifuze bani ngekhono lensimbi. Genesis 4 verse 22

      “22 USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama. “

  7. Zama

    Siyabonga bafe2 ngolwaz enisipha lona

  8. Busisiwe Dube

    Syabonga ngokusicacisela imvelaphi yethu, engicela ukukwaz ukuth kwenzeka kanjan uDube noNgcobo babe yinto eyodwa?

    • U Dube kwabe kuyigama lendodana ka NGCOBO ubaba ka Mafukuzela yena owabe esekhetha ukusebenzisa igama likayise njenge Isibongo.

      So abakwa Ngcobo akusibo abakwa Dube kodwa abakwa Dube ngabakwa Ngcobo

      • onzama izithakazelo zabo zihlukene noma basebenzisa esisodwa

  9. ntokozo

    aaaaaaaw! ogcugcwa madoda omkhandi wensimbi ngigcwele

  10. zanele

    Cela ukubuza uma ungowakwa Shangase awushadi nomuntu wakwaNgcobo? Ngabe abukazwe buqedwe ubuhlobo some how?

  11. mlu

    siyabonga uqhubeke njalo mfwethu kodwa awuthi ukwand la kwa shangase.

  12. Aw yithi labo ozukula ncameni wosiyane

    • SITHABILE

      HAWU NKOC YAMI YITH LABO OMASHIZA

      • Sanele Nzama

        Ngithanda ukwazi Ngo Gcugcwa, lomlando nginesifiso ukwazi ngaye. Ngingajabula mangase ngazi ngomlando wakhe ukhokho phela lowo

  13. Aw yithi labo owosiyane ozukula mmm

    • Nonkululeko Miya

      Bukhona ubukhosi kaNzama?

  14. manqoba

    sbonga kakhulu ngomlando we2 mashiza makhosi ondabezitha baka nzama inkosi yakhona itholakala endwedwe kawosiyane egweni komkhulu bamawosiyane

  15. melisizwe Mchunu

    Kubonakala sengathi uthumele kabili ngephutha. Ngibe sengiyicisha enye I comment ngoba zifana ncamashi.

    Siyabonga ngokuzinika isikhathi.

    Stanley Mpikiswano Mbatha

  16. ZOΓ‹ ZWANE

    Very interesting ngishadele kangcobo haww kuthi Γ ngide

    • Bonginkosi Confidence Nzama

      Ngyabonga kakhulu ngomlando wakwa
      Nzama

  17. Zithin ezakwa Ngobe izthakazelo?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: