clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Ndlovu Izithakazelo noMlando

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi

Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!

Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:

Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaNdlovu

Previous

Mkhwanazi

Next

Stanley MONDLE Mbatha

172 Comments

  1. Sphamandla Ndlovu

    Sphamandla Ndlovu

    Gatsheni
    Ndlangamandla, Ndlovu zidla ekhaya ngoba ehlathini ziswele abelusi
    Zaze zaluswa intombazane uDemazane,
    Msotho wezingubo ezibovu,
    Ngwadla yamabhudle eyathi ibhudla omunye yabe ibhudla omunye ngayizolo,
    Manyama kaMadinane
    Nsungulo azigobi zinguzile, zagoba emhlahlandela,
    Nina bokungena ngenhloko lapho kunokufa khona
    Mpongo kaZingelwayo inyathi emnya eyazingelwa abafokazane
    Boyabenyathi buyasonga buyasombuluka
    Mthiyane ngokuthiya amdoda emazibukweni
    Mdubusi kaRadebe
    Sihlangu sihle
    Nina bakwakhumbula amagwala
    Gatsheni omdala wena woThol’dala kaMsuthu

    Ntozakithi ngila ngifuna umlando wabo okhokho ngoba ngibadingela ukuthi umzi kaGatsheni ungavalwa futhi ngizowuvusa ngoba bengthume ngalengubo abangzalise ngayo

    Ngicela ulwazi olubanzi ngesikompilo kanye namandla okhokho(umdali into asipha yona)

    • Prince Ndlovu

      Ulahlekile uhlanganisa abantu abangahlangene, uGatsheni woTholdala kanjani uRadebe wani loyo? Waze wabiza uGatsheni nje ungabe usafaka abeSotho else ungenalwazi

  2. Bantu bakuthi uNdlovu mnye kuthi sonke eAfrica, uza ngomlibo wobukhosi bamaNtungwa, uNdlovu-Mntungwa Ozawa nguMasoka,Ozawa nguMusi,Ozawa, nguMhlanga yena uNdlovu wazala uDlamini, isithakazelo esihlanganisa ooNdlovu bonke, “NguNdlovu Zidle khaya ngenxa yokuswela abelusi” ukuba sandiswe njani zizindlu ngezindlu yicreativity yabantu ngabantu kubekho o dlangamndla, ooboya benyathi, oosihlangu, noskhosana, singamaMpembe, ImiNhuhu, AmaHlubi namhlanje.For more info Siviwe Magidigidi uNdlovu-Mtungwa,Genesis,Malinga etc

    • Fanie Mbekezeli Shiba

      Mina nginguNdlovu wakoMalinga ungangichazela ukuthi siseseyibo ogatsheni na.

  3. Eric ndlovu

    Ngiyaxolisa ukuphuma eceleni bengicela owazi ihubo lakwaNdlovu angiphe lona
    Mina nginguNdlovu lo onguNdlangamandla
    Ihubo eliculwa uma kujajulwe .neliculwa uma kunesifo

  4. Patrick Ndlovu

    Zingelwayo was not Ndlovu’s only son. Thus Mpongo was not Zingelwayo’s only son. I think that is why Ndlovu people have different praise names. Mzilikazi also left with Ndlovu people to Zimbabwe. Why Ndlovu’s in Zimbabwe (Gwande and Bulawayo}and South Africa Zululand and Natal) speak the same language called isiNdebele and isiZulu respectively? Both languages are similar. Brothers and sisters in Zimbabwe your ancestral roots are here. You are welcome to your forefathers’ land.

    • nkhensani

      thokoza, I hear you. what is the difference between Ndlovu and Ndlhovu

  5. Rapelang Nyathi

    May someone help me with Nyathi clan praise please

  6. Portia

    can anyone help me ekhaya dingo Ndlovu but we don’t use gatsheni sisebenzisa Ndlangamandla.
    anyone owazi lezithakazelo zakithi kwa Ndlovu but lezi zika Ndlangamandla pls help ngyadinga kuzazi zonke

    thanks (Portia Ndlangamandla)

    • Bongani

      Ndlovu ndlangamandla ngokudla mandebele inkomo zadla ekhaya ngokwesela abelusi ezaluswa intombazane u dema udemazane

    • Hi Portia. My name is Bongani Ndlovu. Nathi si ngo Ndlangamandla and I also need to know izothakazelo zakithi. If uzitholile please DM me on Facebook. I’m Bongani Bizaar Ndlovu on Facebook thanks

    • Aphile Balungebonke Ndlovu

      Ndlovu
      Ndlangamandla
      Ngokudla amandebele
      Msuthu
      Nkomo zidle khaya ngenxa yokuswela abelusi
      Zaza zaluswa intombi U Demazane
      Mthiyane ngokuthiya amadoda
      Nina bakwa shlangu sihle
      Nina bakakhumbula amagwala
      Nina bakwa shlangu sihle
      Nina bakwa Mdubusi

      Angizazi kahle zonke

  7. Thabani Ndlovu

    noma ngabe ungumuphi u ndlovu, ekugcineni sonke singundlovu zidle khaya ngokuswela abelusi, udemazana ntombazana, omdubusi, zikhona izithakazelo ezifanayo kithi sonke ngalokho ngingasho ngithi sihlobene

    U Thabani Ndlovu lo

    • Sithabile Ndlovu

      Mfwethu πŸ™Œ

  8. Mziwamandlovu

    BooTungwa, ndimamele. masifundisane.

  9. Fraser Mncedisi Ndlovu

    ngingu Fraser Mncedisi (Ndlovu) Ratshitanga

    ngiphethethe isihlahla somndeni wakwaNdlovu, O Ndlovu abasenhla nezwe nale KZN.
    Ngobuningi sakhele I Newcastle izinkaba zethu zasala Esidakeni naphansi kwentaba iMadlangeni e Utrecht. bakhona abanye bethu abaphakathi kwe Vryheid ne Mondlo kanti futhi nalapho safudukela khona ngo 1969, sisuka eMadlangeni saya OSizweni lapho sibaningi khona futhi. lesihlahla ngasiqala ngingedwa sabe sesingenelwa ngundeni ngesasa, sesikhulile manje, sinenjongo yokuhlangana no Ndlovu Gatsheni, oMpongo laba abaneNkosi yowesimame,

    lesihlahla siqala kuMgebisa size ngo Mnyama sehle size sifike kulesizukulwane sethu, mina ngazalwa ngo 1967 khona e Utrecht, ngisebenzela e Pretoria umuzi use Midrand kodwa ikhaya elikhulu lisekhona e NEWCASLE, Osizweni e ward 13 duze Ndonsa ne Xolani high schools.

    ngizothatha isikhathi sokuhlela lesihlahla bese ngisifaka kuyo lengosi yezokuxhumana kungedala nje. ngiyanxenxa ke nabanye besondele sokwazi ukwakhwa lelifa labantwana bethu.

    isisusa somlando sithi: uMgebisa no Gatsheni bangabesende elilodwa bangabeSotho babelwa izimpi zombangazwe, babaleka e Lesotho baphuma ngentaba Mnyama, bazongena ngezintaba zondi, e Underberg, KZN. Lapho bahlukana Umgebisa yena omdala wakhuphuka waya enhla nezwe kwathi uGatsheni waya eZulu land lapho afika walwa khona izimpi zombangazwe saze iSilo Ushaka samklomelisa ngomhlaba, kuphinde kuthiwe UMgebisa waba yi ngede YESILO Ushaka okwasiza isilo ukuthi sithubeleze size siyongena e Lesotho.

    thina sithi:

    Ndlovu, Ndlangamandla, Nkomo zadla ekhaya ngokuswela abelusi, zaluswa yintombazane u Demazane, Msotho wezingubo ezibomvu, ngwadla yamabhudle eyathi ibhudla omunye yabe ibhudle omunye ngayizolo. Manyama ka Madinane, nsungulo azigobi zinguzingile ,zagoba emhlahlandlela, nina bokungena ngenhloko lapho kunokufa khona.

    ngiyema lapha

    ngizifaka kanye nesihlahla kulengosi yezokuxhumana, ngitholakala kakhulu nge cell nange email

    cell: 0726161290
    T: 0123932800
    email: [email protected]

    • Prince Ndlovu kaGatsheni weNguni

      Yiphutha lelo uGatsheni akabuyi eLesotho nesizukulwane sakhe abayena abeSotho futhi uShaka gokozaloutisizukulwane kuGatshenimqnje uma uhlanganisa uGatsheni noShaka ulahleke kakhulu ndoda! UNdlovu owathunjwa nguShaka uTlou wazala uTholudala banesizukulwane saboke labo thina oGatsheni ningasfaki lapho

  10. Macnally Siyabonga Ndlovu

    Sengiya dideka ke manje… nginguNdlovu
    Gatsheni,boya benyathi
    Mpongo kaZingelwayo
    Dingiswayo
    Impunzi evuke nomkhonto emawunzi
    Isambane esimb’ umgodi singawulali
    Ugagane oluvalela abantwan’ eziswini
    Umhlaba dabuka ngimbe ngingene
    Umkhonto usimuka noNdiyane
    Njalo njalo….
    Ake ningichazele ngoba indabuko yethu sonke singabakwa Ndlovu ihlukile… aningisize nangeyami if nizokwazi.

  11. Melody

    I’m a Ndlovu Gegana, please help. I’m lost

  12. Gerald mabuka Ndlovu

    Mina ngu Ndlovu kamthombeni ovela ezimbabwe,ngifuna ukuba kwazi ukuthi isithakazelo sami siyafana ngasomuntu wonke na kumbe kumele lami ngizitheme ngotathegulu bakithi.Ngicela lingisize bogatsheni.

  13. Nkoskhona

    Bogatsheni cha asehlukene nakancane siphuma sendelinye njengobanibona ukuzalana kwabo khokho bethu mina engifisa ukukwazi kakhulu imvelaphi kaGatsheni lapha kuthiwa singabenguni kodwa ezithakazelweni sibuye sibizwe ngabesuthu cha nina bakwa sihlangu sihle yithi abantu. 08 5407 626

  14. Douglas Thulani Ndlovu

    Kanti oNdlovu Mkhandela bona badabukaphi

  15. Mthonti/Lamula

    Ngicela usizo ngemvelaphi yesibongo sami

    Mthonti; Lamula; Mwelase ongaweli ngazibuko Owela ngempambosi zomfula; Mpangazitha Ukhokho wethu ngu-Sigananda

  16. Mina ngphuma kwelika Mzilikazi eZimbabwe ngyathanda ukwazi ngoladu wakiti wakiti wako Ndlovu. Uma sibuza omkhulu ngomladu wethu basikhomba eNatal bathi basuka eNatal ngeskhati sika Tshaka.bati basuka bebaleka ngoba bantshosha inkomo zikaTshaka.

  17. Gatsheni Ndlovu

    Indaba yesibongo sakwa Ndlovu iyinkinga ngoba abanye bathakazela bathi “sehla ngesilulu sasoSuthu, sadla inyama singayidleli ogqokweni siyidlela enyongweni”

    EyobuSuthu ilokhu ivela njalo esibongweni sakwa Ndlovu.

    Lena-ke yokuthakatha kuka Mpongo iyiqiniso ngoba njengoba sibizwa ngabakwa Mthiyane nje asihlobene thina noMthiyane owuZondo kodwa singoMthiyane ngesigameko ngoba abakwa Ndlovu babentshontsha izinkomo zikaMacingwane wakwa Mchunu kanye nezakwa Khanyile uma zidla edlelweni. Babona abantu ukuthi izinkomo zabo ziyaphela ziqedwa abantu bakwa Ndlovu kwase kuvela isithakazelo esithi “Mthiyane ngokuthiya izinkomo zamadoda”

    Eyakwa Ndlovu inkosi yayibuye ithumele amanqe andizele phezu komuzi kaMacingwane kodwa lokho kwakwenziwa ngemithi namakhubalo anzima ngoba yayiqinile inkosi yakithi.

  18. Swelele Ndlovu

    Minake MaGatsheni ngizalwa khona kulaba okuthiwa babuya eLesotho, ngizwa kuthiwa sehla ngesilulu sihuba ihubo lakwaNdlovu sibuya eLesotho. Manje angazike ukth kwakungubani owayesihola noma owayephethe thina ngileso sikhathi, kdw ngike ngizwe ukuthi umlando wethu uphatha uGatsheni ubale noMpongo noZingelwayo, Lamula Mdingi Ngema njalo-njalo. Engifisa ukukwazi kakhuluke kubafwethu nobaba laba abaseQhudeni ngoba mina ngiseMsinga kdw ngiyezwa ukuthi sizalwa sonke nguZiswana owayezalwa nguBhaza yena eZalwa nguNomakhwelo. Ngifisa ukuthi kengicaciseleke ukuthi kunyuka kuze kuyoxhumana kanjan lephezulu koMpongo noZingelwayo. Mina ngizalwa wuShantsha ezalwa wuYisaka ezalwa wuMlungwana yena ezalwa wuZiswana kaBhaza…. Kuze kuyofika koMpongo ngyabonga MaGatsheni!

    • Phumlile

      Swelele please contact me on 0763973828. Mina nawe ngathi sisozalweni olulodwa ngo Mlungwana.

  19. Mina ngokuzwa kwami ngendaba yezithakazelo ngezwa bethi kudala le izithakazelo bezibakhona ngesenzo somuntu engicabanga ukuthi yiyo lento ethanda ukudida kakhulu.okungangokuthi mina nabafowethu singenza ngokuhlukana hlampe mina ngibulale ibhubesi omunye wabafowethu adume ngokunye mhlampe ngokuzingela.lezo zinto bezifakwa zingane uma sezibonga ubaba wazo nje njengami uma ngabulala ibhubesi ngomkhonto sekuzongenaa uma sebezitsho izithakazelo zami kodwa kumfowethu ngeke bakubize lokho ngoba yena wayedume ngokuzingela bazobiza lokho nje sikhule kanjalo isthakazelo yingakho zingasoze zifane okuzofana nguye lo Ndlovu obevele ekhona onguye ohlanganisa umdeni wakhondlovu.okuchaza ukuthi abanye ngoSonkomo Mthuli wamaduna qhagwe eliduna umgigo ogiga abetshabe besekungena ke nalezi engizizwa lana lizisho.imvelaphi ikhona siyayazi ngokudabuka kukandlovu izithakazelo zihluka ngokwenza komuntu ohambeni lwakhe.laba abalahla usiko yilapho okwaphelela khona iketang yezithakazelo okungangokuthi nathi esikhona manje sishiye lokho ingane zethu nezizayo zizosala zisikhumbula ngakho ube kuChain yezithakazelo.masingadideki Baf’wethu.mina ke Ngingu Ndlovu womNdebele kwa Mzilikazi.yikho nje ubona isindebele sami sibalekela esiZulwini.

    • Manqoba ndlovu

      Mfo wethu cosmas mhlanga ndlovu ngithi angikubonge ngalokhu okushoyo iqiniso kuhluka ngezenzo owami ubaba igama ababembiza ngalo kwi “soccer” esakhula kwakungu mpisi yena uma engibiza ungibiza NGO bhambatha ka mpisi kusho ukuthi akuzona kumina ubona izenzo zami angifanise no bhambhatha lo ozalwa umancinza

      • Manqoba ndlovu

        P.S. cosmas mhlanga we are all 1 inkinga undlovu lo ozala wonke lamadodana udabuka ukuphi?

  20. Nkosinathi Ndlovu

    ONdlovu oboya benyathi, omehlo mancane, okumbudzi – yilokhu engakuzwa ngisakhula kuMkhulu.
    Ingabe yindlovu enjani.

  21. Thulani Ndlovu

    BoGatsheni Sizwe sikaNdlovu. Cha nami ngithi angiphonse esivivaneni emlandweni wakithi kwaNdlovu. okokuqala kumele sithole ukuth ayemangaki amadodana kaGatsheni nokunguyena owafika kuqala esizweni sakwaZulu. umlando oyizicucu esinawo njengamanje la okaZingelwayo owayesolwa ngokuthakatha nguMacingwane. nokungaziwa ukuthi wafa kanjani kodwa kwaziwa indodana yakhe uMpongo eyabulawa uBheje. besekuthi abafowabo bakaMpongo abavezwanga kulomlando ocoshwayo. okokugcina ukuth uBoyabenyathi igama lenye yamadoda akwaNdlovu, kodwa engingenaso isiqiniseko sokuth uzalwa nguyeyini uZingelwayo noma cha

  22. Sinqobile Ndlovu

    Eshh ngaze ngakholisa bakwethu, kangazi okunengi kodwa thina ngakithi baqala ukwazisa uMadlabutho beze kuqamu ababelebutho abahamba baze bayahlala emzola Lupane Zimbabwe bengicela lingicede uma kukhona ongabe esazi NgoMadlabutho lowo loba uNqamu ngoba bathi ngokhokho labo but bayatsho ukuthi sivela le siyele sisiya le, besekusiba nzima kimi ngoba ubaba waze wangatha igama elithi Madlabutho abathi wayesebuthweni likamzilikazi onguye owaduma ngokuhlala kweleZimbabwe. Whatsaap number yami nxa kulo muntu ongabe esazi ngoMadlabutho loba Ngonqamu useduze nami kelowo 0836650541 ngiyacela ngiyabonga

  23. Zakhele donald ndlovu

    Bakwethu mina ngingu zakhele ndlovu gatsheni boyabenyathi obusonga bsombuluka dlangamandla mpongo kazingelwayo ndlovu zindla ekhaya ngokuswela umelusi zase ziluswa yintombi udumazile nina bakwa khumbula amagwala sihlangu esihle mthiyane ngokuthiya amadaoda emazibukweni ndlovu mawucaphela kahle u ndlovu wuye kanye osihlanganisayo sonke siyizi zukulwane zakhe ngoba undlovu uzala ugatsheni ugatsheni yena uzala ulamula ulamula yena uzala uzingelwayo uzingelwayo uzala umpongo umpongo uzala ungema ungema uzala umdingi laba ke wo khokho bokhokho bethu ngoku hlukana kwethu angvalelise ngiyabonga ndlovu

  24. zamani

    hei guyz plz tl me more my surname is nhlozi ngokomland kuthiwa babalek ngenxa yezimp bona kwakungo tlou so baze bafik kwamhlab uyalingan lapho kwashon khona o tlou baningi olwandle olubizwa nge blackrock namanj kusakhon indaw yakhona ibizwa ngezintange so nolwaz kangchazel

  25. vusisizwe ndlovu

    Bakwa Ndlovu mina ngisuka ngidideke ngemnvelaphi yakwethu,khona manje mina ngiwakwaMlevu eNdlovu ngilokhu ngilonda umzila wenvelaphi kodwa lutho bo ayiveli lakanci,angazi kungenziwa njani ngalo umlandu.

  26. Albert

    Abako Mthombeni,Lobulembu Mbokazi,bona a si bako Ndlovu [email protected]@yahoo.co.uk

    • Khangelani

      Sanibonani mna ndazalwa ngu Mkhokheleli John Ndlovu…owayesebenza kwihotel eThekwini ongowase Showe….plz Ndicela uncedo ndiseFlagstaff EC uzalwa ngu gogo uMantanzi…my number 0785340525

  27. Sbu Ndlovu

    BoNdlovu sibahle sonke, mina kith ngith NDLOVU NGONYAMA KABHUZA NOKUNYE NOKUNYE NGOKOKHOKHO KODWA SIMUNYE!

  28. LUNGILE MALINGA

    sanibonani bo NDLOVU ngicela owazi isithakazelo sakwa Malinga ngoba ngoba.phela nakithi lo NDLOVU uyangena kuthiwa MALINGA NDLOVU EZIDLA EKHAYA NGOKUSWELA ABELUSI NKALA ZINDELA …..NOKUNYE NGICELA NINGILUNGISELE.

  29. Nontuthuzelo Magxunyana

    Molweni boNdlovu,mna ndngu mxhosa wakwa Ndlovu,malunga,zindla ekhaya ngokuswela umelusi,mntungwa,,,kuthiwa singa manguni sivela kwazulu nge mfazwe ka shaka okhokho baya e Easter Cape.

    • Eish nam nto zakowethu ndingu Ndlovu, ndibengu Mntungwa u malunga ( zidle’khaya ngenxa yoswela abelusi) into eye indibhide tile yoba siphinde sibeno nxibelwano noo Dlamini. ndicela nje ukhanyiselwa kuloo ndawu yoba sithungelane noo Dlamini. Enkosi. Sonwabile Mdala. 0640458036.

  30. Nhlanhla Sibisi

    Nga NgIthi Msuthu ukubani bengikawamulume. Ngizalwa UMaNdlovu.
    Ngakhuliswa Kwa Ndlovu.Nginibingelele nina be gazing. .
    Nakhu engakucotshelelwa I khehla iladlala Indima enkulu empilweni Yami,Umkhonodaka izemtiti ngikutetemuka nabhuna bhunu E Pitoli.
    Wath yena ungu Ndlovu Msuthu bese bethi boyabenyathi…
    Lokho bakusho ngoba bona vele be ngabe suthu Ukufika kwabo kweyami Kwa Zulu baqhamuka Phakathi kondi nokhahlamba bembethe izingubo betelebhele behaviour ngezinjomane baze bayofika EFilidi (Vryheid). Bafika bazinza endaweni Yase Haladu..La Yilapho usathola abantu abakhuluma isiSuthu enkabeni YakwaZulu nanaMhlanje..base khona bakwaNdlovu abasahlala kuyo leyondawo yield iningi lathutha k we laba quasi basondelela ezimayini zamalahle e Tilehe (Utrecht ) bayofika Nase Nyonikhahlela (Newcastle)

    • THEMBELIHLE Ndlovu

      Nasuka kuphi neutrcht

  31. Bonginkosi Skele

    Molweni nonke MaNdlovu amahΔΊe,endikwaziyo mna zonke izizwe zabeNguni zidabuka eCentral Africa, zehla nge Nile river, zihambe zishiyeka kulamazwe zazokuma kwaZulu, zasabalala ke ngenxa yemfΓ zwe kaShaka. UNdlovu yena mnye,noba ngowaphi. Nam ndicela ukucaciselwa ngezithakazelo zakwa Ndlovu.

  32. Ntlonipho Ndlovu

    Hi everyone. I need help and guidance. Anyone who can tell me more about surname, I’d be really grateful. I need to know of my origin. My whatsapp number is 0633856945. I’d really appreciate your help my brothers and sisters

  33. Ndlovukazi ka MaNdlovu

    Mmmm nam ngazi siluzalo olwaqhamuka eSwazini kodwa uma umkhulu echaza uyasho kuthi wabaleka ngesimo thizen Waze wayofika e Malawi….
    Manje kuyacaca kuthi bekukhona ukushintjana la Phakathi kwezizwe … Impande yo Ndlovu iphuma eSwatini….
    Siyabonga ngokusipha ulwaz olujulile

    • Zwi

      ngiyacamanga ukuthi uyibambe kakuhle ke lapho mntakama, kodwa amaSwazi abengabizwa ngokuthi amaSwazi ngalezonkthi kodwa wayebizwa ngokuthi abaMbo or amaThonga. ngokuba uNdluvu lo wayeyinkosi uma sizwa kahle futhi wazala isizwe esikhulu ngempela ngoba isithakazelo siyasho sithi uboya benyathi buya buyasombuluka. kuthiwa umbhemi lo walda ekhaya okuthi walala nodadewabo njengokusho kwesithakazelo sakhe uma sithi unkomo zadla ekhaya ngokweswela abelusi. uNdlovu wanda naye waphenduka usanda nezwe wagcwala yonke ndawo ngamafuphi onke amathafa lapha ekuhlaleni. o Ndlovu bangabe Nguni kahle abevela kulendlu yabaMbo ezele umThonga ophinde wazala uDlamini. oNdlovu bangabantu bakwalanga nabo njengamaSwazi, amaHlubi, amaThonga (Shangane) Ndebele, Mpondomise, amaMpondo, amaXesibe, amaBomvana, amaNgwane, amaBhaca(imiNjoli), amaZizi, amaBhele, Imithethwa (Dingiswayo)
      Into enye okumele siyikhumbule ukuthi abeSuthu siyazalana nabo, bangabogogo bethu ngafuphi nje inengi labeNguni linegazi labeSuthu. Indawo le yaseSwazini eyabeSuthu ngokweciniso eliphelele. amaKhalanga lawa laphayana eZim angabantu bakwalanga abangabenguni ngokweciniso. Into eyenzeka laphayana ifani ntse nale eyenzeka kusizwe samaNdebele. Lokhu ukungangabe lungu kwehluleka ukuba biza kahle ukuthi ngabantu bakwaLanga kwakulokhu kubiza Kalanga njengoba kwenza nalaphayana umasithu Mkhulu woMkhulu kwase kona kuthi Nkulunkulu into ongeke wayichaza ukuthi ingabe iyakuphi ngokwenkulumo yethu.

      Ngiye ngathi ukufanisa nangamaNdebele, eligama linendelelo enkulu kahle ngokuba livela kubeSuthu (Litebele) meaning a wonderer. Into ebuhlungu ukuthi lafika lancamathela kubona njeba nanamhlanje babizwa ukuthi ngamaNdebele. Iciniso ukumele sikhumbuzane lona ukuthi u Ndlovu akakho kude leyandlu yeseSwazini futhi nalaba ababizwa ngamaShangane namuhla solo bayindlu eyodwa nale yaseSwazini ngokuzalwa futhi baduze kakhulu nalo uma sibheka emuva.

      Inhloso yami bengifuna okwenaba kulokhu ngithi ukubuyela emuva kancane bantwanabasekhaya kodwa isikhathi anginaso eseneleyo. Kodwa yazini lokhu okulandelayo abeNguni babehlukane kabili kwakuno Mbo kanye noLala( uLala ke uzale indlu yakwaZulu kanye nendlu yakwaXhosa xa lithetha ibali). Masingethuki uma sizwa ukuthi kukhona oNdlovu babeSuthu noma ezinye izizwe ngokuba abantu babekade banda baphinde bafuduke baye kwezinye indawo behamba bafuna amadlelo aluhlaza abanye babalekela ukubulawa ngenxa yemibango. Kodwa ngiphinde ngigcizelele uNdlovu ungenye yendlu endala phaya endlini yabaMbo ngokuzalwa. 072 696 5499.
      Okunye sengihamba ukuthi ngicela ucaphelise izibongo zama Kalanga zikhona phaya endlini yabeNguni phecelezi eyamaSwazi, amaHlubi, amaShangane kodwa kwaNdebele ziphelele zonke.

      Ndiyakwamukela kwile number engentla mntanexhegu

      • Siya Maneli (Gatsheni kaNdlovu)

        Izithakazelo zakwa-Ndlovu

        OoGatsheni,

        Boya benyathi, obusonga busombuluka, Mpongo kaZingelwayo,
        Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi, Zaze zeluswa intombi uDemazane, Nina bakwaKhumbul’amagwala, Nina bakwaDemazane Ntombazana, Nina bakwaS’hlangu sihle, Impi thina siyilwa ngos’ane, Mthiyane! Ngokuthiya ’madoda emazibukweni, amaRhola nyovane ngoba uGatsheni wayirhola ngomsila inkomo esibayeni sikaShaka, abathi ukuvuma yikulandula, amaNgonyama β€˜mhlophe, uRharho β€˜lumadletyane oludla lungazwanolubalo, Ndlangamandla, Nina bakwaMdubusi!

        uGatsheni uzalwa nguNdlovu,
        uNdlovu uzalwa nguMasoka,
        uMasoka uzalwa nguMusi/Msi- Skhosana
        yena uMsi uzalwa nguMhlanga.
        uMhlanga uzalwa noMhuhu bezalwa nguBhele/Bele.

        All of these were King’s kumaHlubi or History of amaMbo; Lala atc, behlala along side namaZulu in what is called today Natal, uShaka uthole usizo olukhulu kuBungane II noMthimkhulu II, Bungane I uzale uBhele igama lakhe engu Busobengwe ngezenzo bathi nguBungane.

        kuqale kwazalwa uDlamini iNkosi kumaSwati ezalwa nguNdlovu, uMsi no Mhlanga basebukhosini bama Ndebele kunye noKhumalo kaMzilikazi. uDlamini was the 1st born kube nguye iNkosi after uNdlovu waze uGatsheni wayo zakhela obakhe ubukhosi as younger brother’s would do or kill their siblings like Shaka and Dingane did in Zulu history. Konke loku kuphuma kumaMbo as we were known kudala kodwa namhla saziwa or ubukhosi buno Rhadebe as they are claiming ubukhosi bamaHlubi currently as Langalibalele II.

        Yiloko uNdlovu uyatholakala kumaSwati, Ndebele, Shangane, Sotho during Mthimkhulu II owaziwa ngoba nguGwadlazibomvu ebaleka izinja zamaBhulu ezimlomo ubomvu lingazi labantu bakhe, ebaleka ngoba engavumi ukuBhalisa iGun yakhe ngoba amabhulu ayezi mosha phambi bazibuyise. Abanye bakaNdlovu basala eLesotho apho watholwa khona ngamaBhulu uMthimkhulu II bamasa eRobern Island. Bathi ufuna ukuwisa umbuso iNatal then was under colonisasion, amaMfengu as known kumaXhosa enobukhosi bawo, uphinde atholakale nakumaVenda as vhaVenda ngokolwimi labo, ngamafistha uNdlovu utholakala yonke indawo ungaze uthi ubuNdlovu is a nation ngokwayo.

        Ngokokwazi nokufunda kabanzi kwam ngoNdlovu zidlekhaya ngokweswela umelusi.

    • Siya Maneli (Gatsheni kaNdlovu)

      uNdlovu akasuki eSwazini okudlula loko amaSwati ngama Nguni ukufana nama Ndebele or Tebele (as they were called ukufika kwawo ePitoli noMzilikazi after belwe noShaka), kufana namaZulu kunye namaXhosa. uNdlovu bekaphantsi kuka Mzilikazi akusingomaZulu none any clan but ngama Nguni phatsi koNtu as amaZulu athi akhulama isiNtu kunye namaXhosa. Uma bathi ungumZulu or Xhosa loko kuthi you direct from uXhosa or uZulu kufana namaHlubi or amaMpodo and or Mpondomise nabanye ngobubanzi akusimaZulu or Xhosa or even Sotho. Also kukho umahluko phakthi kukaSuthu noSotho, uNokhala uMaduna uJiyane ngumaSuthu not Sotho, uSotho uquka amaSotho namaPedi kunye namaTshwane apho uMzilikazi efikele kona ePetoli waze wakhuphuka waya eZimbabwe naseMalawi hence uthola amaNdebele kuzindawo.
      uRhadebe or Radebe or Hadebe kumaSuthu and oRhadebe ngama-Hlubi (iNkosi) nabo ngesikhathi sikaShaka, uShaka ebefuna bangene kumaZulu kufana nathi namaShangane under uSoshangane and uNdlovu uyamthola kuma Shangane note Shangane not Tsonga ngoba uSoshangane uthole amaTsonga eMozambekwe uma ebaleka kwisandla sikaShaka.
      Mna ngizalwa kwaRhadebe nginguGatsheni umzukulwa wasemaTshaweni nama Cethe apha e-Eastern Cape (EC), manje loko akusho ukuthi ngingumXhosa since ngizalelwe eEC nginguMzukulwa weNkosi zamaXhosa uTshawe hayi iNduna ukufana noMadiba also not Hlubi ngoba ngizalwa nguMa-Rhadebe. Abakhulu bakithi babaleka/ Mfuduko from KZN also know as Zulu-Land ngezikhathi zikaGatsheni noShaka, ukufana ne Eastern Cape (Transkie) KwaGcaleka in times of uTshawe.

  34. Mduduzi

    Ulimi lunokucacisa ukuthi umuntu ungu ubani. Ngiyezwa kuthiwa oNdlovu ngabe Suthu kodwa bekhona o Tlou ebaSuthwini okuyigama elichaza indlovu. Angisho ukuthi ngithini kodwa ngokwami ngokuhlola ulimi kanye nezibongo nezithakazelo…oNdlovu bangaba Nguni. (my opinion, no offence)

  35. Landani Ndlovu

    Isibongo ngasinye sinezindlu ngokwahlukana kwazo.okungididayo Mina kuthiwa uNdlovu oGatsheni bangabeNguni manje kuvela ukuthi oNdlovu abesuthu kwenzekani kanti?

  36. linda

    Angeke sibe abesuthu. Singavele sibe abaqhamuka eZimbabwe ngoba oNdlovu bandile khona kanti abanye abaningi baseSwazini. Usungazibukela nawe umzila esifika ngawo

  37. bongani

    Mina ngingu ndlovu ndlangamandla ngokudlamandebele inkomo zadla Ekhaya ngokuswela abelusi zaze zaluswa intombazane udemazane umdubuse Ka radebe mshotho
    So ndlovu are sotho or zulu I really need to know
    If someone can help me wattsup 0790322586

    • Katlego

      Hi if you have isithakazelo sakwa ndlovu ndlangamandla plz give me via Fb Katlego Kartleygow Padi, asking for a friend

  38. ngonyama

    Ayi nami bondlovu ngiyadideka manje umsa ngifunda amacomment enu,thina ekhaya gatsheni ngonyama mpongo kuhamba konke okungangeni umkhandeli

  39. Sifiso Ndlovu

    Sanibona. Ngiyabonga for the information shared by all. Nami sekunesikhathi ngifuna ukwazi imvelaphi. Kodwa engigcine ngikuthola ukuthi savela eLesotho seza kwelakaZulu. Mina ngizalwa uZwelikayise ezalwa uThabalala ezalwa uSomevane owabe engowaseLesotho. This dates back to 1700 if I work it out. My dad was born in the late 1800 in KZN. Died in 1988 estimated age of 104. My eldest brother was born in 1909 and died in 1996. Ngingajabula uma nami ngingathola ulwazi oluqondile ngemvelaphi yethu.

    • Cebile Nomcebo Ndlovu

      Tnx for ur commants mandlovu amahle min ngiw NDLOVU Lona ow Ndlangamandla msuthu ekhay if bethakaza Basho njalo BT min ngidinga ukwaz ukuth kuhlukana kanjan

  40. Mjabuliseni Ndlovu

    Asihlobene nje nakancane noMthiyane kufana amagama ezinsizwa nje la

  41. Polite Ndlovu

    Sanibonani, Sanibonaa bakwethu, ngiyayibongela kuni nonke bakwaNdlovu, ngithi nje isihlahla sinempande eyondwa masibeyimbumba nathi.

  42. Nami ngivumelana nawe. Umlando uyaveza ukuthi isizwe esiqamba izibongo ngezilwane ngamaPedi, kodwa amaPedi asondelene nezinye izozwe zabeSuthu okwenza kube khona indida enkulu. Sengivala nje, angimukhuthazi uNdlovu ukuthi abheke umlando wakhe kukaNguni namaZulu ngoba isimo senhlalo yamaPedi sikhomba ukuthi sivela kumaPedi! Ucwaningo masilususele esizweni samaPedi.

    • Hy bengicela ongangiyalela ukuthi ngingayithola kuphi incwadi enomlando wakandlovu plz ngicela ningisendele via sms 0749318570 or whatsapp 0760797045 ngiyazicelela nganezakwethu

    • Vennesa Ndlovu

      Mina ngicela izithakazelelo zikaGegana

      • Hy ukhona mfe2 umuntu okuthiwa uMkhokheleni ozalwa umaNtanzi bt angimazi yena ngazi abafowabo. Kade behlala eShowe endaweni yasoYaya bt sebeseMandeni.

  43. solomzi luphuwana

    Ndicela ukwazi ngale fani ka Luphuwana isiduko ngundlovu zidlekhaya usibalukhulu ukhuze utiba unhlangwini

  44. lungelo

    sonke siyizingane zika ndlovu laba abasohlukanisa phakathi bango ngoma uyayona

    • ZINHLE NDLOVU

      NAM SHONJALO

  45. Goodness Nelisiwe Ndlovu

    Mina ngu Ndlovu, Gatsheni, boyabenyathi uqgubeke njalo, oMpongo and ngokutshelwa obaba bathi akekho umZulu kaNdlovu sonke siqhamuka eLesotho kodwa omkhulu bahla ngesisululu angazi noma iqiniso yini mina ngithanda kabi kwazi ngemvelaphi yakithi
    M

    • Nami ngazi ukuthi, oNdlovu abawona amaZulu, singabeSotho. Masizibiza Sotho… Ndlovu; Msuthu, Ndlangamandla, Mgebisa kaQholo, Ngwadla emabhudla; Ndlovu ezidle khaya ngokuswelakala kwabelusi zaze zaluswa intombazane uDemazana. Zingubo ezinomvu, wena oyangenhloko lakikhona ukufa, njalo njalo

      • Thobani

        Msuthu ongubeybomvu odla amakati nezinja

        Nami angaz zithin kodwa ngyafisa ukuzaz kanye nemvelaph yethu

    • Nonhlanhla Ndlovu

      Yes sis Neliswa nam I was told that oNdlovu abesuthu. Kodwa ngizwa kthiwa bahlukene khona oNdlovu abawo Msuthu abase swazini aiy emazulwini angkaze ngizwe kthiwe singabe zulu

  46. Sphiwe

    Mina ngfisa uyichaze ukusuka kwake uNdlovu phecelezi udabuka kuphi ngoba bakhomba eSwazini nakoLesotho sengdidekile manje okangonyama wehlela ngezansi

  47. Ayanda Nsibande

    Ngicela ukwazi izithakazelo zakwa Nsibande

    • Lindiwe Malaza

      Sibandze, Goje, Mdlanyoka, mnzenge loncama netitfo takhe, phangela khulu…..

  48. Mina ngingu-Ndlovu
    Ngonyama
    Boya benyathi
    Obsonga b’sombuluke

    Uyabona ekhaya maw’ngakhuleka uthi-Gatsheni or uthi Mpongo, noma uthi Ndlangamandla. Abavumi, bathi thina so-Ngonyama, into eng’xakayo angaz ukuth kuhlukene kanjani.
    Ngake ngaz’hlupha ngith ng’yabuza ukuth s’hlukana kuphi, kodwa akekho owag’phendula.

    Ondlovu Ngonyama ubathola kakhulu e-Mpofane Mooi River, nako-Mpendle.

    Ng’cela onolwazi ang’chazele ukuth kanti sihlukana kanjan, shlukana kuphi, ngoba egcineni sonke so-Ndlovu.

    I-whatsapp number yam: 0847551219

  49. msindiseni

    Mina ngami kuthi sihlukene ngokhokho njengokuthi mina ngizalwa Ngumpongo kuze kufike kubaba ongizalayo, but magatsheni kumele sulandele umsuka wethu nezingane zethu zazi zifundiswe. Baningi asebethatha isibongo sethu ngokusithanda but bungazi.like ma uthi Uzingelwayo aphike athi unguNdlovu. Lol masilungiseni

    • Lindokuhle

      Yaz nami mfethu ngazi ukuthi oNdlovu bango zingelwayo futhi ngine ntshisekelo ngokwazi ngesibongosami. okungididayo futhi i lendaba yokuthi khona o oNdlovu abangasiyena u Gatsheni. ngcela ungichazela kabanzi uma unolwazi ngakho

  50. ngicela ukwaz kabanz ngalesi sithakazelo esith #nkomo zidla ekhaya ngoba ziswela abelus#

  51. I ddnt realize thc uLushaba nondlovu bt ngasekhaya kona umama obizwa ngakho

    • mandla

      ulushaba kuthiwa udabuka enyakatho wabaleka kuliwa wafika e south coast wahlala khona waze wakhula kwavela esekhulile ukuthi igama ulushaba kodwa yena undlovu engingakwazi ukuthi ubukhosi ubuthole kanjani

    • MaGatsheni
      ULushaba yebo uNdlovu kuthiwa wabaleka wehlela eningizimu. Mayelandelwa ke izimpi mabeficwa baziphika bathi bona bawuLushaba lukaNgodi okuyena owayebahola ngaleso sikhathi. Kwase babuya lamabutho abuyela kaLushaba banikwa utshwala bathe bangadakwa babulala. Basuke bayozinza eTshemahlamvu kude buduze ne Port Shepstone lapo babanomhlaba ke Kwase kuvela ubukhosi bakwaLushaba nesizwe sasOshabeni ubukhosi baholwa inkosi UDingizwe kwawela kuSnqanda kwehikela kuZiwengu

      Sizwa kuthiwa ke kwaZulu isilo sabayalela ukuthi babe oNdlovu kuma ID ngoba ekwisona sibongo esaziwa endlunkulu uNdlovu. Njengamanje kunemicimbi eseyenziwa kuguqulwa uLushaba ebuyela kaNdlovu

      Mpongo!!!

    • Siyabonga Ndlovu

      hi khethiwe ulushaba usawundlovu kthiwa waxabana nomndeni wakhe waseyaphuma khona wafika kwenye indawo wangabe esazibiza ngokuthi owakwandlovu but wasebenzisa igama lakhe and izithakazelo akazishintshanga zona

  52. Innocent Sbusiso Ndlovu

    Ngfun ukwaz koNdlovu ukth Mkhandela tholakal knjan

    • Sbu babah ngabe ngyakhohlisa. Bt thina eskhona manje asbambane coz siyimpane eyodwa kaNdlovu

  53. Mdie

    Can u plz send me izithakazelo zakwaMdamba mi whatsaap no is 0765574044

  54. Akhona Ndlovu

    Mina ngicabanga ukuth sihlukana as omkhokho bethu were probably siblings and children who were then cousins, and then new names came up and so new surnames were made kodwa sonke we fall under the same umbreller. Eg. uNdlovu, Gatsheni owakhe omuzi wakhula waba ngangoboya’benyathim kwabakhona oDamezane lapho, oMthiyane, oMdubisi etc, whereas im assuming uNdlangamandla was his brother and kowakhe umuzi wakhulu naye banda njengoboya’nyathi kodwa kwakho wonke ke lamagama abantu abazithakazela ngawu.. Nabanye ke ngokunjalo. This is not a fact, but ngokubheka kwami im assuming ukuth sihlukana kanjalo.. Okusho ukuth sihlobene ngoba uyisemkhulu wethu sonke ukhokho wethu uyena uNdlovu..

    • Guyz mina ngzophuma esami isbongo ngomkhulu wam coz ayikho lento soze sibize ngoZulu phela manj

      • Mandla Ndlovu

        Lol, wangihlekisa nje Khethiwe

    • Patrick Ndlovu

      Patrick Ndlovu

      You correct by saying its not a fact, but your thinking make sense.

  55. Nami ngyafisa ukuthi ngathola umuntu ongachaza kahle ngalezithakazelo ngoba ziyadida

    • Shuthi kwaNdlovu akekho umunt owabusiswa ngodala coz aswazi umlando weth mostly

      • NELISIWE ndlovu

        hi khethiwe

        yini o funa uku kwazi about the ndlovu name

    • zanele ndlovu

      Qinisile thobile coz nami ngwakandlovu n it luk like sihlobene nazo zonke ibongo manje if silandela ngokusho kwethakazelo

      • theophylus dumile

        Bakithi yinkinga le ngoba sithola imilando eminingi eyahlukene ngemvelaphi yethu boGatsheni.

      • Andile

        Yeah I second u

  56. sdu

    sdu ndlovu
    gyz nma ungath ungundlovu ndlangamandla o gatsheni,bt d fct iz ungundlovu nje tu!!!!!

  57. Fezile ndlovu

    Hai guiz hhai nam ngugatsheni and ngyasthanda isbongo sam but mase shlukene kanje im realy confuse abadala kunath abalamule lendaba coz syakhula sdinga ukhada ngeke sishade singazazi kuth sngoban

  58. Gatsheni

    Aibo nam ngowakwa ndlovu gatsheni bengingazi kuthi sihlukene chazani bo or whatsapp mi

  59. Khanyisile Ndlovu

    Guyz plz I’m confused lah angsazazi ukuthi ngingakubaphi ondlovu if sebebaningi kangaka,plz asihlobene yini kanti.bengicela umlando

  60. Tharibho

    I would like to know izithakazelo zakwa Jila anyone please help me

    • Thuthuka Hadebe

      Gcwensa! Ubukhosi bukaSwayimane

    • dalukuthula

      Jila, ngwazi, gcumisa ,mcubhuza,bhabhelikwelayo ,mathanga awavaleki ngaphandle kwendoda ,sphulamuntu ngamzimba abanye bemphula ngenduku …..kthiwa igama elithi jila liqhamuka eswatini elisho inkani ..sibizwa ngo jila ngoba seza kwazulu ngenkani sizwile ngendoda ebizwa ebizwa ngoshaka nebutholakhe kodwa saqhuba inkani thina … Njengoba ubona nje abantu bakwa jila benenkani kanje I most yabo …angi understand ukt singamazulu noma singamaswati

      • Tharibho

        ngiyazibongel Dalukuthul ngethakazel zakwa Jila

  61. OWAMI UMKHULU WATHI KWAKULELWA IZINKOMO NGELINYE ILANGA UNDLANGAMANDLA WALWA WAWINA ISIBONGO KUTHIWA UGATSheni wabalekela egatsheni wabizwa gatsheni.MINA NGINGUNDLOVU ZIDlekhaya ngokuswela abelusi Simelane ngokumela amakhosi sihlangu sihleli NDLANGAMANDLA.

  62. Nam bakweth iyangdida lendaba, I ddnt knw dt oNdlovu bahlukene kanje, anisho njengoba nje nginguGatsheni kusho ukuth anghlobene yin noNdlangamandla? N plz if kukhona owaz kangcono ngenvelaph yakaNdlovu angthinte phela wonk umunt uyadinga ukwaz imvelaph yakhe…….. So plz guyz hlp me out….. I’m 17 yrs old doing matric nxt yr ngeVarsity angfun ukuzthola sengthatha ekhaya so plz guyz gv ur lttle csta sum hlp here……. My phone number 0799412588 whtApp available

  63. Ngeke bafowe2 singoNdlovu bt angibaboni abakithi oKhombashe. Vela bo m really confused bo… Velan obala my number iz 0783724946 ngcaciseleni bantu bakithi, otherwise soqomana sodwa maku nje, baph kant obaba beth? Abavele obala oMsuthu

  64. Help me ngemvelaphi yaba kwa Ncube

  65. ntombi

    Bengicela owazi ukuthi izithakazelo zakwaNdlovu zavela kanjani engisize

  66. Sbongiseni Lushaba

    Mina ngawaka Lushaba ngibiza izithakazelo zaka Ndlovu

  67. senzo

    Hai people ngicel izithakazelo nokuth imvelaphi yakhona basukaphi zakwa Lembethe nd imuphi umehluko kuka Lembethe no Lembede pls contact me via e-mail or watsapp [email protected] or 0785158322

  68. senzo

    Hai People ngcela ningisize ngfisa ukwaz imvelaphi wakwa Lembethe nomlando wakhona ukuth basukaphi nd nezithakazelo zakho . ningangi watsapp ku 0785158322

  69. khanyi malunga

    Mina ngingu malunga ozithakazela Ngo THULISA,so ngingowaka ndlovu bcos kwa ndlovu kwa kwi nezinkomo eziningi ezazi lunga ngebala (black & white) kwase kuthi ikwa malunga ngenxa yazo kakahle sabakwa ndlovu.bt if uwu malunga ungambizi u thulisa we are nt related ukfana nje kwezi bongo.

  70. Nami ngajabula mangazi kabanzi ngoNdlovu ngoba ngathi sihlukene ,ukuthi kanjani plz reply ,”Malunga, Mdlohvu ,Ndlhovu, Simelane, bangena kanjani Manyathi plz cacisani ngyadideka

    • Wena boh konakala ngokuthi eHome Affairs kusebenze abantu bezinhlanga ezahlungene. Qha

  71. Ngicela usizo. UNdlovu noMthiyane bahlangana kanjani? Ngabe kulungile yini uma ngingowakwaNdlovu kodwa ngizithakazele ngoMthiyane na? Ngabe angiqonywa kwaMthiyane? Ngicela ningisize bakithi ngoba angilitholanga nethuba lokbuza ubaba njengoba engathanda ukuhlala nami.

    • Hy i dnt understand why nibuz kut bani hlangana kanjan noban coz ishlahla if ustshala the first thng thd develop iz root. As wel az kubantu sazalwa undlovu then get spreaded and root get longer. Second thng ekhaya khona uSanele kwamakhe khona futh, u mean sezihlobo njalo or we wil be relatives in coming time

  72. Manqoba T Ndlovu

    San’bona, i just want to know the difference between uNdlovu,gatsheni and uNdlovu,ndlangamandla.I really don’t know which Ndlovu i am cos in my fanily some says that we are gatshenis but others says we are ndlangamandla………AM CONFUSED…….

  73. Lindile Siyothula

    Mna ndingu Ndlovu zidlekaya,, ngokuswel’abelusi..gengez,,i mtungwa,,rhoga,,mababa njengetshongwe,,,abangadleli ezityeni zemboleko ngoba zisuke zibafanele……Ndlovuuu!!!!!

  74. Hi guyz cn u gv me d clarity of zungu’s osengwayo

  75. UNdlovu onguGatsheni noNdlovu onguNdlangamandla bahlukana kuphi? Ngabe abasahlobene

  76. nqubeko ndlovu

    molweni bogatsheni abahle !can I get ndlovu’s history but mina i”m ndlovu gatsheni

  77. seehle

    cela ukuthola ulwazi ngalaba okuthiwa oNdlovu kodwa izithakazelo zithi Ndlangamandla msuthu

  78. Siyabonga

    MaGatsheni bengicela ningithumelele umlando wakwaNdlovu

  79. indlovukazi

    Salibonani bakwaNdlovu

    I have heard that even though we were not born of the royal family, we were part of the royal household. Ukhona ongaba lolwazi ngalokhu?

  80. Thokozani Ndlovu

    Hi, ngsacela imvelaphi yakwa Ndlovu ogatsheni

  81. thina si baka malinga,o ndlovu zidle ekhaya ngokweswela abelusi,may I please have a clarity about my surname malinga nezithakazelo zabo?

  82. Joseph

    Ngicela izibongo /izithakazelo zakwa Vilakazi ngoba ziyaxaka nje zizodwa.

  83. Chris

    Hi good people. I am Ndaba but grew up within Swazi speaking people but always did my best to learn Zulu. I have often heard that there are different clans for people with this surname. I am kindly asking anyone that know the Ndabas’ history, to please email me on my email here, [email protected], call 0823794822 or Whatsapp 0823794822
    I really want to also understand how we are praised.

    • Abantu bakwa Ndaba Baningi njengoba uNdaba kwabe kuyigama elidumile nelithandwayo ezizweni zabe Nguni. Kuno Ndaba kwa Mhlungu no Madela kube no Ndaba kwa Khumalo bakwa Mchunu kube futhi no Ndaba wakwa Sibiya kanti futhi Ukhonakwa Shandu nakwa Zulu

  84. Nothando

    I will like to get more n more about Zimu

  85. Maputle Ngema

    Hi good people. I am Ngema but grew up within pedi speaking peopl but always did my best to learn Zulu. I was using my mom’s surname which is Pedi but amongs ll my sibling I managed to be the only one to successfully be uNgema. I am kindly asking anyone that know the Ngemas’ history, to please email me on my email here, [email protected], call 0613584923 or Whatsapp 0714153928.
    I really want to also understand why we are praised as we are(Madlokuvo)

  86. Ai mina ngakhulela kwangema umamami owakangema yingakho nami ngiziqenya ngalesi bongo ngoba uma ngisilahla ngilahla umama uqobo so m proud of mangema

    • Maputle Ngema

      Hi, please help me with the Ngemas’ history if you have any knowlede of. my email address is [email protected]. my whatsapp number is 0714153928.

      • Thuthuka Hadebe

        Ngema comes from Malandela who’z lineage eventually gave birth to Zulu who started the Zulu clan. Later Shaka was born and he brought about the Zulu nation. Ngema and Malandela were brothers. They decided to move south with thier familes ftom tge Lebombo mountains on the Mozambican and Swazi boarder. During their they came at the white umfolozi rizer in modern day KZN where Malandela and his followers crossed the river in anticipation that Ngema would follower. This was at the time of a heavy rain season therefore Ngemas group stayed on the otherside of the river. While there they came a well groomed but almost abandoned plantation field, belived to have been planted by the Xulu people who were the only people living there at the time. Also throughtout African history the Xulu’s were known to be highly sophisticated in the art of farming so much that they could plant away from where they lived but still avoided animal intrusion in their plantations.
        None-the-less Ngema discovered these plantation where a certain grain call imigadi was planted by the Xulu. Note this has no reference to the commonly used word today “ingadi” which is borrowed from English meaning garden. Upon the discovery Ngema and his followers were no longer interested in the journey originally set with Malandela. Malandela set further south while Ngema stayed. Through their discovery and actual take over of imigadi plantation they were soon called amaNgadi and the surname Mngadi started. When Ngema died sone of the amaNgadi took his name and made it thier surname in his honour. Ngema Clan names:

        Ngema!
        Madlokovu
        Sthenjwa
        Nene
        Mngadi
        Goda elimnyama elihila amaqina abafokazane
        Sabel’ uyabizwa ukuba uzothetha ngomhlaba kaMalandela owalandel’ izinkomo zamadoda
        Muji!!
        Ntusi yenkomo bayidl’ abafana bayinxanxatha
        Wena waseNgweni!!!
        Dlokuvu!!

  87. bhekizitha

    Ngicela ningiphe imvelaphi yabantu bakwa MAYABA [email protected] or 0724007563

  88. Murderkahn Louisa

    Ngicela ngingiphe umlando wesibongo sakwam’Mngandi, Nkadinde noLanga

  89. ntokozo

    Please can you email me ezakwa Shabane

  90. Mina ngowakwa Lamula kodwa angiyaz yonke lento yakwa Ndlovu.mina ngiw Lamula Jiyane bantwini ngiwul vico kal gezanga owuya nensile mvuleni ngoba wayebona abafana.inkosi ayiqedwa ke akekho ongazi!

  91. senzi

    Cela zithakazelo zakwamthiyane

  92. Hey Abantu abahle!I am Masilo Sophoniah hailing from e Limpopo Province in Polokwane(S.Africa)bengi celi usizo bakithi.I am searching for Mr Jackson Ndlovu or rather his family living in Bulawayo(Zimbabwe),apparently the Man is my biological Father who met up with my Mum in the early 70’s whilst they were both working in Gauteng(Joburg), I was born on the 23/09/1974.Ngiyabonga

  93. Isithakazelo sa ba kaNdlovu e Zimbabwe siyafana na lesi yini bakithi?

  94. noxolo chamane

    plz email me imlando wakwa chamane

    • sne

      Ochamane nomlando wabo

    • Thuthuka Hadebe

      AbakwaChamane baphuma kwaNzama. Ngesikhathi uGcugcwa ebulwala iLembe kwabakhons ukuthi izinsizwa zakwaNzama/Wosiyane kwakumele balande isidumbu. Uhambeni lwabo insizwa eyodwa yenza ongathi isayochitha amanzi. Abantu kqala babeziphethe kahle bangachami inoma ilaphi besaba abathakathi abaqubela imichamo yabo nendle. Ithe ingahamba lensizwa yangabe isahlangana nebutho layo isaba phela ukuthi hleze kwenzeke kuyona okwenzeka kuGcugcwa. Lithe selibuya ibutho nesidumbu sikaGcugcwa esasigxotshe zinkomo bayithola lensizwa. Basebeyetha lensizwa bathi nguChamane bayisusa laphaya kwaWosiyane eNdwedwe ngaphansi kwentaba edumileyo iNhlangakazi, bayoyakhisa ngasemfuleni iNsuze. Yase idlondlobala lensizwa kwakheka isibongo yanganwa kakhulu sanda nesizwe sayo. Imizi kaChamane phakathi kweminye ilena
      – Kwazwangithini
      -Kwabhekabezayo
      Neminye esengiyikhohlwa kodwa yabamine imizi. Wonke umuntu wakwaChamane ulibo lwakhe luhamba lufike kweyodwa yalemizi emine.

      Izithakazelo:
      Gcugcwa kaNcameni
      Dingila
      Zukula kaNombhoco
      Chube
      Wena udume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesthembu
      Nina anawela ngelibanzi kwasala abafokazane becosha izindondo ematshen kwakhala ubuwele-wele
      Ngipha phana abantu ngokuohindelela
      Wena kamfazi akashaywa ngemvubu ushaywa ngombobolo wesdwaba!
      Nzama!!
      Wosiyane!!

  95. senzo zulu

    ake ningitshele ngabantu bakwaZulu ngesibongo? ngoba phela sesihlukene kakhulu ayi ukuthi sonke singabasebukhosini sihlukana kanjani?

    • Sithembiso Nkosi

      Kuhlukana ngokuthi, isbonelo:wena uyinkosi, unamakhosikazi amahlanu, kodwa indodana yakho ezophatha emvakwakho izobe izalwa umakoti omdala, buqhubeke ozalweni layo uma kuya ngokuth ikhothama isikhulile isinayo indodana yayo ezophatha, bese kuya kanjalo kanjalo

  96. Sthandiwe Malunga

    The history of Malunga clan?

    • busani Malunga

      0796188947 on whatsapp

  97. vuyo lamula

    plz pple e mail ithakazelo zaka lamula in full details

    • vuyo lamula

      hey gud pple plz e mail me ithakazelo zika lamula plz

      • Vuyo il give you only the clue yezwa ukuth uLamula uvela ku Gatsheni

  98. welcome

    Bengicela kuthi ningithumele zithakazelo kanjalo nomlando wakwandlo ku whatsap 0781227578 nginga njanula maningakwazi

  99. Dudu

    I would like 2 knw izithakazelo zakwaThabethe

    • Thuthuka Hadebe

      Sosibo, Gema!!

      • Wendy

        I was going through the comments, I must say I’ve learned so much hereπŸ™. Ndingu Ndlovu u Sibakhulu bendicela ithakazela zakwa Sibalukhulu.

        My email address [email protected]

  100. CELA NISIZE NGOMLANDO WAKWA THABETHE NEZITHAKAZELO ZAKHONA

  101. me two ppl email me izithakazelo zaka THABETHE

  102. Gabuza

    please email me isithakazelo sika Gabuza

    • Thuthuka Hadebe

      Izithakazelo zakwaGumede samething
      Qwabe, Mnguni, Phakathwayo, Khuzwayo ect

  103. Thanda

    Please email mi ezakwamlambo ..gubhuza mfulala kawuwelwa mdinka sishande add more

  104. thabile

    My surname is ndlovu but we don’t use this clan name is it possible for you to find the ndlovu ndlangamandla clan names

    • khethiwe

      Mina ngingu Ndlovu kodwa angiyena uGAtsheni .ngingundlangamandla ,unkomo zadle khaya ngokuswela belusi zeluswa intombazan uDemazane.ngingokamdubusi kahadebe.ngingosilwa ngoswazi isihlangu sihle nginguMSuthu!!!!!!!

      • brian

        Nazoke…owakhithi ke wena khethiwe

      • zanelakhe

        khethiwe cc uyaphambuka wena ubiza umkhulu nje yena uqobo ungu gatsheni buka umlando kahle cc undlovu uyefana noma ungayaphi kuhluke nje indawo esesi khulele kuzona oselu suthu mbiza ngendlela yakhe akhulele kuyo kodwa iqiniso alijiki simuntu munye sengabenguni singo ndlovu uma uyi bambe lapho soze uduke naninina dade ngya bonga ayi kabi ngokuzithoba bo Ndlovu.

      • Nam ngingowakwa Ndlovu kodwa angisuyena uGatsheni. NginguMagutshwa, boyabenya nyathi, Ngonyama, Khombashe. Yes i’m close with ndlangamandla bt khona la okushiyana khona. Bt ngokwendawo ngibizwa Gatsheni bt umkhulu wayengafuni. Mina nginguManephu

      • vusi

        batholakal kyiphik indawo oNdlovu abango ndlangamandla?

    • Nami ngingajabula ukuzwa oNdlovu Mkhandela Ndlovu kaZulu Ndlangammandla Tshikiza phakathi koNkosi……..

  105. Sipho

    Please send me the Mlambo full izithakazelo Regards Sipho

    Sent from my iPhone

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: