Ndlovu

Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi

Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!

154 thoughts on “Ndlovu

  1. Nami ngyafisa ukuthi ngathola umuntu ongachaza kahle ngalezithakazelo ngoba ziyadida

      1. NELISIWE ndlovu

        hi khethiwe

        yini o funa uku kwazi about the ndlovu name

    1. zanele ndlovu

      Qinisile thobile coz nami ngwakandlovu n it luk like sihlobene nazo zonke ibongo manje if silandela ngokusho kwethakazelo

      1. theophylus dumile

        Bakithi yinkinga le ngoba sithola imilando eminingi eyahlukene ngemvelaphi yethu boGatsheni.

  2. Akhona Ndlovu

    Mina ngicabanga ukuth sihlukana as omkhokho bethu were probably siblings and children who were then cousins, and then new names came up and so new surnames were made kodwa sonke we fall under the same umbreller. Eg. uNdlovu, Gatsheni owakhe omuzi wakhula waba ngangoboya’benyathim kwabakhona oDamezane lapho, oMthiyane, oMdubisi etc, whereas im assuming uNdlangamandla was his brother and kowakhe umuzi wakhulu naye banda njengoboya’nyathi kodwa kwakho wonke ke lamagama abantu abazithakazela ngawu.. Nabanye ke ngokunjalo. This is not a fact, but ngokubheka kwami im assuming ukuth sihlukana kanjalo.. Okusho ukuth sihlobene ngoba uyisemkhulu wethu sonke ukhokho wethu uyena uNdlovu..

    1. Guyz mina ngzophuma esami isbongo ngomkhulu wam coz ayikho lento soze sibize ngoZulu phela manj

    2. Patrick Ndlovu

      Patrick Ndlovu

      You correct by saying its not a fact, but your thinking make sense.

  3. Mdie

    Can u plz send me izithakazelo zakwaMdamba mi whatsaap no is 0765574044

  4. Innocent Sbusiso Ndlovu

    Ngfun ukwaz koNdlovu ukth Mkhandela tholakal knjan

    1. Sbu babah ngabe ngyakhohlisa. Bt thina eskhona manje asbambane coz siyimpane eyodwa kaNdlovu

    1. mandla

      ulushaba kuthiwa udabuka enyakatho wabaleka kuliwa wafika e south coast wahlala khona waze wakhula kwavela esekhulile ukuthi igama ulushaba kodwa yena undlovu engingakwazi ukuthi ubukhosi ubuthole kanjani

    2. MaGatsheni
      ULushaba yebo uNdlovu kuthiwa wabaleka wehlela eningizimu. Mayelandelwa ke izimpi mabeficwa baziphika bathi bona bawuLushaba lukaNgodi okuyena owayebahola ngaleso sikhathi. Kwase babuya lamabutho abuyela kaLushaba banikwa utshwala bathe bangadakwa babulala. Basuke bayozinza eTshemahlamvu kude buduze ne Port Shepstone lapo babanomhlaba ke Kwase kuvela ubukhosi bakwaLushaba nesizwe sasOshabeni ubukhosi baholwa inkosi UDingizwe kwawela kuSnqanda kwehikela kuZiwengu

      Sizwa kuthiwa ke kwaZulu isilo sabayalela ukuthi babe oNdlovu kuma ID ngoba ekwisona sibongo esaziwa endlunkulu uNdlovu. Njengamanje kunemicimbi eseyenziwa kuguqulwa uLushaba ebuyela kaNdlovu

      Mpongo!!!

    3. Siyabonga Ndlovu

      hi khethiwe ulushaba usawundlovu kthiwa waxabana nomndeni wakhe waseyaphuma khona wafika kwenye indawo wangabe esazibiza ngokuthi owakwandlovu but wasebenzisa igama lakhe and izithakazelo akazishintshanga zona

  5. msindiseni

    Mina ngami kuthi sihlukene ngokhokho njengokuthi mina ngizalwa Ngumpongo kuze kufike kubaba ongizalayo, but magatsheni kumele sulandele umsuka wethu nezingane zethu zazi zifundiswe. Baningi asebethatha isibongo sethu ngokusithanda but bungazi.like ma uthi Uzingelwayo aphike athi unguNdlovu. Lol masilungiseni

    1. Lindokuhle

      Yaz nami mfethu ngazi ukuthi oNdlovu bango zingelwayo futhi ngine ntshisekelo ngokwazi ngesibongosami. okungididayo futhi i lendaba yokuthi khona o oNdlovu abangasiyena u Gatsheni. ngcela ungichazela kabanzi uma unolwazi ngakho

  6. Mina ngingu-Ndlovu
    Ngonyama
    Boya benyathi
    Obsonga b’sombuluke

    Uyabona ekhaya maw’ngakhuleka uthi-Gatsheni or uthi Mpongo, noma uthi Ndlangamandla. Abavumi, bathi thina so-Ngonyama, into eng’xakayo angaz ukuth kuhlukene kanjani.
    Ngake ngaz’hlupha ngith ng’yabuza ukuth s’hlukana kuphi, kodwa akekho owag’phendula.

    Ondlovu Ngonyama ubathola kakhulu e-Mpofane Mooi River, nako-Mpendle.

    Ng’cela onolwazi ang’chazele ukuth kanti sihlukana kanjan, shlukana kuphi, ngoba egcineni sonke so-Ndlovu.

    I-whatsapp number yam: 0847551219

    1. Lindiwe Malaza

      Sibandze, Goje, Mdlanyoka, mnzenge loncama netitfo takhe, phangela khulu…..

  7. Sphiwe

    Mina ngfisa uyichaze ukusuka kwake uNdlovu phecelezi udabuka kuphi ngoba bakhomba eSwazini nakoLesotho sengdidekile manje okangonyama wehlela ngezansi

  8. Goodness Nelisiwe Ndlovu

    Mina ngu Ndlovu, Gatsheni, boyabenyathi uqgubeke njalo, oMpongo and ngokutshelwa obaba bathi akekho umZulu kaNdlovu sonke siqhamuka eLesotho kodwa omkhulu bahla ngesisululu angazi noma iqiniso yini mina ngithanda kabi kwazi ngemvelaphi yakithi
    M

    1. Nami ngazi ukuthi, oNdlovu abawona amaZulu, singabeSotho. Masizibiza Sotho… Ndlovu; Msuthu, Ndlangamandla, Mgebisa kaQholo, Ngwadla emabhudla; Ndlovu ezidle khaya ngokuswelakala kwabelusi zaze zaluswa intombazane uDemazana. Zingubo ezinomvu, wena oyangenhloko lakikhona ukufa, njalo njalo

    2. Nonhlanhla Ndlovu

      Yes sis Neliswa nam I was told that oNdlovu abesuthu. Kodwa ngizwa kthiwa bahlukene khona oNdlovu abawo Msuthu abase swazini aiy emazulwini angkaze ngizwe kthiwe singabe zulu

  9. lungelo

    sonke siyizingane zika ndlovu laba abasohlukanisa phakathi bango ngoma uyayona

  10. solomzi luphuwana

    Ndicela ukwazi ngale fani ka Luphuwana isiduko ngundlovu zidlekhaya usibalukhulu ukhuze utiba unhlangwini

  11. Nami ngivumelana nawe. Umlando uyaveza ukuthi isizwe esiqamba izibongo ngezilwane ngamaPedi, kodwa amaPedi asondelene nezinye izozwe zabeSuthu okwenza kube khona indida enkulu. Sengivala nje, angimukhuthazi uNdlovu ukuthi abheke umlando wakhe kukaNguni namaZulu ngoba isimo senhlalo yamaPedi sikhomba ukuthi sivela kumaPedi! Ucwaningo masilususele esizweni samaPedi.

    1. Hy bengicela ongangiyalela ukuthi ngingayithola kuphi incwadi enomlando wakandlovu plz ngicela ningisendele via sms 0749318570 or whatsapp 0760797045 ngiyazicelela nganezakwethu

  12. Polite Ndlovu

    Sanibonani, Sanibonaa bakwethu, ngiyayibongela kuni nonke bakwaNdlovu, ngithi nje isihlahla sinempande eyondwa masibeyimbumba nathi.

  13. Mjabuliseni Ndlovu

    Asihlobene nje nakancane noMthiyane kufana amagama ezinsizwa nje la

  14. Sifiso Ndlovu

    Sanibona. Ngiyabonga for the information shared by all. Nami sekunesikhathi ngifuna ukwazi imvelaphi. Kodwa engigcine ngikuthola ukuthi savela eLesotho seza kwelakaZulu. Mina ngizalwa uZwelikayise ezalwa uThabalala ezalwa uSomevane owabe engowaseLesotho. This dates back to 1700 if I work it out. My dad was born in the late 1800 in KZN. Died in 1988 estimated age of 104. My eldest brother was born in 1909 and died in 1996. Ngingajabula uma nami ngingathola ulwazi oluqondile ngemvelaphi yethu.

    1. Cebile Nomcebo Ndlovu

      Tnx for ur commants mandlovu amahle min ngiw NDLOVU Lona ow Ndlangamandla msuthu ekhay if bethakaza Basho njalo BT min ngidinga ukwaz ukuth kuhlukana kanjan

  15. ngonyama

    Ayi nami bondlovu ngiyadideka manje umsa ngifunda amacomment enu,thina ekhaya gatsheni ngonyama mpongo kuhamba konke okungangeni umkhandeli

  16. bongani

    Mina ngingu ndlovu ndlangamandla ngokudlamandebele inkomo zadla Ekhaya ngokuswela abelusi zaze zaluswa intombazane udemazane umdubuse Ka radebe mshotho
    So ndlovu are sotho or zulu I really need to know
    If someone can help me wattsup 0790322586

    1. Katlego

      Hi if you have isithakazelo sakwa ndlovu ndlangamandla plz give me via Fb Katlego Kartleygow Padi, asking for a friend

  17. linda

    Angeke sibe abesuthu. Singavele sibe abaqhamuka eZimbabwe ngoba oNdlovu bandile khona kanti abanye abaningi baseSwazini. Usungazibukela nawe umzila esifika ngawo

  18. Landani Ndlovu

    Isibongo ngasinye sinezindlu ngokwahlukana kwazo.okungididayo Mina kuthiwa uNdlovu oGatsheni bangabeNguni manje kuvela ukuthi oNdlovu abesuthu kwenzekani kanti?

  19. Mduduzi

    Ulimi lunokucacisa ukuthi umuntu ungu ubani. Ngiyezwa kuthiwa oNdlovu ngabe Suthu kodwa bekhona o Tlou ebaSuthwini okuyigama elichaza indlovu. Angisho ukuthi ngithini kodwa ngokwami ngokuhlola ulimi kanye nezibongo nezithakazelo…oNdlovu bangaba Nguni. (my opinion, no offence)

  20. Ndlovukazi ka MaNdlovu

    Mmmm nam ngazi siluzalo olwaqhamuka eSwazini kodwa uma umkhulu echaza uyasho kuthi wabaleka ngesimo thizen Waze wayofika e Malawi….
    Manje kuyacaca kuthi bekukhona ukushintjana la Phakathi kwezizwe … Impande yo Ndlovu iphuma eSwatini….
    Siyabonga ngokusipha ulwaz olujulile

    1. Zwi

      ngiyacamanga ukuthi uyibambe kakuhle ke lapho mntakama, kodwa amaSwazi abengabizwa ngokuthi amaSwazi ngalezonkthi kodwa wayebizwa ngokuthi abaMbo or amaThonga. ngokuba uNdluvu lo wayeyinkosi uma sizwa kahle futhi wazala isizwe esikhulu ngempela ngoba isithakazelo siyasho sithi uboya benyathi buya buyasombuluka. kuthiwa umbhemi lo walda ekhaya okuthi walala nodadewabo njengokusho kwesithakazelo sakhe uma sithi unkomo zadla ekhaya ngokweswela abelusi. uNdlovu wanda naye waphenduka usanda nezwe wagcwala yonke ndawo ngamafuphi onke amathafa lapha ekuhlaleni. o Ndlovu bangabe Nguni kahle abevela kulendlu yabaMbo ezele umThonga ophinde wazala uDlamini. oNdlovu bangabantu bakwalanga nabo njengamaSwazi, amaHlubi, amaThonga (Shangane) Ndebele, Mpondomise, amaMpondo, amaXesibe, amaBomvana, amaNgwane, amaBhaca(imiNjoli), amaZizi, amaBhele, Imithethwa (Dingiswayo)
      Into enye okumele siyikhumbule ukuthi abeSuthu siyazalana nabo, bangabogogo bethu ngafuphi nje inengi labeNguni linegazi labeSuthu. Indawo le yaseSwazini eyabeSuthu ngokweciniso eliphelele. amaKhalanga lawa laphayana eZim angabantu bakwalanga abangabenguni ngokweciniso. Into eyenzeka laphayana ifani ntse nale eyenzeka kusizwe samaNdebele. Lokhu ukungangabe lungu kwehluleka ukuba biza kahle ukuthi ngabantu bakwaLanga kwakulokhu kubiza Kalanga njengoba kwenza nalaphayana umasithu Mkhulu woMkhulu kwase kona kuthi Nkulunkulu into ongeke wayichaza ukuthi ingabe iyakuphi ngokwenkulumo yethu.

      Ngiye ngathi ukufanisa nangamaNdebele, eligama linendelelo enkulu kahle ngokuba livela kubeSuthu (Litebele) meaning a wonderer. Into ebuhlungu ukuthi lafika lancamathela kubona njeba nanamhlanje babizwa ukuthi ngamaNdebele. Iciniso ukumele sikhumbuzane lona ukuthi u Ndlovu akakho kude leyandlu yeseSwazini futhi nalaba ababizwa ngamaShangane namuhla solo bayindlu eyodwa nale yaseSwazini ngokuzalwa futhi baduze kakhulu nalo uma sibheka emuva.

      Inhloso yami bengifuna okwenaba kulokhu ngithi ukubuyela emuva kancane bantwanabasekhaya kodwa isikhathi anginaso eseneleyo. Kodwa yazini lokhu okulandelayo abeNguni babehlukane kabili kwakuno Mbo kanye noLala( uLala ke uzale indlu yakwaZulu kanye nendlu yakwaXhosa xa lithetha ibali). Masingethuki uma sizwa ukuthi kukhona oNdlovu babeSuthu noma ezinye izizwe ngokuba abantu babekade banda baphinde bafuduke baye kwezinye indawo behamba bafuna amadlelo aluhlaza abanye babalekela ukubulawa ngenxa yemibango. Kodwa ngiphinde ngigcizelele uNdlovu ungenye yendlu endala phaya endlini yabaMbo ngokuzalwa. 072 696 5499.
      Okunye sengihamba ukuthi ngicela ucaphelise izibongo zama Kalanga zikhona phaya endlini yabeNguni phecelezi eyamaSwazi, amaHlubi, amaShangane kodwa kwaNdebele ziphelele zonke.

      Ndiyakwamukela kwile number engentla mntanexhegu

      1. Siya Maneli (Gatsheni kaNdlovu)

        Izithakazelo zakwa-Ndlovu

        OoGatsheni,

        Boya benyathi, obusonga busombuluka, Mpongo kaZingelwayo,
        Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi, Zaze zeluswa intombi uDemazane, Nina bakwaKhumbul’amagwala, Nina bakwaDemazane Ntombazana, Nina bakwaS’hlangu sihle, Impi thina siyilwa ngos’ane, Mthiyane! Ngokuthiya ’madoda emazibukweni, amaRhola nyovane ngoba uGatsheni wayirhola ngomsila inkomo esibayeni sikaShaka, abathi ukuvuma yikulandula, amaNgonyama ‘mhlophe, uRharho ‘lumadletyane oludla lungazwanolubalo, Ndlangamandla, Nina bakwaMdubusi!

        uGatsheni uzalwa nguNdlovu,
        uNdlovu uzalwa nguMasoka,
        uMasoka uzalwa nguMusi/Msi- Skhosana
        yena uMsi uzalwa nguMhlanga.
        uMhlanga uzalwa noMhuhu bezalwa nguBhele/Bele.

        All of these were King’s kumaHlubi or History of amaMbo; Lala atc, behlala along side namaZulu in what is called today Natal, uShaka uthole usizo olukhulu kuBungane II noMthimkhulu II, Bungane I uzale uBhele igama lakhe engu Busobengwe ngezenzo bathi nguBungane.

        kuqale kwazalwa uDlamini iNkosi kumaSwati ezalwa nguNdlovu, uMsi no Mhlanga basebukhosini bama Ndebele kunye noKhumalo kaMzilikazi. uDlamini was the 1st born kube nguye iNkosi after uNdlovu waze uGatsheni wayo zakhela obakhe ubukhosi as younger brother’s would do or kill their siblings like Shaka and Dingane did in Zulu history. Konke loku kuphuma kumaMbo as we were known kudala kodwa namhla saziwa or ubukhosi buno Rhadebe as they are claiming ubukhosi bamaHlubi currently as Langalibalele II.

        Yiloko uNdlovu uyatholakala kumaSwati, Ndebele, Shangane, Sotho during Mthimkhulu II owaziwa ngoba nguGwadlazibomvu ebaleka izinja zamaBhulu ezimlomo ubomvu lingazi labantu bakhe, ebaleka ngoba engavumi ukuBhalisa iGun yakhe ngoba amabhulu ayezi mosha phambi bazibuyise. Abanye bakaNdlovu basala eLesotho apho watholwa khona ngamaBhulu uMthimkhulu II bamasa eRobern Island. Bathi ufuna ukuwisa umbuso iNatal then was under colonisasion, amaMfengu as known kumaXhosa enobukhosi bawo, uphinde atholakale nakumaVenda as vhaVenda ngokolwimi labo, ngamafistha uNdlovu utholakala yonke indawo ungaze uthi ubuNdlovu is a nation ngokwayo.

        Ngokokwazi nokufunda kabanzi kwam ngoNdlovu zidlekhaya ngokweswela umelusi.

    2. Siya Maneli (Gatsheni kaNdlovu)

      uNdlovu akasuki eSwazini okudlula loko amaSwati ngama Nguni ukufana nama Ndebele or Tebele (as they were called ukufika kwawo ePitoli noMzilikazi after belwe noShaka), kufana namaZulu kunye namaXhosa. uNdlovu bekaphantsi kuka Mzilikazi akusingomaZulu none any clan but ngama Nguni phatsi koNtu as amaZulu athi akhulama isiNtu kunye namaXhosa. Uma bathi ungumZulu or Xhosa loko kuthi you direct from uXhosa or uZulu kufana namaHlubi or amaMpodo and or Mpondomise nabanye ngobubanzi akusimaZulu or Xhosa or even Sotho. Also kukho umahluko phakthi kukaSuthu noSotho, uNokhala uMaduna uJiyane ngumaSuthu not Sotho, uSotho uquka amaSotho namaPedi kunye namaTshwane apho uMzilikazi efikele kona ePetoli waze wakhuphuka waya eZimbabwe naseMalawi hence uthola amaNdebele kuzindawo.
      uRhadebe or Radebe or Hadebe kumaSuthu and oRhadebe ngama-Hlubi (iNkosi) nabo ngesikhathi sikaShaka, uShaka ebefuna bangene kumaZulu kufana nathi namaShangane under uSoshangane and uNdlovu uyamthola kuma Shangane note Shangane not Tsonga ngoba uSoshangane uthole amaTsonga eMozambekwe uma ebaleka kwisandla sikaShaka.
      Mna ngizalwa kwaRhadebe nginguGatsheni umzukulwa wasemaTshaweni nama Cethe apha e-Eastern Cape (EC), manje loko akusho ukuthi ngingumXhosa since ngizalelwe eEC nginguMzukulwa weNkosi zamaXhosa uTshawe hayi iNduna ukufana noMadiba also not Hlubi ngoba ngizalwa nguMa-Rhadebe. Abakhulu bakithi babaleka/ Mfuduko from KZN also know as Zulu-Land ngezikhathi zikaGatsheni noShaka, ukufana ne Eastern Cape (Transkie) KwaGcaleka in times of uTshawe.

  21. Ntlonipho Ndlovu

    Hi everyone. I need help and guidance. Anyone who can tell me more about surname, I’d be really grateful. I need to know of my origin. My whatsapp number is 0633856945. I’d really appreciate your help my brothers and sisters

  22. Bonginkosi Skele

    Molweni nonke MaNdlovu amahĺe,endikwaziyo mna zonke izizwe zabeNguni zidabuka eCentral Africa, zehla nge Nile river, zihambe zishiyeka kulamazwe zazokuma kwaZulu, zasabalala ke ngenxa yemfàzwe kaShaka. UNdlovu yena mnye,noba ngowaphi. Nam ndicela ukucaciselwa ngezithakazelo zakwa Ndlovu.

  23. Nhlanhla Sibisi

    Nga NgIthi Msuthu ukubani bengikawamulume. Ngizalwa UMaNdlovu.
    Ngakhuliswa Kwa Ndlovu.Nginibingelele nina be gazing. .
    Nakhu engakucotshelelwa I khehla iladlala Indima enkulu empilweni Yami,Umkhonodaka izemtiti ngikutetemuka nabhuna bhunu E Pitoli.
    Wath yena ungu Ndlovu Msuthu bese bethi boyabenyathi…
    Lokho bakusho ngoba bona vele be ngabe suthu Ukufika kwabo kweyami Kwa Zulu baqhamuka Phakathi kondi nokhahlamba bembethe izingubo betelebhele behaviour ngezinjomane baze bayofika EFilidi (Vryheid). Bafika bazinza endaweni Yase Haladu..La Yilapho usathola abantu abakhuluma isiSuthu enkabeni YakwaZulu nanaMhlanje..base khona bakwaNdlovu abasahlala kuyo leyondawo yield iningi lathutha k we laba quasi basondelela ezimayini zamalahle e Tilehe (Utrecht ) bayofika Nase Nyonikhahlela (Newcastle)

  24. Nontuthuzelo Magxunyana

    Molweni boNdlovu,mna ndngu mxhosa wakwa Ndlovu,malunga,zindla ekhaya ngokuswela umelusi,mntungwa,,,kuthiwa singa manguni sivela kwazulu nge mfazwe ka shaka okhokho baya e Easter Cape.

    1. Eish nam nto zakowethu ndingu Ndlovu, ndibengu Mntungwa u malunga ( zidle’khaya ngenxa yoswela abelusi) into eye indibhide tile yoba siphinde sibeno nxibelwano noo Dlamini. ndicela nje ukhanyiselwa kuloo ndawu yoba sithungelane noo Dlamini. Enkosi. Sonwabile Mdala. 0640458036.

  25. LUNGILE MALINGA

    sanibonani bo NDLOVU ngicela owazi isithakazelo sakwa Malinga ngoba ngoba.phela nakithi lo NDLOVU uyangena kuthiwa MALINGA NDLOVU EZIDLA EKHAYA NGOKUSWELA ABELUSI NKALA ZINDELA …..NOKUNYE NGICELA NINGILUNGISELE.

  26. Sbu Ndlovu

    BoNdlovu sibahle sonke, mina kith ngith NDLOVU NGONYAMA KABHUZA NOKUNYE NOKUNYE NGOKOKHOKHO KODWA SIMUNYE!

  27. Albert

    Abako Mthombeni,Lobulembu Mbokazi,bona a si bako Ndlovu na?agegana@yahoo.co.agegana@yahoo.co.uk

    1. Khangelani

      Sanibonani mna ndazalwa ngu Mkhokheleli John Ndlovu…owayesebenza kwihotel eThekwini ongowase Showe….plz Ndicela uncedo ndiseFlagstaff EC uzalwa ngu gogo uMantanzi…my number 0785340525

  28. vusisizwe ndlovu

    Bakwa Ndlovu mina ngisuka ngidideke ngemnvelaphi yakwethu,khona manje mina ngiwakwaMlevu eNdlovu ngilokhu ngilonda umzila wenvelaphi kodwa lutho bo ayiveli lakanci,angazi kungenziwa njani ngalo umlandu.

  29. zamani

    hei guyz plz tl me more my surname is nhlozi ngokomland kuthiwa babalek ngenxa yezimp bona kwakungo tlou so baze bafik kwamhlab uyalingan lapho kwashon khona o tlou baningi olwandle olubizwa nge blackrock namanj kusakhon indaw yakhona ibizwa ngezintange so nolwaz kangchazel

  30. Zakhele donald ndlovu

    Bakwethu mina ngingu zakhele ndlovu gatsheni boyabenyathi obusonga bsombuluka dlangamandla mpongo kazingelwayo ndlovu zindla ekhaya ngokuswela umelusi zase ziluswa yintombi udumazile nina bakwa khumbula amagwala sihlangu esihle mthiyane ngokuthiya amadaoda emazibukweni ndlovu mawucaphela kahle u ndlovu wuye kanye osihlanganisayo sonke siyizi zukulwane zakhe ngoba undlovu uzala ugatsheni ugatsheni yena uzala ulamula ulamula yena uzala uzingelwayo uzingelwayo uzala umpongo umpongo uzala ungema ungema uzala umdingi laba ke wo khokho bokhokho bethu ngoku hlukana kwethu angvalelise ngiyabonga ndlovu

  31. Sinqobile Ndlovu

    Eshh ngaze ngakholisa bakwethu, kangazi okunengi kodwa thina ngakithi baqala ukwazisa uMadlabutho beze kuqamu ababelebutho abahamba baze bayahlala emzola Lupane Zimbabwe bengicela lingicede uma kukhona ongabe esazi NgoMadlabutho lowo loba uNqamu ngoba bathi ngokhokho labo but bayatsho ukuthi sivela le siyele sisiya le, besekusiba nzima kimi ngoba ubaba waze wangatha igama elithi Madlabutho abathi wayesebuthweni likamzilikazi onguye owaduma ngokuhlala kweleZimbabwe. Whatsaap number yami nxa kulo muntu ongabe esazi ngoMadlabutho loba Ngonqamu useduze nami kelowo 0836650541 ngiyacela ngiyabonga

  32. Thulani Ndlovu

    BoGatsheni Sizwe sikaNdlovu. Cha nami ngithi angiphonse esivivaneni emlandweni wakithi kwaNdlovu. okokuqala kumele sithole ukuth ayemangaki amadodana kaGatsheni nokunguyena owafika kuqala esizweni sakwaZulu. umlando oyizicucu esinawo njengamanje la okaZingelwayo owayesolwa ngokuthakatha nguMacingwane. nokungaziwa ukuthi wafa kanjani kodwa kwaziwa indodana yakhe uMpongo eyabulawa uBheje. besekuthi abafowabo bakaMpongo abavezwanga kulomlando ocoshwayo. okokugcina ukuth uBoyabenyathi igama lenye yamadoda akwaNdlovu, kodwa engingenaso isiqiniseko sokuth uzalwa nguyeyini uZingelwayo noma cha

  33. Nkosinathi Ndlovu

    ONdlovu oboya benyathi, omehlo mancane, okumbudzi – yilokhu engakuzwa ngisakhula kuMkhulu.
    Ingabe yindlovu enjani.

  34. Mina ngokuzwa kwami ngendaba yezithakazelo ngezwa bethi kudala le izithakazelo bezibakhona ngesenzo somuntu engicabanga ukuthi yiyo lento ethanda ukudida kakhulu.okungangokuthi mina nabafowethu singenza ngokuhlukana hlampe mina ngibulale ibhubesi omunye wabafowethu adume ngokunye mhlampe ngokuzingela.lezo zinto bezifakwa zingane uma sezibonga ubaba wazo nje njengami uma ngabulala ibhubesi ngomkhonto sekuzongenaa uma sebezitsho izithakazelo zami kodwa kumfowethu ngeke bakubize lokho ngoba yena wayedume ngokuzingela bazobiza lokho nje sikhule kanjalo isthakazelo yingakho zingasoze zifane okuzofana nguye lo Ndlovu obevele ekhona onguye ohlanganisa umdeni wakhondlovu.okuchaza ukuthi abanye ngoSonkomo Mthuli wamaduna qhagwe eliduna umgigo ogiga abetshabe besekungena ke nalezi engizizwa lana lizisho.imvelaphi ikhona siyayazi ngokudabuka kukandlovu izithakazelo zihluka ngokwenza komuntu ohambeni lwakhe.laba abalahla usiko yilapho okwaphelela khona iketang yezithakazelo okungangokuthi nathi esikhona manje sishiye lokho ingane zethu nezizayo zizosala zisikhumbula ngakho ube kuChain yezithakazelo.masingadideki Baf’wethu.mina ke Ngingu Ndlovu womNdebele kwa Mzilikazi.yikho nje ubona isindebele sami sibalekela esiZulwini.

    1. Manqoba ndlovu

      Mfo wethu cosmas mhlanga ndlovu ngithi angikubonge ngalokhu okushoyo iqiniso kuhluka ngezenzo owami ubaba igama ababembiza ngalo kwi “soccer” esakhula kwakungu mpisi yena uma engibiza ungibiza NGO bhambatha ka mpisi kusho ukuthi akuzona kumina ubona izenzo zami angifanise no bhambhatha lo ozalwa umancinza

      1. Manqoba ndlovu

        P.S. cosmas mhlanga we are all 1 inkinga undlovu lo ozala wonke lamadodana udabuka ukuphi?

  35. Swelele Ndlovu

    Minake MaGatsheni ngizalwa khona kulaba okuthiwa babuya eLesotho, ngizwa kuthiwa sehla ngesilulu sihuba ihubo lakwaNdlovu sibuya eLesotho. Manje angazike ukth kwakungubani owayesihola noma owayephethe thina ngileso sikhathi, kdw ngike ngizwe ukuthi umlando wethu uphatha uGatsheni ubale noMpongo noZingelwayo, Lamula Mdingi Ngema njalo-njalo. Engifisa ukukwazi kakhuluke kubafwethu nobaba laba abaseQhudeni ngoba mina ngiseMsinga kdw ngiyezwa ukuthi sizalwa sonke nguZiswana owayezalwa nguBhaza yena eZalwa nguNomakhwelo. Ngifisa ukuthi kengicaciseleke ukuthi kunyuka kuze kuyoxhumana kanjan lephezulu koMpongo noZingelwayo. Mina ngizalwa wuShantsha ezalwa wuYisaka ezalwa wuMlungwana yena ezalwa wuZiswana kaBhaza…. Kuze kuyofika koMpongo ngyabonga MaGatsheni!

    1. Phumlile

      Swelele please contact me on 0763973828. Mina nawe ngathi sisozalweni olulodwa ngo Mlungwana.

  36. Gatsheni Ndlovu

    Indaba yesibongo sakwa Ndlovu iyinkinga ngoba abanye bathakazela bathi “sehla ngesilulu sasoSuthu, sadla inyama singayidleli ogqokweni siyidlela enyongweni”

    EyobuSuthu ilokhu ivela njalo esibongweni sakwa Ndlovu.

    Lena-ke yokuthakatha kuka Mpongo iyiqiniso ngoba njengoba sibizwa ngabakwa Mthiyane nje asihlobene thina noMthiyane owuZondo kodwa singoMthiyane ngesigameko ngoba abakwa Ndlovu babentshontsha izinkomo zikaMacingwane wakwa Mchunu kanye nezakwa Khanyile uma zidla edlelweni. Babona abantu ukuthi izinkomo zabo ziyaphela ziqedwa abantu bakwa Ndlovu kwase kuvela isithakazelo esithi “Mthiyane ngokuthiya izinkomo zamadoda”

    Eyakwa Ndlovu inkosi yayibuye ithumele amanqe andizele phezu komuzi kaMacingwane kodwa lokho kwakwenziwa ngemithi namakhubalo anzima ngoba yayiqinile inkosi yakithi.

  37. Mina ngphuma kwelika Mzilikazi eZimbabwe ngyathanda ukwazi ngoladu wakiti wakiti wako Ndlovu. Uma sibuza omkhulu ngomladu wethu basikhomba eNatal bathi basuka eNatal ngeskhati sika Tshaka.bati basuka bebaleka ngoba bantshosha inkomo zikaTshaka.

  38. Mthonti/Lamula

    Ngicela usizo ngemvelaphi yesibongo sami

    Mthonti; Lamula; Mwelase ongaweli ngazibuko Owela ngempambosi zomfula; Mpangazitha Ukhokho wethu ngu-Sigananda

  39. Douglas Thulani Ndlovu

    Kanti oNdlovu Mkhandela bona badabukaphi

  40. Nkoskhona

    Bogatsheni cha asehlukene nakancane siphuma sendelinye njengobanibona ukuzalana kwabo khokho bethu mina engifisa ukukwazi kakhulu imvelaphi kaGatsheni lapha kuthiwa singabenguni kodwa ezithakazelweni sibuye sibizwe ngabesuthu cha nina bakwa sihlangu sihle yithi abantu. 08 5407 626

  41. Gerald mabuka Ndlovu

    Mina ngu Ndlovu kamthombeni ovela ezimbabwe,ngifuna ukuba kwazi ukuthi isithakazelo sami siyafana ngasomuntu wonke na kumbe kumele lami ngizitheme ngotathegulu bakithi.Ngicela lingisize bogatsheni.

  42. Macnally Siyabonga Ndlovu

    Sengiya dideka ke manje… nginguNdlovu
    Gatsheni,boya benyathi
    Mpongo kaZingelwayo
    Dingiswayo
    Impunzi evuke nomkhonto emawunzi
    Isambane esimb’ umgodi singawulali
    Ugagane oluvalela abantwan’ eziswini
    Umhlaba dabuka ngimbe ngingene
    Umkhonto usimuka noNdiyane
    Njalo njalo….
    Ake ningichazele ngoba indabuko yethu sonke singabakwa Ndlovu ihlukile… aningisize nangeyami if nizokwazi.

  43. Fraser Mncedisi Ndlovu

    ngingu Fraser Mncedisi (Ndlovu) Ratshitanga

    ngiphethethe isihlahla somndeni wakwaNdlovu, O Ndlovu abasenhla nezwe nale KZN.
    Ngobuningi sakhele I Newcastle izinkaba zethu zasala Esidakeni naphansi kwentaba iMadlangeni e Utrecht. bakhona abanye bethu abaphakathi kwe Vryheid ne Mondlo kanti futhi nalapho safudukela khona ngo 1969, sisuka eMadlangeni saya OSizweni lapho sibaningi khona futhi. lesihlahla ngasiqala ngingedwa sabe sesingenelwa ngundeni ngesasa, sesikhulile manje, sinenjongo yokuhlangana no Ndlovu Gatsheni, oMpongo laba abaneNkosi yowesimame,

    lesihlahla siqala kuMgebisa size ngo Mnyama sehle size sifike kulesizukulwane sethu, mina ngazalwa ngo 1967 khona e Utrecht, ngisebenzela e Pretoria umuzi use Midrand kodwa ikhaya elikhulu lisekhona e NEWCASLE, Osizweni e ward 13 duze Ndonsa ne Xolani high schools.

    ngizothatha isikhathi sokuhlela lesihlahla bese ngisifaka kuyo lengosi yezokuxhumana kungedala nje. ngiyanxenxa ke nabanye besondele sokwazi ukwakhwa lelifa labantwana bethu.

    isisusa somlando sithi: uMgebisa no Gatsheni bangabesende elilodwa bangabeSotho babelwa izimpi zombangazwe, babaleka e Lesotho baphuma ngentaba Mnyama, bazongena ngezintaba zondi, e Underberg, KZN. Lapho bahlukana Umgebisa yena omdala wakhuphuka waya enhla nezwe kwathi uGatsheni waya eZulu land lapho afika walwa khona izimpi zombangazwe saze iSilo Ushaka samklomelisa ngomhlaba, kuphinde kuthiwe UMgebisa waba yi ngede YESILO Ushaka okwasiza isilo ukuthi sithubeleze size siyongena e Lesotho.

    thina sithi:

    Ndlovu, Ndlangamandla, Nkomo zadla ekhaya ngokuswela abelusi, zaluswa yintombazane u Demazane, Msotho wezingubo ezibomvu, ngwadla yamabhudle eyathi ibhudla omunye yabe ibhudle omunye ngayizolo. Manyama ka Madinane, nsungulo azigobi zinguzingile ,zagoba emhlahlandlela, nina bokungena ngenhloko lapho kunokufa khona.

    ngiyema lapha

    ngizifaka kanye nesihlahla kulengosi yezokuxhumana, ngitholakala kakhulu nge cell nange email

    cell: 0726161290
    T: 0123932800
    email: RashtangFraser@saps.gov.za

  44. Thabani Ndlovu

    noma ngabe ungumuphi u ndlovu, ekugcineni sonke singundlovu zidle khaya ngokuswela abelusi, udemazana ntombazana, omdubusi, zikhona izithakazelo ezifanayo kithi sonke ngalokho ngingasho ngithi sihlobene

    U Thabani Ndlovu lo

Leave a Reply

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.