Incazelo nokusetshenziswa kwegama: UYIHLO

Uyihlo = ubaba wakho.
Igama ‘uyihlo’ liyigama elilodwa elifinyeza inkulumo ethi: ‘ubaba wakho’. Ngakho-ke esikhundleni sokuthi uma ukhuluma nomuntu uthi: ‘ubaba wakho’, ungasebenzisa igama ‘uyihlo’. Awube usamfaka u-‘wakho’ emumva kokusebenzisa leli gama.

Igama ‘uyihlo’ (oyihlo ebuningini) ulisebenzisa kumuntu noma kubantu osuke ukhuluma nabo bukhoma, lapho usho khona ubaba wakhe uma emunye, noma obaba babo uma bebaningi. Awulisebenzisi kumuntu osuke ukhuluma ngaye, futhi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe.
Uqaphele lokhu kungakudidi: uma sithi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe, sisho lapho ukhuluma khona ngobaba wakho. Njengokuthi ngeke usho ukuthi ‘Uyihlo wami’ (lokhu akulungile). Kepha ungalisebenzisa uma uzisho wena, njengokuthi ‘Nginguyihlo mntanami’ (lokhu kulungile).

Ngezansi yizibonelo zokusebenzisa leli gama ngendlela eyiyo:
1) Akakafiki yini uyihlo weZandile?
2) Zingane kumele nibahloniphe oyihlo.
3) Bongani, tshela uyihlo ukuthi sengifikile.
4) Uyihlo uyakuthanda ukubuya ekhaya sekuhwalele.
5) Thoko ungakhohlwa wukuthi nginguyihlo, ngakho-ke kumele ungihloniphe.
Kule misho eyisihlanu engenhla, igama ‘uyihlo’ lisetshenziswe ngendlela okuyiyona okumele lisetshenziswe ngayo.

Ngezansi yizibonelo lapho okusetshenziswe khona igama ‘uyihlo’ ngendlela engalungile. Okusho ukuthi akumele lisetshenziswe ngalendlela (engezansi):
1) Ubotshela uyihlo kaZandile ukuthi akeze layikhaya.
2) Angimazi uyihlo kaBongani.
3) Uyihlo wami usemsebenzini.
Yomithathu le misho engenhla ibhimbile, ayibhalekile ngendlela. Igama ‘uyihlo’ alisetshenziswa ngale ndlela.

Ukusebenzisa leli gama (uyihlo) kumuntu omdala kunawe akuzwakali kahle futhi akusiyo into esiyitusayo ukuthi uyenze, kodwa lona alisiyona inhlamba.