Memela Izithakazelo

Izithakazelo zakwaMemela

Gambu,
Msuthu,
Memela,
Ngwekazi,
Dumabezwe,
Ntethe,
Kumayakayaka;
Sidwab’ esimantwenguntwengu ngokudliwa yinundu.
Bhele likaMdingi –
Yen’ ongakhokhobi njengoMacingwana, yen’ okhokhobel’ engonyameni.
Sidwaba sokudabuka;
Msuthu ka Langa.
Makoti owadla igqila ethi udla inyama.
Nina abehla ngesiLulu, naningazele usizi nanizele ukubusa.
Mbhaba owakhahlela kuqala eminye ingakokhahleli!

Kant’amaGambu ngabombizane, babiz’umuntu edlula ngendlela bathi akaze azosika wath’esefikile badlanaye kanti baz’omnikez’inkom’eGambu.
Mshukangubo,
Ngwekazi kaLanga,
Nombele,
Math’ amahle,
Zinyawo zenkosi.
UThabethe nguMthwa oluthuli; baze bathi nguNontuli ozitha zasal’edengwane ngob’ uMemela esethukuthele.
Uzalo kaMdingi; umshisi wezikhotha eshisela ababemshisela naye.
Bathi ngu Hlawula, ngob’ ethi “hlawul’ ukudla kwami, njandini!”

AbakwaMemela, ngabantwana bomthwakazi. Ngabathwa abaluthuli abathwal’isiba lomkholwane, lona lingathwalwa ngabafokazana, lithwalwa ngamakhosi.

Ngu Thokozani Lesedi Memela

25 thoughts on “Memela Izithakazelo

  1. thulane shongwe

    siyabonga ukusifundisa ngendabuko yethu, plz ngipheni takitsi kashongwe bomabhengeta angiyati nemlandvo wakhona plz plz , my e-mail cvthulane@gmail.com

  2. sandile langa

    Izithakazelo zakwa gumbi zithini no mlando wakhona uthini

  3. Mzwandile Thabethe

    Please help me find the origine of Thabethe nezithakazelo zakhe.

    1. Mzwandile Thabethe

      Please help me find izithakazelo zakwaThabede ngomlando wakhona. Ngiyabonga.

  4. Bong'nkosi Mngonyama

    Ngicela ningazise ezakwaMngonyama nomlando wakhona.

  5. Nkululeko Manana

    Sanibonani, Ngicela usizo ngezithakazelo zakwaManana, nomlando.

  6. hloniphile nyaba

    Ngcela usizo bakithi ngesibongo sakithi,uNyaba ,imvelaphi yaso,Kanye nezithakazelo,sengiqala ukuphatheka kabi ngoba usizo angilitholi

  7. pinki

    Ngicela isithakazelo sakwaMOKOENA myela meets I plz

  8. siphesihle memela

    Thanks kakhul ngokusfundis iythakazel , but ngcel imvelaphi , nesisusa sakwa Memela bandla angikwazi plz plz plz 🙏

  9. siphesihle memela

    Ngicela umlando wakwa Memela plz plz plz

    1. sbusiso sadam

      siphesihle memela wena kuwe its better minangifuna abantu bakithi baka memela igama ngingu sadam

  10. Shaun

    hi

    would you please kindly find izithakazelo zakwa Shobede/ Shwabede

  11. Isaac

    Good afternoon

    If you can pls have refs for Ngwenya origins their place of origin in Africa time as well as approximate as it can be .

    Appreciative to your work contributions to the re awakening of our cultures and ancestry,

    Waiting in anticipation

    Cordially yours

    Isaac Likhetho Ngwenya

  12. mfundo

    kwatsho kwathi xhibilili emphefumlweni kuba klk mna ndiyazidla ngobumna kwam,nobume bam ndingumxhosa oxhosa isixhosa xo kwaye andinyonyozi ngalonto

Leave a Reply

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.