clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Sokhela

Izithakazelo zakwaSokhela

Sokhela!
Nzuza
Mahlobo
Mshazi
Nozishada kaMaqhoboza
Owaqhobozela izinkomo zamadoda
Wena owapheka amadumbe avuthwa ngoLwesihlanu .
Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama

Umuntu owanothisa umlando wabantu bakwaNzuza futhi owaduma ngokulwa izimpi ezabe ziliwa kuleyo minyaka kwaba nguNozishada indodana kaMaqhoboza .Iqhawe lakwaNzuza

Izibongo zikaNozishada kaMaqhoboza:

Umziqomela ,njengesilwane
Unqamul’abant’amaqambi
UGebhuz’izulu
Ungongo zabantu nezinkomo
Umahlungulu-ngodweni
Umali wendima kant’uyazalela
Usehla ngendawana yakhe yedwana
Umgwazi weziqananazana
Unyawo lungendlu yakwabo,kwamaSicazana
Umanqe bathi ‘Adlani ngalapha kwaleziya zintaba?’
Adl’abantu bakaNozishada kaMaqoboza

UChakid’ozikhohlokhohlwana
UNtak’oduke namhlambi
Ngob’uduke nezakwaMzilikazi
UNomphanda mthombo wezinsele
Untamo kayidinwa iziqu
Njengabo bonke zibadinile

Ubehlangabez’uZulu eMaqongqo
Kwaze kwabuz’uNdlela kaSompisi
Wathi: Uzawuhamba yiphi na?
Mfana kaMqhoboza na?
Wathi -ke ‘Nansi eyami,
Engizawuhamba kuyo’
Wayesethi-ke yena:’Kepha ngiyakhala
Ngoba ngibona nje iNkosi isiletha abafana
Angiboni engizakulwa nabo
Ngibona abafana bodwa

Ibinda !

Previous

Izithakazelo Zakwa Phungula

Next

Ndlela Clan name 😍 Izithakazelo

3 Comments

  1. Sibongimpilo Sokhela

    Nzuza* β€οΈπŸ€πŸ™what about “uMconjwana” ?

  2. Sibongimpilo Sokhela

    NzunzaπŸ€πŸ™

  3. noluthando

    Sokhela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: