Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Umlando wabantu bakwaKhumaloNjengoba abantu bakwaKhumalo bephuma kuKhumalo obengumnewabo kaMabaso, bezalwa nguMntungwa onguMbulazi, yingalesisikhathi bebesoThaka, lapho beholwa nguKhumalo. Basuka lapho beholwa nguKhumalo behla bayozinza eNquthu, bahlala endaweni yaseMvunyana eNondweni kwehle njalo kuze kuyoshaya eMzinyathi. UKhumalo wabe ke esezala inkosana yakhe uMkhatshwa, yena ozale uZikode. Ngesikhathi abantu bakwaKhumalo sebebuswa nguMagugu kaGasa kaZikode banda baze benabela eBabanango nokulapho uMagugu efike wakha khona ihlalankosi lakhe wathi kuseSikhaleni.

Akahlalanga lapho ubuye wathuthela eNquthu. Simthola esehlukana nabafowabo obekungoDonda noSiwela ebashiya noyise omncane uMashobane noBheje kaMagawozi owayeyibutho likaDloko. Labo Khumalo abebehamba noMashobane sibathola behamba beze bayowela umfula iSikhwebezi. UDonda wase akha umuzi phesheya komfula iSikhwebezi wawetha ngokuthi kuseZizibeni lokhu okwaholela ekutheni uma ehaywa abizwe ngoDonda weziziba. UBheje wakhe owakhe wathi kuseNgome, owabuye waziwa ngokuthi kuseTsheni likaBheje. Kanti noMlotshwa kaSiwela yena wakha owakhe umuzi eduzane kweqguma uMaphonjwana wathi kusoThulini. Ngesikhathi uMagugu eseNquthu, uhlaselwe yiNkosi uShaka wabaleka nabantu bakhe bahlakazeka nezwe lonke.

Isizukulwane sakhe sitholakala eNquthu, eNtinini eTilehe nase (Utrecht) naseDriefontein. Umuntu oqgame kakhulu kwaKhumalo nguMzilikazi kaMashobane. Usocongwe nguZwide kaLanga wakwaNdwandwe ngoba emsole ngokuthi uxwayise iNkosi uShaka efuna ukumbulala. Wambulala uDonda wamnquma ikhanda wayohlobisa ngalo endlini kanina uNtombazi kwaDlovunga KwaNongoma.

Kanjalo noyise kaMzilikazi uMashobane wasocongwa yinkosi uZwide ikhanda lakhe layohlobisa khona kwaDlovunga. UMashobane yena washiya inkosana yakhe uMzilikazi. Lokhu kwenza uMzilikazi agcine ehambile eyokhonza enkosini uShaka ethi uzama ukubalekela ulaka lukaZwide njengoba esanda kwenzakalisa uyise. Lapha KwaZulu uMzilikazi afika wavele waba isilomo enkosini uShaka njengoba iNkosi uShaka wayewathanda amaqhawe, naye-ke waba ngelinye lamaqhawe eNkosi uShaka.

UMzilikazi wabuye wabaleka KwaZulu emuva kokuba eseqembule izinkomo zenkosi uShaka. Wabaleka waze wawela umfula iGwa ehlasela izizwe ayehlangana nazo, wadla izinkomo zazo wazithatha zaba ngaphansi kwakhe. Waqhubeka njalo waze wayofika koTransvaal kodwa akangahlala kahle ngoba abamhlophe bebembona njengomuntu ongahlalisani nabanye abantu othanda impi kakhulu.

Wabaleke wawela umfula uBhalule (Limpopo River) waze wayozinza eZimbabwe lapho babebabiza ngaMatebeke ngoba bengagoduki, befaka amabheshu nezidwaba. Bagcine sebebizwa ngaMaNdebele. Ufike laphaya eZimbabwe wakha umuzi wakhe wathi kwaBulawayo okwabe kuligama lomuzi weNkosi uShaka KwaZulu.

Lowo muzi usulidolobhakazi elingelesibili ngobukhulu khona eZimbabwe. Amadodana akhe okwabe kunguNkulumana oyinkosana noMangwane babanjwa bexoxa ngamasu abayowasebenzisa uma sebebusa emva kokukhothama kukayise.

Lokho akuzange kwehle kahle kuMzilikazi, ubabuze ngamasiko ukuthi bayawazi yini. Wathi kubo lake laphuma yini elinye lisekhona, esho ngoba bezibeka amakhosi yena esekhona. Wathi abendiswe wabuye washintsha umqondo wathi abayiswe KwaZulu beyofundiswa amasiko. Bahamba ke nezancinza zabo, amakhosikazi nabantwana. Ohambweni lwabo behlukana endleleni ngoba uzalo lukaNkulumana kunamuhla luyatholakala eBotswana.

Oluka Mangwane lona lutholakala eFree State naseMpumalanga Province. Laphaya eNgome uBheje nabantu bakhe sibathola sebehlaselwa yinkosi uShaka. Kuleyompi iNkosi uShaka wayebambisana nabengwadi bephethe izibhamu kwathi abakwaKhumalo bayazama ngamatshe bebajikijela kwanhlanga zimuka nomoya, kwasho khona ukuthi bebengazibekile phansi abengwadi ngemijojantaba.

Izibongo Eziphuma KwaKhumalo

Zingaphezu kwama 95 izibongo eziphuma kwaKhumalo. Lapha sizobheka ukulamana kwabantu bakhona.

UMbulazi wazala uMntungwana yena owazala uKhumalo ozala uMkhatshwa noMangethe. UMkhatshwa wazala uZikode owazala uGasa, uMashobane noMagawozi (Dlomo). UGasa wazala uMagugu, Donda noSiwela. USiwela wazala uMlotshwa yena owazala uMbophe noMphazima owabe eyinyanga yezulu. KuMphazima yilapho kuphuma khona abantu bakaNkosi ababizwa ngoDlangamandla.

Indlu yaseMahlangeni (Utrecht)

UMagugu kaGasa wazala uMthentisi, uManjobo noNkonyeni. UMthenteni wazala uQomintaba, uNhlaka (uzalo lwakhe lulaphaya eDlebe, Nkonjeni, Nongoma naseMahlabathini idlinza lakhe likwaDuvela). UQomintaba wazala uSabulawa yena owazala uWillem ozala Enock yena ozala iNkosi uLaduma. UNkonyeni wazala uMzungezi owazala uMgabashe ozala uDikida.

Indlu yaseSizibeni

UDonda wazala uMaqandela yena owazala uMbiyane, uMangwane, uGqogqa nabanye. UMbiyane wazala uManzini owazala uSobanqandi noMzondeni. USobanqandi wazala uMajubane noDakwa. uMzondeni wazala uPhefeni noNkwelo. uPhefeni wazala uNqabayembube. UNkwelo wazala uMshikane. UMajubane wazala uMbuzi noNdweshe. UDakwa wazala uMhlathi noMamba.

Indlu kaBheje (eNgome)

UMagawozi wazala uBheje yena owazala uMqhethi ozala uKhezi, ozala uMsayeya yena ozala uSibanda owazala uMeshu.


Indlu kaManjobo (eNondweni)

UManjobo wazala uSobhuza, uMgitshwa, uMshanananda, uNdengezi, uLugede noMnyanda. USobhuza wazala uMhlangane, uMbuyana, uMnguni, uNtoyani, uSigqoko, uMzila noNdophi. UNdophi wazala uMajana. UMzila wazala uMbhukudu kwathi uMnguni yena wazala uSonkamfu noMbuyana wazala uGabangani. Inkosana yakhe uSobhuza uMhangane yazala uNgulwane emzini wakhe kwaDidwayini, yena owazala uHomfu.


Indlu kaMzilikazi (KwaBulawayo eZimbabwe)

UMashobane wazala uMzilikazi yena owazala uNkulumane, uMangwane noLobengula. ULobengula wazala uLobila, uMphezeni noSidonjwa yena wazala uCaiphas. ULobila wazala uBanyana ozala uSikokwana.


Ezinye izibongo eziphuma kwaKhumalo

Nkosi – Dlangamandla

Shembe

Dubazane

Mabaso

English Summary

MaShobane was Mzilikazi’s father who was killed by Zwide. Mzilikazi decided to go and serve Shaka trying to flee from Zwide’s wroth after having killed his father. He became very popular and Shaka liked him since he was a great hero and he became one of Shaka’s trusted men. He was then later forced to flee from Shaka because he stole Shaka’s cattle that were meant to be brought to Shaka. This made the king very upset and he was very unhappy about this action. He ran until he reached Zimbabwe and the Khumalo’s are found all along this trail because of this situation that happened between Shaka and Mzilikazi.