clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: October 2016

Izithakazelo Zakwa Luswazi

Izithakazelo Zakwa Luswazi

Luswazi
Phakathi
Nonkosi
Didiza
Mthobane
Lwandle
Wena kaDuma ka Mthombeni
Lwandle kaluwelwa luwelwa izinkonjane ziphapha phezulu
Magongolozi aphekwa netshe kwavuthw’itshe kqala
Asala egongolozile(egongobele)
Wena kadidiz’ulwandle Luze luvume
Wena kankukh’idlele

Amagama esiZulu

Bafowethu nodadewethu, kukhona amagama esingisi esinomkhuba wokuwasebenzisa uma sikhuluma ngoba singenaso isiqiniseko sokuthi abizwa ngani ngesizulu.
iZuluring iqala umkhankaso wokusikhumbuza lawo magama.
Maningi kakhulu kodwa siqala ngalawa alandelayo:

Ulozolo (Beautiful melody)
Isibonelo:
Ngizwe nge-melody ngizihlalele ngicabanga.
Ngizwe ngolozolo lomculo ngizihlalele ngicabanga.
Gxila (Concentrate)
Isibonelo:
Kuzomele uconcestra-yi-theh impela kulawo magama.
Kuzomele ugxile impela kulawo magama.
Izicoficofi (Junk food)
Isibonelo:
Ukudla kakhulu i-junk kuvala inhliziyo.
Ukudla kakhulu izicoficofi kuvala inhliziyo.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: