Libheke uligcineโผOsongela omunye ngokumbulala.
Month: November 2016 Page 2 of 5
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungusheโผUsongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
Nalapho kungekho qhude kuyasaโผakusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.
Lixhoshwa libhekileโผIphutha lenzeka noma uqaphele.
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqeโผUma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.
Kubambene ingwe nengonyamaโผKuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.
Kazi iyozala nkomoniโผKazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.
Isilo siyawafinyeza amaziphoโผUmuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.
Isalakutshelwa sibona ngomophoโผUmuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.
Iqaqa alizizwa ukunukaโผUmuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.