clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Month: November 2016 Page 2 of 5

Libheke uligcine

Libheke uligcineโˆผOsongela omunye ngokumbulala.

Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe

Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungusheโˆผUsongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.

Nalapho kungekho qhude kuyasa

Nalapho kungekho qhude kuyasaโˆผakusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.

Lixhoshwa libhekile

Lixhoshwa libhekileโˆผIphutha lenzeka noma uqaphele.

Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe

Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqeโˆผUma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.

Kubambene ingwe nengonyama

Kubambene ingwe nengonyamaโˆผKuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.

Kazi iyozala nkomoni

Kazi iyozala nkomoniโˆผKazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.

Isilo siyawafinyeza amazipho

Isilo siyawafinyeza amaziphoโˆผUmuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.

Isalakutshelwa sibona ngomopho

Isalakutshelwa sibona ngomophoโˆผUmuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.

Iqaqa alizizwa ukunuka

Iqaqa alizizwa ukunukaโˆผUmuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.

Page 2 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: