Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Imibala yezinkomo nezincazelo zazo

UMbhungu

Inkabi emhlophe qhwa ngisho nezimpondo kanye nezinselo zayo
Igama elithi u’mbhungu’ libuye lisho ingane engakazalwa engakabi nalo ithambo. Lapha enganeni leli gama elithi umbhungu’β€Ž lithathelwe egameni elithi isibungu ngoba izinto ezifana neminyovu (wasp), izinyosi, imuvu nokunye okutinyelayo ziqala zibe izibungu (izimpethu) ngaphambi kokuba izibe ilezo zinto. Ngisho nempukane imbala ize ingatinyeli kodwa iba impethu kuqala ngaphambi kokuguqukela ekubeni impukane.
Umbhungu wenkomazi kuthiwa u’mbhungukazi’

Inco / Incokazi

Inkomo yensikazi ebomvu enamabala amhlophe
Amaqandakwayiba
Lena inkomo ensundu enamabala amamhlophe acisha aqaqele umzimba wonke

Amatshehlathi

Lena inkomo exube imibala ngokulinganayo, kungab ngomnyama noma omhlophe, kokunye kuba omdaka nomhlophe

Inyonikayiphumuli

Lena inkomo emhlophe qwa engenalo nelilodwa ibala. Kubuye kuthiwe ilanda nokuyigama elithathelwe enyonini emhlophe qwa ebizwa ngegamaβ€Ž elifanayo.

Intenjane

Lena inkomo emdaka noma empofu. Kwesinye isikhathi kuthiwa imdubu noma imthuku. Uma kungeyensikazi kuthiwa intenjanekazi. Leli bizo lisuselwa egameni lenyoni ebizwa ngokuthi intenjane enamabala ampofu njengayo le nkomo ebizwa ngentenjane bese ikhwifiza ngamabala amnyama umzimba wonke.

Umzondo

Lena inkomo emnyama noma ebomvu eshaya ngamabala amnyama umzimba wonke. Ukuxuba kwayo imibala kuyenza ibe mpunga okwesinambuzane esibizwa ngokuthi umzondo

Inzima

Lena inkomo emnyama bhuqe enganalo ibala. Uma kungeyensikazi kuthiwa inzimakazi. Kunesisho sesiZulu esithi i’nzimakazi izala ilungakazi ‘ esichaza ukuthi umuntu akazizali. Ilungakazi inkomo emnyama nayo kodwa yona inawo amabala amhlophe ambadlwana nje

Impevu

Inkomo emnyama noma ebomvu enabala elikhulu ebusweni. Uma kungeyensikazi kuthiwa impevukazi, inkabi kuthi uBhulesi nokuyigama elathathwa olimini lwesibhunu.

Inkone

Ibomvu inamabala amhlophe athe caba caba umzimba noma engawuqedile. Kufuneka kodwa ukuthi lamabala amhlophe ehlise umhlonzo,esukela ebusweni. Kwesinye isikhathi inkone iba nombala omhlophe emhlane nangaphansi. Amabala amhlophe esikhumbeni senkomo enkone ahambisa nehlanzeko kanye nokubusa
‘ inkomo ethe isankone kwaphuka isihlalo
UGwembeshe ongamanzi wokuhlalela ‘
UNomashikizela ashiye impi yakhe ‘

IWaba

Olunye uhlobo lwenkone kodwa yona iba mnyama, bese iba namabala athe caba caba umzimba.
Miningi impela imibala yezinkomo. Kukhona Abafazibewela, iMvubamabele, iZikhala zemithi, Amqanda kacilo, Ensiphozambele,iNhlamvu, iNtusi, neminye