clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: December 2016 Page 3 of 7

Ukuhudula izikhumba

Ukuhudula izikhumba∼Ukuhona

Ukujikela eshobeni

Ukujikela eshobeni∼Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.

Ukukhipha inhlazane

Ukukhipha inhlazane∼Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.

Ukugxaza amanzi njengencuba

Ukugxaza amanzi njengencuba∼Ukuhlupheka, ukuba mpofu.

Ukuguda inkomo

Ukuguda inkomo∼Ukusenga inkomo engasenankonyane.

Ukuhlahla inhloko

Ukuhlahla inhloko∼Ukuklabela ukhanda lwenkomo.

Ukuhlamba imikhonto

Ukuhlamba imikhonto∼Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.

Ukuhlala phezu kwezikhali

Ukuhlala phezu kwezikhali∼Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa.

Ukuhlaba usentu

Ukuhlaba usentu∼Ukuqhwitha umhlabathi.

Ukugodla ubisi

Ukugodla ubisi∼Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.

Page 3 of 7

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: