Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izinkondlo: Ngicela ningixolele

Ngikhanyisa isiphefu nginimemela oPhathe,
Nginindlalela isicephu ngicela nihlalisane,
Ngicela nivule izindlebe nize ningizwisise,
Lapho nginitshela ngalesi siqephu,
Ngizogeqa amagula nize nicije izindlebe ningilalelisise,
Angiqonde kuphula moya yenu,
Akunjongo yami ukuninyusel’ imimoya,
Bamban’ imimoya inganenyukeli,
Nginihlanzela iqiniso ngamathemb’ okuba ngeke linenukele,
Ngizol’ cel’ uxolo uma nje ningiph’ indlebe

Zolo lokhu ngiyaqonda besibodwe ngophin’ olulodwa njengamanzi nempuphu,
Sishunqa uthando olunamaphupho amhlophe,
Njengentuthu eshunq’ ebhodweni elibodwe layekwa ngenhlaza yophuthu,
Ngiyaz’ izinhliziyo zenu zimhlophe zisaphuphuma uthando, Njengempophoma enamanzi amtoti,
Ephuphuma ezintabeni ezijomba unqenqema loMvoti,
Noma lezi zindaba zizonehlaba enhlizweni njengameva omdolofiya,
Wona ahlaba ingan’ encane ingone lutho,
Yebo nakimi kubuhlungu keph’ indoda ayisikhihl’ isililo sika Nandi Ingemfazi,
Hho hhe nize ningiphe uxolo

Besithandana kukuhle zintombi zami,
Namathemba ami benginikile wona,
Kanjalo nothando lwami kanye nentando yami,
Nganethembisa ukuba inina eniphethe ubambo lwami,
Ngathi omunye nomunye uye yedwa qwaba,
Nganqaba neqiniso lokuthi niyizi nqwaba nqwaba,
Lena manje sekuyinkilayitheka isiphenduke inqaba,
Ngizocela ukuhlehla sanyovana njenge nqama,
Sesiside isikhathi sinyathela ndawonye singafiki kwandawo njenge nkukhu engumnqunywa khanda,
Sengicel’ uxolo ngiyehlika kulestimela,

Sengithol’ umasihlekisan’ umakitaz’ uqobo lwakhe,
Ngithol’ ingw’ edle ngamabalaba,
Intokaz’ emhloph’ njengamatsh’ ezulu,
Sengishayisane nomas’qabulan’ umathamnandi uqobo lwakhe,
Sengilufumene ngalubhadama ubambo lwam,
Lenyathuko ibibanz’ ngiyaz’ nani benikhona kulolu hambo lwami,
Dilikani manje zikheth’ kungene okhethiweyo wami,
Hlehlani ngomoy’ ogcwel’ ningayiphakamis’ imimoya,
Ngicel’ uxolo kini nonke.

Nize ningazond’ nize ningambekel’ umeqo,
Sulani izinyembez’ nithobise izinhliziyo,
Ningidilize emidlinzweni nasemicabangweni yezinqondo zenu,
Ze nilibale izithembiso zami, ,
Ngicela ningixolele