Izinkondlo: Ngihambile kakhulu

Ngilapha emhlabeni ngiyajubeleza,
Ngihamba nginqamula amazwe ngamajubane,
Sengihambile ngomqondo nangezinyawo zami,
Izindawo eziningi sengizinyathelile,
Okuningi ngamehlo sengikubonile,
Ukuhlupheka kwasemhlabeni ngikuhluphekile,
Injabulo yomhlaba ngiyibonile,
Izinsizi zomhlaba sengiyazazi,
Isililo somhlaba ngisikhihlile,
Sengihambile kakhulu

Kepha izinyawo zami ziyathuthumela,
Izindlela zami sengathi ziyafiphala,
Impilo sengathi ibukhali,
Nesihlangu sami asisekho bukhali,
Izikhali zami ziyephukela,
Ukhalo lwami emhlabeni lufinqiwe,
Kulomhlaba amehlo ami aseyaxhopheka,
Imithwalo yami isiyangisinda,
Nodondolo lwami selu ntekenteke,
Sengigaqe ngamadolo ngizeseka ngendololwane,
Akusanyatheleki umhlaba uyangihlaba,
Sengihambe kakhulu,

Ubungani ngikutshalile ensimini,
Izitha ngizivunile ensimini,
Isithandwa sami ngisithandile,
Abantwana ngibakhulisile
Ubuhlobo ngikukhuselile ngakuchelela,
Okomhlaba ngikwenzile,
Kepha ke seziya ngomutsha wendoda,
Isibongo sami ngizosishiya sizosala sibizwa,
Izingane zami ngizozishiya zizosala zikhula,
Bazokhala abangani nezihlobo,
Kepha mina ngizohamba nginenjabulo,

Ngizoyishiya imithwalo lena,
Buzosala ubucwebe lobu,
Buzophela ubumnandi lobu,
Bazosala abangani laba,
Ngizosala ngedwa ngibhekane nohambo lwami,
Ngizokhohlwa imiyalo yokuphila yasemhlabeni,
Ukholo lwami luye luzikhulumele,
Ngiye ngiyithabathe indlela yami,
Ngiwelele ngale kuleyondawo engenayo imithwalo,

Endaweni lapho ngophumula,
Noma isidumbu sami singasala siphumule lapha,
Umphefumulo wami uzohamba unokujabula,
Amanxeba ami azobhalwa ezandleni,
Izindlela zami zizongilandela,
Ukuphila kwami kuqale kubuyekezwe Nguye,
Ngizobe sengifikile emnqamulezweni,
Ngilinde ukuba angiwelise iJolidane,
Lapho sengihambile emazweni.

Ngizoma ngilinde igama lami ukuba Elibize,
Izwi Lakhe lizoba ukuphila kwami inguna phakade,
Uma lingabizwa ngizovuna engakutshala ensimini yasemhlabeni,
Ngizokhohlwa okwaleli zwe,
Ngizobe sengihambile kakhulu ngise Mazulwini,
Emhlabeni sengihambile kakhulu.