clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Izaga nezisho

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izaga nezisho 

Njengoba ikhaya liqhubeka nezimfundiso zalo, abantwana libafundisa nokukhuluma okuphusile.
Ukukhuluma okuvuthiwe yikho ukusebenzisa izaga nezisho enkulumeni.

Isaga siyinkulumo ecashile kodwa enika umqondo opheleleyo. Isaga siyinkulumo emi kanjalo engaguquki elokhu yama kanjalo kwanininini.

Isaga siyinkulumo eseyabonwa ukuthi injalo futhi engenakuguquka. Nazo izaga njengenkulumo yobuciko, zikhona ezokunqanda abantwana abangezwayo abadukayo endleleni.

Le nkulumo iyabakhalima ibabuyisele endleleni. Isaga njengenkulumo eseyahlolwa ubuqiniso bayo silusizo kakhulu ekukhuliseni abantwana futhi isaga siyilifa sivela kokhulukhulwane siyinkulumo enesihumusho esisodwa inkulumo enamaqiniso angaphikiseki.

Previous

Yini umsebenzi weziphicaphicwano?

Next

Izisho

3 Comments

  1. Kushoni ukuthi :idle ukudla kwamudla

  2. Yebo usho sona isaga

  3. Uma ngithi "intoyomuntu umhluzi wempisi noma ngithi indlu yegagu iyanetha" kungabe ngisasho sona yini isaga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: