Izisho 

Ngenxa yokuthi ulimi luyakhula sekukhona nezisho zesimanje. Izisho ezindala ziya zihlehla kuvela izisho ezintsha. Kunezisho zamanje ezaziwa intsha engaziqondi nhlobo inqwaba yezisho ezindala.

Nazo zamukeliwe ngoba ziyindlela yokuxhumana futhi ziyaphumelela ukubaxhumanisa abantu. Abacwaningi baqaphela ukuthi isisho asiyona inkulumo egcwele kodwa siyibinzana lamagama adinga ukuphaswa ngamanye amagama ukuze anike umqondo opheleleyo.

Ngaphandle kokuba umuntu awazi umlando esisuselwa kuwo izisho angase angazi ukuthi kukhulunywa ngani. Uma umZulu ethi: β€—Kuzofa gula linamasi.β€˜ Umuntu ongalazi negula angayazi kanjani incazelo yalesi sisho esidala kangaka? Kungase kungasizi ukusisebenzisa lesi sisho uma kanti negula uqobo lingaziwa. Uma kokunye umZulu avele athi: β€—Ngibambe elentulo.β€˜

Bexoxisana ngotho oluthile lona oxoxiswayo esho njalo, lokho kusho ukuthi ukholwa yinkulumo efike kuqala. Nokho ukuze ezwe lona okhulunyiswayo, kufanele ukuba uyayazi β€—insumo yonwabu nentulo.β€˜

Uma lona okukhulunywa naye engayazi le nganekwane, ngeke aze azi ukuthi kukhulunywa ngani uma engayazi le 176 nganekwane yasendulo. Ziya zilahleka kanjalo-ke izisho ezindala, zidedela izisho ezintsha.