Izithakazelo zakwa-Bhengu
Ngcolosi!
Wena wakwaDlabazane,KaNgwane,
KaNephu kaLamula,
Nyawo zigezwa ngamazolo,
Nina enivuka nixubhe ngelala,
Shongololo,
Wathi uyalithinta lahwaqabala,
Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze,
Nyawo zeshongololo kaziphumuli,
Sigampu,
Ngwane, ingwani ngwadi,
Abayibone ngesond’ukuthi iwelile,
Jali,
Nina enilala nomunwe,
Nivuke nikhwif’ilanga,
Mmemezi kaHlangabeza,
Ngcolosi!

Ziyatholakala izikibha nama-jacket akwa Bhengu: Whatsapp: 061 868 5163