Izithakazelo zakwa-Mkhwanazi

Izithakazelo zakwa-Mkhwanazi

Spheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,Shamase,

Mwelase,
Sontuli,
Somkhele,Lele,
Khowa,Mayanda,
Dlebhu wabeSwazi,
wena owagula wamis’intamo,
Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga istimela,
Ninemali nina Bakhwanazi,
Veyane,

Mpandeyamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa liyagwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph’inkosi yamaNtungwa,
Owasingath’ihwahwa kodwa wangaledlulisel’mlonyeni,
Mgidla, Lomafu,
Nkwenkwezi,
Sikhumba kaMthethwa kaMantewane,
Gagisa!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mkhwanazi! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

One thought on “Izithakazelo zakwa-Mkhwanazi

  1. Julia

    My surname is Mkhwanazi but from Swaziland. Izithakazelo zami akuzona lezi. Ngingu Shiba Mkhwanazi nabonkosi sithunda sithole abafokazana malolobisa mthond’wethusi.

Leave a Reply

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.