clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sibisi Nomlando Wabo

Izithakazelo Zakwa Sibisi Nomlando Wabo

Sibisi!
Mahlase!
Wen’ obhincis’ umuntu ngojojo
Abanye bebhinca ngobuhlalo nobusenga
Gumede!
Izibisi zikaSishaka
Mlom’ obomvu namachwane azo
Bhovugana!
Izingubo zokwembatha zikaZulu ezidla uselwa.
Onkomo inezitho ezinhlanu, othanda ukuhlephula kwasayo kodwa kungapheli.
Wen’ osilevu side singange sempongo.
Izibisi zomshayi wodaka kuvele amanzi, kwavela uPhongolo
Mlotshwa!
Mncube!
Nomashila kaMbango
Nsuku kaMagawula
Mavela!
Nina bakwaZith’ ezinhlanu
Othandayo makaxebul’ esakhe
Nin’ enaseng’ inkomo nadl’ ubisi
Kant’ inkomo ifuyelwe inyama.

Umlando wakwaSibisi
Isibongo sakwaSibisi besidume kakhulu ngokuba bebizwa ngoMahlase, lokhu okugcine sekuba izithakazelo zabo. Isilo uShaka sithe abantu bakwaMahlase ngabaseZimpisini (Zibisini) kwase kuthiwa ngabakwaSibisi. AbakwaSibisi bebakhelene nabakwaKhumalo nabakwaKhoza le eNondweni ngaseNquthu. Isizwe saseZibisini sitholakala kwaNgenesitheni, eNhlazatshe ngase Vryheid naseNkandla.

Ubukhosi bakhona bebuphethwe yinkosi uBango, ozale uBhovungana, ozale uMtshana wazala uMnqangi, ozala uSishishili noVusindlu. Inkosi Mnqangi ikhothame ngowe 1883 ngempi kaZibhebhu ehlasela uCetshwayo.

Ngenxa yobuqhawe bayo inkosi uMnqangi kuqanjwe ngayo isikole eNkandla. Izindlu ziqale ukuhlukana ngemuva kokukhothama kwenkosi uMnqangi. UVusindlu ubuse eDumbe, uSishishili wabusa kwaChwezi, eNkandla. USishishili uzale inkosi uWillem. UVusindlu, eDumbe uzale uSikhukhu. USikhukhu uqophe umlando ngokuba namakhosikazi angaphezu kama 30.

USikhukhu uzale uMuntu noGeorge, uMuntu uzale uBheki. Indlu yakwaSibisi yesende likaVusindlu isuka e-Utrecht naseDumbe. Isizinda sabo sisoBivane Mission njengoba kuhambe isikhathi basonta eSheshi.

UMxhamana ungomonye wabantu bakwaSibisi abanothise umlando. Ubeyinyosi yeSilo uShaka, bakhule ndawonye kwaMthethwa. Isilo uShaka siqambe abakwaMahlase ngokuthi ngabaseZimpisini nje, bekusolwa uMxhamana ngokuthi uyathakatha, wahletshelwa yiSilo uShaka ukuthi uzohlaselwa. Kuthiwa uMxhamana akabalekanga, uhlomise abesifazane nezingane balala emnyango. Kuthe uma kugasela amabutho eyohlasela, wawabulala. Kufike iSilo uShaka safica abesifazane nabantwana bakaMxhamana begcwele igazi emlonyeni, sathi bayizimpisi ezimlomo ubomvu, kwase kuqhamuka isibongo sakwaSibisi. Ngesikhathi kubulawa iSilo uShaka, ukhalile wathi izinja seziyibulele inkosi yakhe. Uyibongele waze waphuma amagwebu emlonyeni waqhuma washona. UMxhamana kuthiwa kube nguye owendlalela iNkosi uShaka.

Previous

Izithakazelo zakwa-Ndwandwe

Next

Izithakazelo zakwa-Bhengu

9 Comments

  1. Mthobisi mfosholo sibisi

    Siyabonga ngomlando nokwazi ngemvelaphi yethu nendima eyadlalwa ngobaba mkhulu kwaZulu Bhovugana kaBango…!

  2. Sandile Mahlase

    Siyabonga ngokusazisa ngomlando nemvelaphi yethu kwa Mahlase nime njalo nje 🙏

  3. MDUDUZI SIBISI

    Siyabonga ngomlando odephile enisithukulela wona

  4. Sinenhlanhla Sibisi

    Syabonga ngomlando wakithi❤

  5. Bonga Christopher Sibisi

    Ngidlulisa ukubona nokuthokoza kwami ukuzwa umlando wakithi nokujula kwawo ebukhsini baka Zulu

  6. Nonhlanhla

    Siyabonga kakhulu ukwaz imvelaphi yethu thina boMahlase

  7. Mthandeni Sibisi

    Siyabonga umlando wakithi

  8. Samkelisiwe

    Siyabonga kakhulu ngolwazi enisinik lona mayelana nomlando wethu thin omahlase

  9. Nkosie Sibisi

    Siyabonga ngolwazi silujabulela kakhulu thina esingazi ngemvelaphi yethu nakuba sikhulele khona laZwaZulu singamaZulu futhi.
    Sithi nje nime njalo niqhubeke nokusinothisa ngilwazu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: