Izithakazelo zakwa-Khumalo

Izithakazelo zakwa-Khumalo

Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’ eseNgome,
Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba,
Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,

Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw’ abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,

Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi!

Nin’ abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’ abathe beth’ ifil’ uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’ uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus’ emdibini,
Maqhaw’ amakhulu!!!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Khumalo! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho!

Price: R200.00


Thola esakho isikibha, whatsapp kule nombolo: 061 868 5163

One thought on “Izithakazelo zakwa-Khumalo

  1. Ndumiso Lokothwayo

    Pls stop sending me emails plsssssss

    Sent from my iPhone

    >

Leave a Reply

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.