Izithakazelo zakwa-Ndwandwe

Izithakazelo zakwa-Ndwandwe

Zwide kaLanga,
Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

2 thoughts on “Izithakazelo zakwa-Ndwandwe

  1. Mncedisi Simelane kaMbhele

    Ngicela izithakazelo zakwa Simelane no Mbhele. Uma isikhathi sikhona nokuhlukana bakwaka Simelane bamaSwazi nabe Zulu

  2. Peter Ndwandwe

    Ngiyabonga ngezithakazelo zakwaNdwandwe bengicela Mtungwa ungitholele umlando njengoba wenzile kwaKhumalo nami ngicela ungenzele kanjalo

Leave a Reply

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.