clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Mbanjwa

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa Mbanjwa

Sokhela,
Nyon’emyama,
Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,
Gqabela kavezi,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,
Mpazela,
Sisho wena nkanyezi yezulu,
Mzekwa,
Galaza,
Magujwa,
Dindela!

Abanye bazihaya kanje:

Gebani
Ntimela
Mpethuzegusha ziyanyakaze
Mathumbamhlophe njengekhephu
Maphekwa netye lavuthwa kuqala kunabo..mathajiyayo njengenqodi.

Previous

Izithakazelo zakwaMbambo

Next

Izithakazelo zakwaMbokazi

7 Comments

  1. Busie

    Mbanjwa
    Gebani
    Ntimela
    Mavuso
    Mpethuzegusha ziyanyakaze
    Mathumbamhlophe njengekhephu
    Maphekwa netye lavuthwa kuqala kunabo..mathajiyayo njengenqodi.

  2. Mbali

    Khathini

    Chamkazi choboza umhlanga ngokungakhathali kuveleke indlela

    Mzukuzeli owaphekwa netshe lavuthwa kuqala laqhuma wasala esagogobele

    Mancishana kancane ngokwesela izinkomo zikhona zephula isibaya

    Ngungwini mfulwa awuwelwa Magqabela uwelwa zinkonjane sezi ndizela phezulu

    Mpanzela owagutshwa yimpunzi emahlathini koMacelebeni

    Mnguni omuhle ngamehlo noma angalala akawudli umbilini nyama yangaphakathi yenkomo idliwa ngabalandakazi

    Mshiywa yizitha zakhe zithi zimelamele zingabuzanga elangeni lapho esevuka eqotha mbokodo nasisekelo kwalawula hlala la Mlahlankosi engabe la Mphafa emzini yabafokazana

  3. Mbanjwa sgwili toyela magutshwa msengane nodola wena owachophangenhlenza abanyebechophange hlenza

  4. I want to knoq Mbanjwa’s clan

  5. Nceba

    Mbanjwa, Songololo, Mabi, Ntimela, Nguta ka Sthole, uKheswa, Umphaki lo ongadl’udlel’omancishan kancane, uNthotho, uMwelase, ugqab’agqushe ithole elingavumi ukugqusha kwamanye amathole. Mashiyane, Gebane, into ezathi zakuyibona zithi nali idlakadlaka kodwa, ujika kwelanga zibuye ziyivume, uvasha kamcel’izbunu zentaka yimilenze.

    Mpethwane. Wena we Sokhela, Mpazela, nkanyez’enkulu ebonwa izwe lonke.

  6. Samkelo Mbanjwa

    Mbanjwa ,
    Khathini,
    Sama,
    Ngonono,
    Sojobe,
    Ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane eziphapha phezulu,
    Omancisha kancane ngoba beswele izinkomo,
    Nina enaphekwa netshe kwavuthwa itshe kuqala Nina nagongobala.

  7. Vuyani

    Mbanjwa ngutathole,umvula-mvimbi,uqwaba nqushe,isishwashwube,ntotho,umwelase,isibhulo sendlovu,impundu ezmacocobela njengezomntwana,imvula eyana yabonwa ngezikhukhula

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: