clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: June 2018 Page 2 of 45

Izithakazelo zakwaMthimkhulu

Izithakazelo zakwa Mthimkhulu

Hadebe,
Bhungane,
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
Mashiya amahle,
Mashiya amahle njenge nyamazane,
Mashwabada,
Wena owashwabadela inkomo ne’mpondo,
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
Umkhulu Bhungane!

Izithakazelo zakwaMthethwa

Izithakazelo zakwa Mthethwa

Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okalugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang’obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!

Izithakazelo zakwaMthembu

Izithakazelo zakwa Mthembu

Mvelase,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

Zikhona izikibha zabakwaMthembu. Whatsapp/call: 061 868 5163

Price: R200 each (white, blue & red colours available)

Izithakazelo zakwaMthabela

Izithakazelo zakwa Mthabela

Mthabela,
Chibi,
Mabhedla,
Ntshazizwe
Mlotshwa, Mpangazitha,
Ngalonde,
Mkheshenga!

Izithakazelo zakwaMsweli

Izithakazelo zakwa Msweli

Nxele,
Muthwa,Seme,
Snono, Dingiswayo,
Zikode,
Nongalo waseMashobeni,
Dlovunga,
Sgubhu somkhonto,
Lond’elihle elingawadli amahlali,
Mpindela,
Mpisela yakoNgonyama eyadela umkhonto yathatha izembe ngoba lingumasheshisa,
Wena mageza ngegolide kube kuphuza abafokazane ngeaznsi,
Xasibe, Nxasana,
Mpande!

Izithakazelo zakwaMsomi

Izithakazelo zakwa Msomi

Msomi!
Gasa,
Thabelo,
Nyawose,
Phingoshe,
Mangamahle,
Nomndayi,
Singila,
Hlombe,
Meyiwa omalala ngokulala bavuka bakhomba ilanga,
Nina enehla ngomzungulu wasala wabola,
Nina bakwa gcogcobala,
Amakhosi amakhulu asezilozini ezibuka umuntu engathi ziyamjamela,
Abakanyoni ezimnyama ezimaphik’abomvu!

Izithakazelo zakwaMsimango

Izithakazelo zakwa Msimango

Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!

Izithakazelo zakwa Msibi

Izithakazelo zakwa Msibi

Ndlondlo,
Mabuya,
Guliwe,
Ndlondl’eyadl’ubulongwe yalibala,
Siwela,
Gasa!

Izithakazelo zakwaMsezane

Izithakazelo zakwaMsezane

Mashoba,
Vezi ngokuvez’amanzi,
Wena owaphuma’esiqwini somganu kwaphuz’abafo nabafokazane,
Ntumbese kaPhothela,
Nina besandla esibuyekeyekana,
Skhuba abandi abathekeli,
Nina eningathekeli nto yamuntu,
Nkomo kazephusi zisengwa ubusika nehlobo,
Mgidi kaNgonyama wena ,taba emil’umhlanga,
Nina bentab’ mile ekhanyisel’eNingizimu,
Evimbil’eNyakatho,
Mashob’ezithole!

Izithakazelo zakwaMpungose

Izithakazelo zakwaMpungose

Khuba,
Tetemane,
Wena wephahla elinhlokonhle,
Gawozi,
Sgquma ndawonye njengengulube,
Mnukwa,
Phungul’uyasindwa,
Nyoni esindwa sisila sayo,
Slwane,
Wena wendlov’enamandla abayishaya baze bayishiya amasende bethi ifile kanti iyaphila,
Yaqhubeka yabandisa abantu,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngosiba,
Magadlela,
Somvumasi!

Page 2 of 45

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: