Nazi ezikaMwelase(uNtshonondo)

Shoba!

Mwelase! (ongawelanga ngazibuko owele ngezinhlenge zomfula)

Mpikela!

Ntshonondo!

Mafisa!

uDada bhul’amanzi ngamaphiko

iNkwenkwezi eyendele emafini ngokubikelana kwamakhwezi ukuthi sekuyasa

Nazi ke ezikaMwelase (uNongalo)
Shoba!

Mwelase(ongawelanga ngazibuko owawela ngezimpambosi zomvula)

Mpikela!

Nongalo!

Badl’insika balambile

Nkomo kaziphuzi ubusika nehlobo

Wena kamfen’encane eyawela emakhabeni

(Sesiqedile ke ngezika Shoba uMwelase)

Akesibone ezikaShoba(uMjakada)

Shoba!

Mjakada(ojakadule njengethole)

Nowanqa

Zikode

Bese sigcina ngezika Shoba(uMbanzeni)

Shoba!

Mbanzeni!

Mgcibe!

Makhahlelana wakhahlel’umuntu waze wazingcolisa

Ngwane

Salivesha

Mbangumuthi