Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izibongo zeNkosi uMalandela kaLuzumana
INgagal’emabala
Inyoni ezibuka ukuphenduka
Ibuke iningizimu
Yagqugqa yezanemvula

Umthala oshay’iznhlu
Phakathi kwezintaba ezimbili
IThala neBabanango
Unkomo zinogagu
Zithwel’iningizimu
Nangezimpondo

Imamba enamanxeba
Emikhonto nawezinhlendla
UMalandela ngokulandela
Izinkomo zamadoda

Ingondla mkhonto
YaOphindweni
Ithi yiwona
Ongubaba nongumama
Oyakungilamulela

Khawuleza Nkuna yoHlanga
Yasha imizi yamaphethelo
Ubasibekele ngenkungu
Yakithi oHlangeni

Ubhaka lesizib’esimnyama
Sakithi kwaNkomonye
Esihlamb’amadoda
Anonophala

IBinda Nkosi !