clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Abakwa Mngomezulu

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abantu bakwa Mngomezulu

Abantu bakwa Mngomezulu ngabeSuthu abaPedi basePolokwane lapho badabuka khona. Lesibongo sidatshulwa uMngomezulu okukholakala ukuthi kwabe kungumholi walesizwe esehla sayohlala ezintabeni zoMdzimba eSwazini. Ngenxa yezimpi ezabe sidalwa inkosi uSomhlolo ekufikeni kwakhe kuleya ndawo, uDlakadla kaMalinga obesekahola abakwaMngomezulu walifulathela wabheka ngaso lwandle.

Ukukhothama kukaDlakadla kubese kubekwa uZondiwe indodana yakhe esihlalweni sobukhosi ngoba wayemdala kuMsunduka. Kuthiwa inzalo yayingabonwa kuZondiwe okwenza ukuthi umfowabo uMsunduka angene enye yamakhosikazi enkosi. Okwathi ngelinye ilanga uMsunduka ephuma endlini kunkosikazi kaZondiwe wambona wase emubiza emtshela ukuthi uyayazi inkinga yakhe akunankinga akamzalele indlalifa. Nangempela yakhulelwa inkosikazi kaZondiwe kwazalwa uLubelo kaZondiwe. Leyo nkosikazi kwaku kaMafulela uwazala uLubelo.

Sahamba isikhathi wagula uZondiwe kwathi sebeseMabantaneni kwamenela lapho wase ekhothama. Wase egcotshwa ukuba yinkosi uLubelo emva kukayise uZondiwe. Inkosi uLubelo ubone izizwe ayakhelene nazo zihlaselwa uShaka kanzima wavele waqhuba izinkomo wayokhonza kuye uShaka, wathi uma ehlasela abomlekelela okaNdaba. Kuleso sikhathi ke uLubelo wakhe umuzi wakhe eNkungwini leyo ndawo iphakathi eSwazini namuhla.

Ukuzalana kwabo;

Mngomezulu uzele
uMdluli noMafu, uMdluli uzale
uMsuthu ozale
uLudonga ozale
uNgwane ozale
uMalinga ozale
uDlakadla ozale uZondiwe, uMsunduka noMbangamuni.

uZondiwe uzale
uLubelo ozale
uMbikiza ozale
uZombizwe,uBhungane noMbalekelwa

uZombizwe uzale
uKhathwayo yena ozale
uMndeni.

Msunduka uzale
uMdludlu ozale
uMboni ozale
uNyambane ozale
uMahembe.

Izithakazelo zako Mngomezulu;

Dlakadla
Mdluli
Msuthu wasenhla
Lukhele
Masok’ anqunu ngemizimba yawo
Makhuba aluthuli ngokukhubana wodwa ezinyaweni
Maphakela indoda edlengelweni
Weba udlele entanyeni
Nina bakaSobhuza
Izingonyama ezidlekhaya ngokuswela umelusi
Mhlanti wendlunkulu
Makhunga!
Skhangisa!
Lukhele qhawe elinjonjo
Nkabanhle nkaba yenkosi!

Previous

Umlando wabantu bakwa Bhengu 😍 Izithakazelo zakwa Bhengu

Next

Izithakazelo zakwa Zwane

6 Comments

  1. Mduduzi Mngomezulu

    Kumnandi ukwazi ngomlando nezithakazelo zakini.

    Mina ngiyisizujulwane sikaMasabalala Mngomezulu, owasabalala izwe lonke. UMasabalala wasuka kwaMahamba Mission, eSwatini. Wehla njalo waze wayozinza eMpolweni phakathi koMnngungudlovu (Pietermaritzburg) onMvoti (Greytown) ngeminyaka yawo 1864.

    UMasabalala wazala Josifa (Joseph).

    UJosifa wazala Shadrack, Mishack noAbednico.

    Shadrack with his brother Mishack left Mpolweni and bought farms in Edendale, Pietermaritzburg next to Wadley Stadium.

    Ngabo 1880 uMishack benoShadrack baya enhla nezwe bathenga izindawo eDanawozi (Danhauser).

    UMishack wazala amadodana ayisikhombisa, uBen owafa ngo1898 ngesikhathi semi yamaNgisi namaBhunu (Anglo-Boer war).
    UBen walanwa Philemon kwaba uSolomon, Petrus, John, Zachariah, noPhillip kanye namadodakazi amathathu oEsther, Lina no Nelly.

    Mina ngiyisizulwane sika Petrus, uSigodo esisinda abetshathi owazala uHope Devine, uBridgeman Solomon noArmstrong namadodakazi amane Theodora, Gladys, Ellen noIdah.

    Ngingajabula uma kungakhona ongaphawula kusuka kuMasabalala kuya emuva.

  2. Mngomezulu Theron lolodina

    Juba kalidliwi jama

    • Reuben Mdluli

      IJUBA KALIDLIWA lisukela emlandweni kaMthombeni okunguyena owazala uMngomezulu. Wathi elandelwa yizitha zakhe ebaleka waphumula phansi kwesihlahla esekhathele waze wazunywa wubuthongo. Kwafika IJUBA lahlala lapho esihlahleni lakhala kakhulu libanga umsindo limvusa ngoba lalibonile ukuthi izitha zakhe seziseduze. Kuthiwa waze wavuka selibuya okwesine waqhubekela phambili. Nempela izitha zakhe zafika engasekho lapho waphepha kanjalo.

      Bonke abazalwa kwaMthombeni abalidli IJUBA kusukela lapho. Lapha singabala oMthombeni, oMngomezulu, oMdluli, oMagagula, oDuma, oDumisa, oLwandle, oNtenga kanye nemixhantela yabo bonke.

      UMothopeng (UMsuthu) wafika nabantu bakhe bevela ePOLOKWANE okuchaza ukuthi Inqabakucasha noma Inqaba Yokucasha (Place of Safety). AbeNguni balijika igama elithi Mothopeng balibiza ngesiNguni bathi Muthombeni. Lokhu kusukela egameni lesiSuthu elithi Mothopo okusho Imithombo Yotshwala. Isithakazelo esithi MSUTHU nokuthi MSUTHU WASENHLA yingoba uMothopeng/Mthombeni ozala uMngomezulu wayewuMsuthu Wasenhla (North Sotho or Pedi) evela ePolokwane.

      Kuthiwa uMthombeni nabakubo babedume ngobuciko bokusebenzisa imithi yesSintu, kanti yena wayaziwa ngomuthi wokuthwebula izulu alisebenzise noma yini ayifunao. Wayekwazi ukwehlisa inkungu imboze impi yezitha ngaphambi kokuthi ayihlasele ingasaboni lutho azigwazele ibhece. Wazithola kanjalo izibongo zokuthi UMNGOMA WEZULU waze wazala indodana uMngomezulu ngenxa yalokho. uMngomezulu wagcina wedlulela phambili waziqalela esakhe isibongo kanye nesizwe sakhe waze wazala inkosana yakhe wayiqamba wathi uMdluli. UMdluli walandela uyise esihlalweni kanti igama lakhe laba yisithakazelo sokuqala sakwaMngomezulu kwaze kwagcina sekuyisibongo sakhona sesibili. OMdluli abaningi bashiya kwaMngomezulu baziqalela okwabo njengoba kunobukhosi obubili bakwaMdluli Sikwayo eHluhluwe kanye naseMaqongqo ngase Maritzburg, kanye nabakwaMdluli Bhekiswayo benoMdluli Sikhandzisa abagcina bebuyele eSwatini, kanye neminye imixhantela
      eminingi egcwele yonke indawo lapho sekuthakazelwa khona ngezinye izindlela.

      Okunye-ke wukuthi omunye wakhona kwMthombeni yena WAGAGULA Ingwenyama yamaSwati ngegama izwa kwamangala zonke muntu. Phela kwakungabeSuthu bokufika bengazazi izinto zakhona. Kuthiwa bamqamba kanjalo igama lokuthi nguMAGAGULA wagcina eziqalele esakhe isibongo nesizwe sakhe. Yiyona lendlu okwazalwa kuyo uDuma/Dumisa, uLwandle, uNtenga kanye nemixhantela yakhona. Bonke bangoMsuthu, oMthombeni abangalidli ijuba njengathi.

      OMdluli abangaqembukanga kwaMngomezulu namanje bathakazela ngezithakazelo zakwaMngomezulu zokudabuka.

      REUBEN HUBELANI MDLULI
      kaMbilaziyathutha, kaNguqu, kaMabhijana, kaLubelo, kaZondiwe, kaDlakadla.

      • Zaba

        U h siyabonga dluli ngiyelapheka ngalomlando owuphawulako.Impela kuyahloba ,siyabadinga abafana nani dluli akwande impela.Ngicela i pdf yawo lomlando

  3. Nonhlanhla Mngomezulu

    I’m. Impressed hey but worried seemingly every surname is related to us …pho sogana

    • Mbingo Sizo

      Even the Mbingo surname is related to Mngomezulu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: