clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Abakwa VILAKAZI 😍 Abantu bakwa VILAKAZI 😍 Umlando wabantu bakwaVilakazi

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abakwa VILAKAZI 😍 Abantu bakwa VILAKAZI 😍 Umlando wabantu bakwaVilakazi

Abantu bakwaVilakazi badabuka kubantu bakwa Jili behlala ngaso lwandle beziphilisa ngokudayisa usawoti bethengisela zonke izizwe abebakgelene nazo. Lowo sawoti babewuphephetha ukuze kusuke ukungcola. Basithola kanjalo lesithakazelo esithi Mphephethe. Izinyawo zabo zazihlala zimhlophe ngoba babewugxoba ngezinyawo losawoti ukuze ucoliseke. Bathola izithopho ezethi Zinyawo ezimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle.

Lesibongo sakwaVILAKAZI basothola ngemibono emibili kwelakwaZulu nelakaNgwane.

Umbono wokuqala kwaZulu: komunye umuzi emndenini wakwaJili kwabe kuno mfazi owayephisa utshwala obuxakile ngenye indlela bububi kuyisitshodo. Ababephuza lobo tshwala babebabaza bebabazile ngenxa yobubi babo. Abantu bavumela ukuthi okudala lotshwala bube bubi ikithi lowo nkosikazi ubuvilakazi uyivila voco. Kwase kuqanjwa lowo muzi ngokuthi ikwaVILAKAZI ngoba kuphiswa utshwala obubi obubangelwa ukuvilapha kwalenkosikazi. Ngakho uzalo lonke lwakulowo muzi lwabizwa ngoVilakazi isibongo.

Ngesikhathi elakwaZulu libuswa uShaka isizwe sakwaVILAKAZI sabe sibuswa uVelaphansi owayebuye ebe usomahlaya kaShaka. Okwathi langa limbe uVelaphansi wenza ihlaya ngenkosi uShaka phambi kwesinduna zakhe. Lesosenzo samthukuthelisa okaMenzi wathumela amanutho ukuthi ayobahlasela abakwaVilakazi. Babaleka bagibela intaba eyayoseduzane nabo base baphosa atshe emabuthweni kaShaka. Kwaphinde kwamcasula lokho uShaka wathi bangamagwala, kwavela esinye isithakazelo esithi GWALA, kepha kukhona abasebenzisa leso sithakazela njengesibongo.

Umbono wesibili ngokuqambeka kwalesibongo eSwazini:

Ngesikhathi uShaka ebahlasela lesizwe sikaVelaphansi abanye babalekela eSwazini lapho yafike inkosi uSobhuza wokuqala wabamukela ngezandla ezimhophe. Wabasikela indawo eNgwedze ngasemfuleni Ingwavuma ukuthi bazilimele bezophila. Kuthiwa lababantu behluleka ukulima ngoba bona babejwayele ukuzodayisela usawoti kuphela hhayi ukulima. Kuthiwa bamangala abantu baseSwazini ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi isizwe esimnyama singakwazi ukulima kwathiwa amavilakazi lawa. Phela babengalimi baseseNatali. Kuthiwa impilo yabo yabanzinyana ngempela lena eSwatini. Bakizwa ngo VILAKAZI bonke ke eSwazini abantu bakaVelaphansi wakwaJili.

Ngezingameko ezahlukahlukene kwavela nazi isibongo ziphuma kwaVILAKATI;

Nzimande/Ndzimandze
Gwala
Nkonyane
Mkhaliphi
Mdluli

Izithakazelo:

Vilakazi
Nzimande
Mdluli
Gwala
Mphephethe
Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle
Myeka khamangwa
Majiya Ngwekazi Nkondlwana
Mdlovu omatubutubu
Umhlwehlwe odume njengoZulu
Mancama ngenhlunu
Lugwashu
Matshinga waseMaphephetheni
Sihlase Binda

Abanye bathakazela manjena:

Binda!

Mphephethwa
Wena kaGama
Mantshinga waseMaphephetheni
Owagwaz’ aze ame ngeklwa
UNgwevu noNgwavuma
Nina baseNgwede neNgwavuma
Sihlase!
Owadl’ umkadadewabo
Wathi akananyongo
Wathi akanamehlo
Umhlehlo sibhanhakazane
Malinga khilu hohlo
Bamchatha ngohlanga bethi akafe
Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!

Previous

Izithakazelo (Source: Zuluring.blogspot.com)

Next

Abakwa Khoza 😍 NTSHINGWAYO KAMGODI KHOZA

4 Comments

  1. Bonginkosi

    Ngiyabonga ngencazelo manje sengiyazi ukuthi ngivelaphi nezihlobo engihlobene Nazi sengiyazazi

  2. Nqobile

    What is Malinga linked to Vilakazi

  3. Maurice Veli Vilakazi

    Isibongo sakwa Vilakazi simbaxambili kulezinkathi zamanje (2022). Kodwa kucacile ukuthi bonke oVilakazi baduka KwaZulu, ngenxa ke yezimpi abanye babo babalekela eSwatini. Manje ngo Vilakati ngoba ngesiSwati u Z, ubizwa T. Umbaxambili ucaza ukuthi abanye ke amaSwati abanye oZulu.

  4. Nwabisa

    Good day
    I tead the above Vilakazi clan so they belonging to two tribes Abe Zulu and Swati tribe because of the place and people they met in their journey after they decided to go Zulu land and met Swati boVilakazi clan you will find them in this to nation Zulu and Swati

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: