clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

AbakwaDUBE

AbakwaDUBE

Abantu bakwaDube ngokomdabu bayinzalo kaNdzinisa obeyindodana kaNgwane wesithatu okusho baluzalo lwaseMbo kwaDlamini kuMalangeni. UNdzinisa lona esendeni lakhe kwavela izibongo ezinjengo Dube, Dludlu,Tsela noNdzinisa zonke lezibongo ngamaZomba.
Abantu bakwaDube bahambe nomholi wabo uKhushwayo ukuya kwaZulu bafike bakhonza kuGodongwane(Dingiswayo) baliqhamukisa eSwazini. Kwathi esesocongiwe uDingiswayo sekubusa uShaka kaSenzangakhona bazinikela kuya babangaphansiΒ kombuso kaZulu besebeholwa uNzwakele kaKhushwayo.

Kuthe sekubusa uDingane bahlukumezeka kakhulu abantu bakwaDube ngoba phela uDingane lona wayengabafuni abantu ababezwana noShaka ebahlasela ebahlakaza. Balishiya izwe labo laseMadlanzini bewela uThukela bayokwakha ngapho. Kuthiwa kwabe kukhona isizwe ebesakhelene nabakwaDube okwabe kungu Nqoboka wakwaSokhulu owafihla omunye wamakhosikazi aNzwakele kanti wayekhulele ngenhlanhla wazala umfana owaqhuba ulibo lobukhosi bakwaDube, uHabana igama.
Kuthe uMpande esenqobe uDingane umntwana uCetshwayo wezwa ukuthi uNqoboka ufihle izinyane lakwaDube nakhona wenzwa kuxoxwa ngoba uHabana wasinda edovadovwa yinyathi. Kwathiwa uNqoboka wakaSokhulu akalethe uHabane ekomkhulu ukuze azekuhola isizwe sakubo kwaDube. Wathi uCetshwayo ababuyele endaweni yakubo kodwa uHabane wakhetha ukuwela uThukela aye kubantu bakubo.

Ukuzalana kwaDube:

UNdzinisa uzale uSodubo owazala uGwabini,
Gwabini wazala
UKhushwayo owazala
UNzwakele owazala
UHabane owazala
UNtungelezane owazala
UMagemegeme osabusayo.

Izithakazelo:

Dube
Mtima
Mzomba
Nyamazane
Mbuyazi
Lushozi
Nzwakele
Dubelimthente
Khushwayo
Machamahleli njengengwababane
Donda
Silwanelesihle
Mageza ngobisi abanye bageza ngamanzi!

Previous

Umlando AbakwaMaphumulo/Mseleku/Shinga

Next

Abakwa Mkhize 😍 Umlando wabakwa Mkhize

1 Comment

  1. Ukhohlwe uMafuleka mnewethu naye uzalwa uNdzinisa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: