Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

AbakwaZwane

Abantu bakwaZwane bangabaseMbo, okusho ukuthi bayazalana nabakwaDlamini,Ndwandwe,Shabalala,Mkhize namaHlubi. AbaseMbo babehlala bonke eNatali, okwathi abakwaDlamini Nkosi uma sebehamba bewela uPhongolo bahamba nabakwaNdwandwe, beholwa uNgwane 3, kanti kwaNdwandwe babegolwa uLanga kodwa wajika futhi uLanga wayokwakha eMagudu, kwathi uNgwane yena wakhothamela eMbilaneni endaweni yakwaNyamane eSwazini namuhla. AbakwaZwane bona kabazange basafuduka nabahlobo babo ukuya eSwazini.

Abantu bakwaZwane babizwa ngokuthi aMangwe noma eMangweni kususelwa enkosini yabo uMungwe kaZwane. Ngokududulwa izimpi zikaShaka sebatholakala kulezi izindawo;eHlobane ngaseVryheid,eMtshezi,eMnambithi,ezintabeni zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zakwaZulu Natali, kanti bakhona naseSwazini.

Esibongweni sakwaZwane kuphume ezinye izibongo ezifana noMazibuko, Cebekhulu solo abaseMangweni bonke labo okufuze ngabe kabaganiselani ngoba bahlobene eduze.

UZwane uzale uMungwe, ozale uPhikelela, ozale uNsele(Ndabakansele) oyinkosana noVezi. UNsele nguye othathe ubukhosi wazala uZikode,ozale uNsele 2, ozale uMafu inkosana,uMthayi,uMandaba,noNqamane. UMandaba nguyena owazala isizwe sakwaMazibuko ongukhokho kwaMazibuko. UMafu kwaphuma esinye isibongo ngaye esabalekela eSwazini ngezikhathi zezimpi. UMafu uzale uMangethe inkosana, uLinda noMgabhi. UMangethe uzale izingane eziningi amadodana abalelwa ku 100, esingabala uMhlaba,uMchwayo, uNtshosho nabanye ke.

UMagethe wakha umuzi wakubo awuqambe ngokuthi kuseMpolombeni. Lomuzi wakhiwe eduze netshe ayahlala kulo uma kuqulwa amacala esizwe noma ehlola imfuyo yakhe. Ngaphambi kokuthi akhothame uMangethe ubize wonke amadodana akhe wathi awagibele etsheni lakhe kodwa ehluleka amaningi kwaba nguNtshosho owakwazi ukugibela. UMangethe wathi ke uNtshosho oyothatha ubukhosi ngemuva kwakhe. Lelotshe libizwa ngokuthi yitshe likaMangethe, kanjalo nethuna lakhe libude buduze nalelo litshe.

Amakhosi akwaZwane:

UMbango uzale
UMbambo ozale
UZwane owazala
UMungwe owazala
UPhikelela owazala
UNdabansele owazala
UZikode owazala
UNsele 2 owazala
UMafu owazala
UMangethe owazala
UNtshosho owazala
UThinta owazala
UDumisa owazala
UNkanyezi owazala
UMhlanganyelwa ozale
UNtshosho 2 obusayo.

Ohlangothini lwaseMajuba;

Kuphethe inkosi uAyanda kaNsakansaka kaNkanyamba kaThinta kaNtshosho 1.

Izithakazelo zakwaZwane:

Zwane
Mangethe
Zikode
Phikelela
Ntshosho
Nsele kaLindamkhonto!
Nina bakwaVezi!
Mangweni!
Mthanti!

Kubekhona iqhawe lakwaZwane elalizalwe eSwazini uSandlane Zwane, owayebuthwe inkosi uSobhuza 1(Somhlolo) ibutho tichele. USandlane nguyena owayehola impi kaMswati eyaya kolekelela uMawewe kaSoshangane kuliwa noMzila bebanga ubukhosi. Phela uMswati wayezalwa uThandile kaZwide manje kwabe kuyisihlobo sakhe segazi uMawewe futhi eyinkosana kaSoshangane. USandlane wakwaZwane uphinde weseka uThandile unina kaMswati ukuthi kuthathe uMacale(Ludonga2) ubukhossi ekukhothameni kukaMswati. Kwathi noma esekhotheme uLudonga enhakabusi waphinde weseka uMbandzeni ukuthi kubuse yena hhayi uMbilini. Lithe leliqhawe laseMangweni selizobulawa uMbandzeni lathi lifuna ithuna lala lingcwatshwe eceleni kwendlela. Ngempela langwatshwa eceleni kwendle lena kubo eLundzi.

Ziyatholakala izikibha nama-jacket akwa Zwane: Whatsapp: 061 868 5163