clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Umlando AbakwaMaphumulo/Mseleku/Shinga

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

AbakwaMaphumulo/Mseleku/Shinga

Abantu bakwaMaphumulo bahlobene kakhulu nabakwaZulu nabakwaGumede, ngoba balisende likaMalandela. Phela uMalandela wayezele amadodana nezintombi eziningi.

Umlando uthi labantu bakwaMaphumulo bebakhe eMgungundlovana eduze komfula iHlimbithwa bakhelene nabakwaHlongwa kodwa izimpi zomfecane zabadudulela eMkhomazi. AbakwaMaphumulo indlu enkulu kuthi abakwaMseleku indlu encane okwaphuma khona abakwaShinga. Kuthiwa ukuze kube nasibongo sakwaMselekuΒ kungoba kwathi kunempi babalekela ngasosebeni lolwandle base belibala ukuthi kunempi badla amasenene base bathola isibongo ke sakwaMseleku.

Abantu bakwaMaphumulo babedume ngokushuka izikhumba ngesikhathi kusabusa uShaka. Kwaphinde nangesikhathi sikaMpande kwavele ukhokhovula wenyanga uManembe owasiza uCetshwayo ukunqoba empini yaseNdondakusuka.

Kubantu bakwaMseleku kuphume abakwaDuma nabakwaShinga, bagcine sebengabakwaDumisa. Kwphinde futhi kwaDumisa kwaphuma abakwaGininda,abakwaBongwa nabakwaNdokweni. Niqaphele kunabakwaGinindza eSwazini abaphuma kwaMamba ningabahlanganisi nalabo abaphuma kwaDumisa.

Abantu bakwaShinga babuye baba abakwaNdelu kususelwa egameni likaNdelu kaMangcingci bahluka nabakubo kwaMaphumulo ngezikhathi zomfecane. OShinga bona bazimela gelekeqe bangeyama kwabakwaMaphumulo nabakwaMseleku. Babehlala endaweni yaseLovu abantu bakwaShinga lapho sebeholwa uNovanywa beno Ndelu okwafika amabutho kaShaka abahlasela ebheke kumaMpondo, wasala kulolo hlaselo uNovanywa. Kwathi uNdelu wabaleka nabantu bakubo wayokwakha eMthwalume. Kuthiwa kunenye idoda yakwaShinga ekwakunguMvuzi ebeyakhe eMvoti eyaba namadodana amabili uMzileni noGcwensa okwavela ngawo izibongo ezimbili.

Ukulamana kwaMaphumulo:

UMalandela kaLuzumane uzale uMaphumulo,
UMaphumulo wazala
UMgudode ozale
UZukuzela ozele
UCwalile ozale
UMasiyane ozale
ULubheleni ozale
UDidandlela ozale
UMashimane ozale
UMangcingci ozale
UJeqe ozale
UAmos ozale
UXamu ozale
UMqapheli

uMduduzi Maphumulo esinaye kulendlu Inqolobane Yesintu, uzalwa uGologobomvu kaManzini kaMthelo kaZichwe kaMnyamana kaNgobo kaNkabase kaLubheleni kaMasiyane kaLusibalukhulu kaCwalile kaZukuzela kaMgubode kaMaphumulo kaMalandela kaLuzumane….

Isitopho zakwaMaphumulo:

Maphumulo!
Mashimane
Doncabe
Zikode
Dibandlela
Mgobode
Masiyane
Cwalile

Previous

AbakwaMthembu 😍 AbakwaMvelase

Next

AbakwaDUBE

1 Comment

  1. sicelo

    hey it scelo here, i wana ask about the maphumulo kingdom, do anyone have clarity on it, what is going on? the list of maphumulo kings, if anyone has it please share it..

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: