clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

AbakwaNzimakwe 😍 Mzimakwe Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mzimakwe

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

AbakwaNzimakwe 😍 Mzimakwe Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mzimakwe
AbakwaNzimakwe
Abantu bakwaNzimakwe bangabeSuthu ngokwendabuko. Ukhokho walaba bantu bakwaNzimakwe kwakunguMachi igama lakhe, lendoda yayiphila kudala kakhulu kanti ibuye ibe ukhokho wabantu bakwaXolo,Dlezi,Phehlukwayo, Machi, Ngutshana, Sabela nabanye. Laba bantu bakwaNzimakwe babuye baziweβ€Ž ngokuthi bangaMaphehlukwayo nokuligama likakhokho wabo okuthiwa wayengomunye wamadodana kaNzimakwe.
Elinye igama likaMachi kwakunguNtamonde. UMachi endlini yasekhohlo wazala Thango owazala uMbokodo owazala uNdaba owazala uNzimakwe. Kwenye indlu uNdaba wazala uDlezi noNgcukama. Endlunkulu uMachi wazala uNgeleka owazala abakwaChezi kanye nabakwaMachi.
Ngenkathi isizwe samaPhehlukwayo sifika kwaZulu saqala sazinza ngaseHighflats endaweni yaseNtimbankulu. Nakhona abahlalanga isikhathi eside kuleya ndawo, bashesha bafudukela ngaseMtwentweni ngaseningizimu yomfula uMzimkhulu.
Ohambweni lwabo babekade bakanye nabakwaNgceleka,Machi, Chezi, Xolo, nabakwaDlezi. AbakwaNzimakwe baphinda bafuduka sebebodwa bawela umfula uMpenjathi bayokwakha endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaNzimakwe enyakatho yedolobha i-Port Edward.Β β€Ž
AbakwaMachi bagcina bezinze endaweni eyaziwa ngokuthi ikwaMachi buqamama nedolobha laseHarding

Kwathi ngonyaka ka 1842 inkosi yamaJali(Ngcolosi) uMphikwa Jali yawela uMthavuna yayocela ukusikelwa indawo yokwakha esizweni saMachi. Nempela yayithola indawo yokwakha iyisikelwa yinkosi uMbonwa Machi eyabe ibusa isizwe sakwaMachi ngaleso sikhathi.

Izithakazelo zakwaNzimakwe
Phehlukwayo
Mbumba
Nyawo zimhlophe
Joba

Previous

Abakwa Modise 😍 Modise Clan 😍 Modise Clan Prases & History 😍 Umlando wabakwa Modise

Next

AbakwaMtirara 😍 Mtirara Clan History 😍 Mtirara Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mtirara

1 Comment

  1. Zakhona Gomela

    Mina ngingowakwaDlezi ngibonga kakhulu guys ngomlando wakithi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: