Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Umlando wakwa Majozi e Nkandla ngaphansi komndeni wesende lika Ndasane Majozi.

Thina sisendlini ka mkhonowebhunu owayaziwa ngegama elithi Mshebelele Majozi,owayeganwe (01). nguMakhaba, owazala uMhlikiza owayaziwa ngelikaSam Majozi,owayeganwe ngumaBiyela ozala uFanisani oyinduna yaseMangidini enhlababo isigodi kuward 07.(02).

Kamajola omunye umakoti kaMkhonowebhunu, owayaziwa ngelika Jojo intombi yaseNdinana eMatshenezimpisi kuward05,Yena wazala uGuga intombi eyaganela kwaBiyela yagana uChiphatheka Biyela bona bazala uPhuphu Sipho Biyela benoJabulile umuzi wakubo useSphezi Eshowe. uJojo wabuye wazala Mfanuyazi Phillip Majozi owayganwe intombi yakwa Ntombela eyayizalwa eVungwini, eyayaziwa ngokuthi Sthokozile Elizabeth yena owazala izngane ezingu 06 amagama azo Bhekinkosi ,Khulekani, Harrison, Thabsile, Thamsanqa (Michael) noNkosikhona (Nqa) Majozi.

UJojo wazala Wata owayeganwe nguMalanga umndeni lowo uSemawoti eNanda bona baza uMammane, uGuju kanye noZakhe owayisotsha. UJojo wabuye wazala uMkhetheni ongaganwanga kodwa owazala izingane kuKholekile Biyela amagama ezingane Thulane (Tuva),Phumelele,Mzamseni,Bongumusa Kanye Nontombenhle Majozi.

UJojo wabuye wazala uBhizeni ongaganwanga kodwa owaba nengane nomaMkhize uNtombemhlophe bazala ingane eyodwa igama layo Ncane (Philile)Majozi.Jojo wabuye wazala uBongi owayendodana eyodwa igama layo ngu Sakhiseni owayemzale kwaBiyela.(04)Mabiyela omunye umakoti KaMkhonowebhunu yena owaza UMabandla owaba yinduna yas-Ophindweni isgodi kuwadi 11 emaChubeni.,yena wazala uGada, Tusokwakhe noSbusiso.

UmaBiyela wabuye wazala UmaJuda owayegane kwaMagwaza owazala Phangubude, Ntombizenzani,kanye no Joseph Magwaza. umaBiyela waphinda wazal uElida owayegane kwaMathenjwa owazla uLindiwe,Themba noThandiMathenjwa.Omunye umakoti kaMkhonowebhunu umaNtombela Disa (Dumisukonisa) owazala uNtamoyetshitshi owayeganwe nguMaMkhize Florence ozala uThokozani, Khethiwe kunye NoMpala owamzala kwaMbatha keyena umama. uDisa wabuye wazala Phuthisa oganwe ngumaShezi uSthombe bona baza uSphiwe ,Mjabuliseni,Hloniphile,Mandlenkosi,Tozi,Dumisani kunye Bongi Majozi.Lemindeni itholakala eNkandla kuward 11 Ophindweni ngaphansi kwenduna Mbanndleni Alson Mahaye,inkosi Bhekisabelo Shezi