clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Umlando Wesibongo Sakwa Mbhele

Umlando Wesibongo SakwaMbhele ๐Ÿ˜ย Mbhele origin ๐Ÿ˜ย Mbhele Clan ๐Ÿ˜ย Mbhele history

Abantu bakwaMbhele bazalana kanye nabakwaNtuli kanye nabakwaShabangu. Banobuhlobo nabaseMaHlutshini. UMbhele wayelamana noZingili noNkosi II (wesibili) ogcine ezala abantu baseMaHlutshini. UZingili ugcine ezala isizwe samaZingili, uMbhele uzale isizwe saMaBhele.

Bobathathu bebezalwa nguDlamini II (wesibili) obebusa eSwaziland okusibeka ekutheni baphume kwaDlamini. Lababantu basemigedeni ngabasentabeni yaseLenge, ngasemfuleni iWasbank ngaseMnambithi. Ngabantu laba abebefuyile, imfuyo yabo idla eduze nemigede yabo. Ngesikhathi besemigedeni, kubhoke indlala badlana bodwa nabanye abebezidlulela ngendlela kwagcina sebaziwa ngamazimuzimu. Okunamhlanje abantu bakwaMbhele babizwa ngamazimuzimu. INkosi uSenzangakhona yabacela ukuba baphume emigedeni yabo. Ngaleso sikhathi bebebuswa nguMahlaphahlapha wakhona eMaBheleni.

Umuntu ogqame kakhulu kulababantu, nguSompisi kaGuqa Msalela kaNontshingila. USompisi ubengahambisani nokudla abantu. Usuke nabanye abebengahambisani nalowo mkhuba, behla nezwe bazokhonza KwaZulu kuSenzangakhona kaJama. Ngesikhathi beza KwaZulu, bebeqhuba izinkomo zabo sekubonakala ngezintuli ebezisuswa yizinkomo. Phakathi kwezingane zikaSompisi ayehamba nazo singabala inkosana yakhe, uGwatshaza, uNdlela, uMahawule noBhibhi indodakazi. UNdwane uzalelwe KwaZulu. Kuthe besanda ukufika KwaZulu inkosana uGwatshaza yashona.
Ekufikeni kukaSompisi KwaZulu, uzakhele igama eNkosini uSenzangakhona. Ngesikhathi ezocela indawo ezokhonza enkosini, imbuze ukuthi ungubani, zayichazela izinduna zayo inkosi ukuthi ungumholi walaba bantu ababonakele ngezintuli ngesikhathi behla ezintabeni nezinkomo zabo. Inkosi uSenzangakhona ithe โ€œO! NingabakwaNtuli zankomo.โ€

Kusukela lapho ke kwabe sekuthiwa ngabakwaNtuli. Njengoba kushiwo ukuthi uSompisi uzakhele igama eNdlunkulu kwazise wayenobuciko bokupheka izinkobe nenyama. Ugcine esephekela iNkosi uSenzangakhona lapho wazithola esebizwa ngoNkobe. UBhibhi indodakazi kaSompisi, igcine igana inkosi uSenzangakhona, yazala uSigujana nendodakazi uNomqotho ogane iNkosi uMlandelwa wakwaMthethwa.

USigujana uhlale esihlalweni sobukhosi ngemuva kokukhothama kweNkosi uSenzangakhona kodwa akahlalanga isikhathi eside ngoba ubulawe kwangena umnewabo uShaka. USigujana ubulawe nguNgwadi kaGendeyana waseMaMbedwini, engumfowabo weLembe ngonina uNandi. UNdlela kaSompisi ekufeni komnewabo uGwatshaza, nguyena obeyinkosana. Inkosi uSenzangakhona imbuthele ebuthweni leNtontela.

UNdlela ugqame kakhulu ngesikhathi kubusa iSilo uShaka kaSenzangakhona. Njengoba bese kushiwo ukuthi nabantu bakwaShabangu baphuma kwaMbhele, bekunendoda yakwaMbhele ebibuya iphindelela izofuna uyise ayihlomulele emfuyweni yakhe. Kuthe isibuya okwesithathu, uyise wakhuza wababaza ethi: โ€œKanti uyashabanga manje wena ndodana?โ€ Wayeqonde ukuthi iyabagebenga noma iyabaqola ngoba phela ukushabanga kusho ukuqola. Kusuka lapho ke, lendoda kwaba nguShabangu, nabantwana bonke bendlu yayo babe ngabakwaShabangu.

Kukhona noNdlela kaSompisi wayebambe elikhulu iqhaza embusweni waKwaZulu ngoba nguyena osindise uMntwana uMpande ekusocongweni yiSilo uDingane. UNdlela kaSompisi ube ngomunye wezinduna zeSilo iLembe. Ngesikhathi sekubusa iNdunduma yaseMgungundlovu inkosi uDingane, ube ngundunankulu wayo nezimpi ayezikhipha zinqoba, ngaphandle kweyaseNcome neyaseMaqongqo eMagudu. Kulezo zimpi yehlulwa eyeSilo saseMgungundlovu. KwaMbhele kuphuma oShabangu, oNtuli, oKhuboni, oMdletshe noMakwasa. Kanti futhi kukhona namanye aMaBhele aseSwazini naseZimbabwe

source: ulwazi program

Previous

Umlando wakwa Mbhele

Next

Gama clan history ๐Ÿ˜ Gama origin

5 Comments

  1. Slovas

    Ningabodukisa isizukulwane ngamampunge udlamini uhlanganaphi nje namazimu unyathi uhlanganaphi namazimu kufanele abantu bakwaMbhele banimangalele ngalamanga ngoba nidukisa isizwe

  2. Thokozani

    No no noDlamini phakathi ushevulo enisidlisa wona cha angivumi mina ngoyiZimu.

    • ๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚kantike akujiki nje kutikhon
      Yazi bengibheka ukuth umbhele waqhamuka kanjn kdwa lutho ngibna untuli

      • Luvo

        Ngicela ubheke la kuthiwa wanqamuka nentuli zenkomo kwabese kuthiwa untuli umbhele untuli nomakunjani

    • ๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚kantike akujiki nje kutikhon
      Yazi bengibheka ukuth umbhele waqhamuka kanjn kdwa lutho ngibna untuli

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: