clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Day: 28 July 2018 Page 1 of 2

Umlando wakwa Mzobe

Umlando wakwa Mzobe

Uma kukhona onolwazi lomlando wakwa Mzobe, sicela usazise nge ngokubhala i-comment ngezansi.

Bhengu Clan name praise 😍 Bhengu surname

Bhengu Clan name praise 😍 Bhengu surname

Ngcolosi!
Wena wakwaDlabazane
KwaNephu KwaLamula
Nyawo zigezwa ngamazolo
Ninenivuka nixubhe ngelala
Shongololo!
Ngabe siyakudla sesabimilenzelenze
Nyawo zeshongololo kaziphumuli
Sigampu!
Ngwane Ingwani ngwadi
Abayibone ngesongukuthiiwelile
Jali! Ninenilala nomunwe
Nivuke nikhwifilanga
Mmemezi kaHlangabeza.

Zikhona izikibha zabakwaBhengu Whatsapp/call: 061 868 5163

Prices:
t-shirt: R200
Hoodie:R400

Izithakazelo zakwa Sithebe

Izithakazelo zakwa Sithebe

Sithebe,
Habile,
Mkholwa,
Ndlandla,
Mlozi omuhle okhala ezintabeni abangwe yizingwe nezingonyama.
Nkhwankhwa lebovu,
Siyibone ngani siyibone ngokuthiba tintuli.
Sithebe esimancancane,
Mabizwa ingonyama ehlathini.ndwandwe wasegudu,
Wena owaguduza inkomo zamadoda.
Nina bonjinji.
Nkomo zabantu zidla nezomlungu omhlophe,
Jantoni nobhostoli.

Izithakazelo zakwa Nyandeni

Izithakazelo zakwaNyandeni

Nyandeni
Mashobana
Vumisa kaNgono
Khukhuza kaNgonyama
Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini
Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose
Wena waseNdinaneni

Izithakazelo zakwa Sithebe

Izithakazelo zakwa Sithebe

Sithebe,
Habile,
Mkholwa,
Ndlandla,
Mlozi omuhle okhala ezintabeni abangwe yizingwe nezingonyama.
Nkhwankhwa lebovu,
Siyibone ngani siyibone ngokuthiba tintuli.
Sithebe esimancancane,
Mabizwa ingonyama ehlathini.ndwandwe wasegudu,
Wena owaguduza inkomo zamadoda.
Nina bonjinji.
Nkomo zabantu zidla nezomlungu omhlophe,
Jantoni nobhostoli.

 

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNyandeni

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNyandeni

Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo . UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana ,engumnewabo Mzilikazi ,Nzeni , Ntshembeni nabanye. Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe uNyandeni kwaKhumalo ngesizathu sokukhulelisa omunye wodadewabo.  Lokho kwaqala samkhuba wokusoma kodwa kwahamba kwahamba izingane zagcina zikhulelisene.

Umkhuba wokusoma kwakuwumkhuba othinta ucansi noma ngithi ophathelane nocansi . Izizwe zabansundu zaziwukhonze kakhulu lo mkhuba . Umahluko phakathi kokusoma nocansi lwangempela wukuthi ekusomeni insizwa ayifiki nhlobo enkomeni kababa ,iphelela emthangeni entombi.

Njengoba besengishilo ngenhla ukuthi lezo zingane ezagcina zikhulelisene kwabe kungezikaMashobana,yena-ke uMashobana wayezalwa nguZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa kaMbulazi . Imizi kaMashobana yayiminingi kodwa sizothinta emithathu kuphela . Kwakukhona iNdinaneni (kwabo Mzilikazi) , iNyanda/eNyandeni (kwabo Ngonyama) kanye naseNsingweni (kwabo Mdleleni)

ENdinaneni uMzilikazi wayezalwe waba nguye yedwa vo ingane yomfana . Izintombi ayezelwe nazo kwakungo Nozipholo , Nozinhlwathi , Ntanase ,Ngiyalila nabanye . Bonke laba bantwana bakaMashobana babephuma kuNompethu indodakazi yenkosi uZwide kaLanga,inkosi yabakwaNdwandwe. Kwathi ngesikhathi zikhula lezi zingane zaseNdinaneni kwathathwa uMzilikazi wayiswa eKuqobokeni nokwabe kungenye yemizi yenkosi uZwide wayokhulela khona ,efundiswa ezezimpi . EKuqobokeni wafika wathola izinsizwa ezifana noSoshangane Nxumalo ,Zwangendaba Jele ,Somaphunga Ndwandwe nezinye ,wafika waba kanye nazo futhi wafunda lukhulu kuzo ngoba wabe emncane kakhulu kuzo. Ngesizathu sokuzalwa kukaMzilikazi eyedwa ingane yomfana nanokuya kwakhe eKuqobokeni kwathi ngenkathi sekulanyaniswa izindlu zakwaKhumalo kwathathwa uNgonyama noMdleleni bafakwa kweyeseNdinaneni ,bafakwa esiswini sikaNompethu bayokhulela khona. EseseNdinaneni uNgonyama wayetuswa ngokuthi ‘wena waseNyandeni noma kuthiwe wena we Nyanda’ kwakushiwo umuzi ayezalelwe kuwo.  Kwahamba kwahamba wagcina esebizwa ngoNyandeni ,futhi kwagcina kuchume lona elikaNyandeni .  Kwahamba kwahamba uNgonyama wagila  umkhuba , wakhulelisa enye yezintombi zaseNdinaneni kusukele emdlalweni noma emkhubeni wokusoma .Ngokwesabela impilo yakhe uNgonyama wathatha leyo ntombi ayeyikhulelisile babeleka bayobhaca enhlathini elabe liseduze ,elalaziwa ngokuthi yiNyanda . Ihlathi iNyanda lingasentshonalanga yentaba iNgwibi ngaseMkhuze buqamamana nje kancane nalapho kwakwakhelwe khona umuzi waseNyandeni. UNgonyama wahlala lapho-ke nentombi yakhe kwaze kwafika isikhathi sokuba ikhululeke. Ngempela yabeletha ingane yomfana eyethiwa igama kwathiwa nguKhukhuza .
Ngokomthetho wabaNguni kwakuthi uma iklwa lithe lagwaza ekhaya babuphela nya ubuhlobo kulowo osuke egwaze ekhaya nomndeni asuke egwaze kuwo. Nesibongo sasishintshwa aphiwe esinye . Baphela phakathi kwabakwaMdletshe nabakwaMthethwa, baphela phakathi kwabakwaMabhida nabakwaMkhize ,baphela phakathi kwabakwaMdlalose nabakwaZulu. Ziningi ngingabala kuphele iminwe nezinzwane. Uzalo lukaNgonyama manje lwaziwa ngokuthi lungolwakwaNyandeni nokwabe kungelinye lamagama akhe ,lisesulwe egameni lomuzi wakwabo.

Ngakho-ke ubuhlobo phakathi kwabakwaNyandeni nabakwaKhumalo abusekho manje ,yinto ekade yaphela ingakho nje lezi zibongo seziganana manje kungabi ndaba zalutho.

UKhukhuza wazala uGasela noNzine . UGasela wazala uNgono owazala uVumisa

Izithakazelo zakwaNyandeni

Nyandeni
Mashobana
Vumisa kaNgono
Khukhuza kaNgonyama
Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini
Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose
Wena waseNdinaneni

source: kithiendinaneni 

Izithakazelo zakwa Nyandeni

Izithakazelo zakwa Nyandeni

Nyandeni
Mashobana
Vumisa kaNgono
Khukhuza kaNgonyama
Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini
Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose
Wena waseNdinaneni

Izinkondlo Zothando: UYONGIKHUMBULA UYONGIKHUMBULA

Related image

Izinkondlo Zothando:
UYONGIKHUMBULA

Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,

Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyongikhumbula ngephimbo lami,
Ebelikuhayel’ izinkondlo zothando ngemizwa yami,
Uyolikhumbul’ iqiniso lengqondo yami,
Uyowakhumbul’ amaceb’ emicabango yami,
Ebikad’ ikucushis’ ezincingweni zemicabang’ engcolile,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,

Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Empilweni yakh’ uyofikelwa usizi nokubalisa,
Ngalamazw’ uzothi ngiyakuqalekisa,
Kodwa ngizam’ ukudlulis’ usizi lwemizwa yam’ ebhekene nokujeziswa,
Bengizimisele ngokukunik’ uthando olungenakupheleliswa,
Kodwa walulahla waqom’ olokwenziwa,
Emva kwezinsuku namahor’ amabili luyovuthiswa,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,

Uyob’ usukuphi ngosuku lokuthath’ isinqumo?
Empilweni yakh’ esofika nolukhul’ uguquko,
Kuyophel’ izifiso namaphupho,
Ubumnandi bothando kuwe buyodlula njengehubo,
Uyob’ ubuswa umzwangedwa nenkumbulo,
Ungasenakusibuyisel’ emumv’ isikhathi sasendulo,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,

Uyongikhumbula ngokungaphez’ empilweni yakho,
Ngiyoba owokuqal’ omkhumbulayo ngay’ ihliziyo yakho,
Uyofikelwa ukwesaba,
Uphelelwe ukwenama,
Uvalo luyokushaya unqanyukelwe amandla,
Empilweni yakh’ uyophel’ umdlandla,

Izinkondlo ELABO

Izinkondlo ELABO

ELABO leli izwe lawo BABAMKHULU,
izwe lawo KHOKHO bethu,
nami ngazalelwa kulo leli,
kwelamakhehla nezinkehli,
ngivumeleni ngibubule
ngidedeleni ngisukume,
ngibabongele,
ngibahayel’ emnand’ ebhalwe umzukulu,
ze ngishushuzel’ amanxeb’ aneminjunju,
LEL’ ELOBABA, LEL’ ELOKHOKHO,
masinambithisis’ impil’ enoju lawoKHOKHO .

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Olwami uthando olwamahhala
Lukhululekile, luyakukhulula
Ukuthi ube yikho lokho
Ofisa ukuba yikho
Noma kune nxenye yami
Engathanda ukuthi ikugige
Ikugigele esihlakaleni sesandla sami
Ibuye ikwemboze

Ngezintende zezandla zami
Okwetshe le rubhi* noma ubuhlalu
Beqophelo eliphezulu
Ukuze ngiku vikele
Ngibambelele kuwe
Ungalahleki nangengozi
Ungalahleki nangenhloso
Ngingakugiga nje kuphela
Ngokuthi Ngikugigele ekhanda lami

Ngemicabango yokucabanga ngawe
Ngenhliziyo ngikwemboze
Ngemizwa yoku langazelela
Kodwa ngikukhulule
Ukuthi ukhululeke
Ukungephula inhliziyo
Ngabe luyini kanti uthando
Uma lungeyona inkululeko
Yefu lincibilika
Liphenduka ubala olubuhlazana
Lapho ngithi ngiyakuthanda
Nawe uthi uyangithanda
Yilowo kuphela umculo
Olangazelelwa izindlebe zami
Ngiyakuthanda
Ngikukhumbule
Ngiyakw esabela
Ngikukhalele
Ngoba akukho okumele
Kwenzeke Ukuhlukumeza wena

Angikaze kule mpilo
Ngesabele enye impilo
Ukulahlekelwa yiyo
Noma Sengibabonile impela
Baze babaningana
Ikakhukazi emaphusheni
Abakudala nabakusha
Akekho onjengawe
Uma kungukuthi
Mhlawumbe ngalanga limbe
Ngenxa yezimanga namanga
Lendlu isayo bhidlika
Ngiyo kwazi enhliziyweni yami
Ukuthi ngenze okusemandleni
Kodwa uthando,
uthando selukwenzile konke
LLM Mbatha

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: