Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Olwami uthando olwamahhala
Lukhululekile, luyakukhulula
Ukuthi ube yikho lokho
Ofisa ukuba yikho
Noma kune nxenye yami
Engathanda ukuthi ikugige
Ikugigele esihlakaleni sesandla sami
Ibuye ikwemboze

Ngezintende zezandla zami
Okwetshe le rubhi* noma ubuhlalu
Beqophelo eliphezulu
Ukuze ngiku vikele
Ngibambelele kuwe
Ungalahleki nangengozi
Ungalahleki nangenhloso
Ngingakugiga nje kuphela
Ngokuthi Ngikugigele ekhanda lami

Ngemicabango yokucabanga ngawe
Ngenhliziyo ngikwemboze
Ngemizwa yoku langazelela
Kodwa ngikukhulule
Ukuthi ukhululeke
Ukungephula inhliziyo
Ngabe luyini kanti uthando
Uma lungeyona inkululeko
Yefu lincibilika
Liphenduka ubala olubuhlazana
Lapho ngithi ngiyakuthanda
Nawe uthi uyangithanda
Yilowo kuphela umculo
Olangazelelwa izindlebe zami
Ngiyakuthanda
Ngikukhumbule
Ngiyakw esabela
Ngikukhalele
Ngoba akukho okumele
Kwenzeke Ukuhlukumeza wena

Angikaze kule mpilo
Ngesabele enye impilo
Ukulahlekelwa yiyo
Noma Sengibabonile impela
Baze babaningana
Ikakhukazi emaphusheni
Abakudala nabakusha
Akekho onjengawe
Uma kungukuthi
Mhlawumbe ngalanga limbe
Ngenxa yezimanga namanga
Lendlu isayo bhidlika
Ngiyo kwazi enhliziyweni yami
Ukuthi ngenze okusemandleni
Kodwa uthando,
uthando selukwenzile konke
LLM Mbatha