NGOLOKHU NGISHILO
Sibabazile koma amathe
Umuntu wonke uphenduke isinkwa
Siphithizeliza okwezimpethu
Isililo siqhuma phezulu
Sithandaza kuphele umthandazo
Isiphetho kube ukundwaza
Kodwa ngolokhu ngishilo . . .Zikhukhula ndini nifike nonya
Anangasinika thuba nakucabanga
Kwakhalwa ubumayemaye
Yemuk’imizi yabafowethu
Yaphuma imiphefumulo
Izinhliziyo zagobhoza igazi
Sasala sikhungathekile

Izingozi ziseluhlaza cwe
Fikiyane udlame
Udlame nalo olwashaya laqothula
Zalala zilekanyana izidumbu
Imizi yaphenduka amakloba omlilo
Amanxiwa aphenduka amadlelo
Amawa aphenduka amakhaya

Khona manje kuxhuphuzel’isisu
Abantu baphenduk’izilwane uqobo
Kudlwengulwa zaguga
Kudlwengulwa zingane
Kudlwengulwa zilwane
Sesahlala sibambe umoya
Kodwa ngolokhu ngishilo . . .

Bumnandi bomhlaba sewashabalala
Nang’umashayabhuqe uhlasele
Ukhiqiza izintandane imihla ngemihla
Izintandane ezingenamhlaba
Izintandane ezokhula nozozo
Izintandane eziyokhula nemibuzo
Imibuzo eyobe ingenazimpendulo
Kuphela ziyobe zembethe ububha
Nokuhlala zibhodla umlilo

Ngifikelwa ukwesaba nokuthuthumela
Umhlaba usuyisihogo uqobo lwaso
Izimanga ziqeda ukwazi nokuqonda
Izimanga ziqeda uthando
Zitshale inzondo nobulwane
Amandla okuzama aphelile
Amandla okucabanga aphelile
Kodwa ngolokhu ngishilo
Osaphila ufa kancane, kancane, kancane