UKUZE UQONDE
Ukuba yijazi
Ukuba yisigqila
Ukuba yisitebhisi
Ukuba yisilahlwa
Ukuze ukuqonde
Yiba nokukhubazekaUkuba umbele wemali
Wezikhungo zabakhubazekile
Ubhinde ubeyibhange
Lezisebenzi zikahulumeni
Ubuye ube ucansi lezinyawo
Izinyawo zeziqumama
Sezifinya ngendololwane
Ukuze ukuqonde
Yiba okukhubazekaUcele usizo ubusuku nemini
Akukho namunye osabelayo
Kuhulumeni nasemiphakathini
Bonke bayaqinisekisa
Baqinisekisโ€™ukungabaluleki kwakho
Kwawena uzizwe ungelutho
Kodwa ukuze ukuqonde
Yiba nokukhubazeka

Ukubandlululwa sekwaba yinsakavukela
Ukubukelwa phansi
Abantu babonโ€™ukukhubazeka
Bangamboni umuntu
Kodwa ukuze ukuqonde
Yiba nokukhubazeka