clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Sibheka imvelaphi yakwa Ndlovu (oGatsheni)

oNdlovu bangabeSuthu badabuka eLesotho .
Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza
esizweni sabantu bakwaNxamalala. Laba bantu
bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane
wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu
ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka
ukuphimisa igama noma ngithi isibongo esithi
Tlou ,bagcina bethe Ndlovu .Ngenkathi laba
bantu bakwaNdlovu bakhe laphaya eNkandla,
babeyingxenye yezizwe saMachunu. Laba bantu
bakwaNdlovu babakhelene nabantu bakaMavovo
wakwaMkhize phezu komfula iNsuze ngaphansi
kwaseQhudeni eNkandla.

Baxoshwa esizweni saMaChunu ngoba enye
yabazukulu bakaGatsheni uMpongo
kaZingelwayo esolwe ngokuthakatha.Kuthiwa
wayefuye izinyoni ezimbili ezicishe zifane
nokhozi .

Babaleka abantu bakwaNdlovu bayokhonza
kuZihlandlo wakwaMkhize bebalekela ulaka
lukaMacingwane.
Kuthe lapho besathi banethezekile kwasuka inkosi yakwaZulu uMbomboshe omnyama[uDinngane kaSenzangakhona] wahlasela uZihlandlo
wambulala.

Source: isintu sami – facebook page

Previous

Gatsheni meaning

Next

Ndlovu Gatsheni Boya Benyathi

1 Comment

  1. Shadrack Mbulelo Dambuza (Ndlovu)

    Mna ndikhule kusithiwa “Ndlovu zidlekhaya ngokuswela umalusi, Mntungwa, Gengezi” ooGasela. Zininzi nje nezinye.
    Dambuza mthabathe umabhala ngozipho abanye babhala ngee penlothi(Lead Pencils)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: