clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Umlando wakwa Fakude 😍 Umlando wakwa Fakudze

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Umlando wakwa Fakude 😍  Fakudze surname

FAKUDZE

Umlando womlomo usitshela ukuthi isibongo sakwaFakudze savela ngesenzo sendoda eyayihlala ezintabeni zaseSwazini . Kuthiwa ngesikhathi inkosi uSobhuza wokuqala efika zweni laseSwazini wathola indoda eyayihlala ezintabeni ezaziwa ngokuthi izintaba zaseMdzimba .Kuthiwa lendoda yayithi uma ibona abantu ibaleke iyocasha emigedeni , kuthiwa le ndoda yayingafuni ukuzihlanganisa nabantu . Kuthiwa abantu babikela inkosi ngalendoda yasithi inkosi mayilandwe leyo ndoda ilethwe esigodlweni sayo sakwaZombode wamagugu . Isifikile leyo ndoda okaNgwane wayibuza ukuthi ingeyakwabani .Kuthiwa yaphendula yathi ingeyakwaMatsebula[Mathebula] . Kuthiwa okaNgwane wayibuza le ndoda ukuthi icashelani emigedeni .Yaphendula yathi isaba abantu ukuthi bazoyibulala .Wathi-ke okaNgwane ungesabi ngoba ukufa kukudze nawe ndvodza. Yase ithi inkosi uSobhuza kule ndoda usunguFakudze wena jaha .Wathathwa uFakudze wakhelwa umuzi wahlanganiswa nabantu . Kwathi ngokuya kwesikhathi waganwa uFakudze ,wazala abantu bakwaFakudze .Ngamafuphi abantu bakwaFakudze baphuma kubantu bakwaMatsebula . Ngenxa yezimpi abantu bakwaFakudze sibathola sebesabalele izwe lonke.Sibathola eSwazini okuyilapho bezalwa khona,siyabathola eKZN kanye nasesifundazweni saseMpumalanga .

UMgaye wakwaFakudze :

Leli qhawe lwakaFakudze lawunothisa kakhulu umlando wesibongo sakwaFakudze .UMgaye wayehola ibutho elalaziwa ngokuthi iNyatsi . Ngaleso sikhathi inkosi eyabe ibusa eSwazini kwabe kuyinkosi uMswati wesibili.

Amanye amabutho enkosi uMswati ilawa alandelayo

-TiNjonjela
-YiNdlavela
-uMjindi
-uLochegu
-Imigadlela TiNjonjomane
-LiGwalagwala
-uGiba
-uMbhula

UMgaye wabamba elikhulu iqhaza empini yaseLubuya eyabe iphakathi kukaZulu namaSwazi .Ngaleso sikhathi kwaZulu kwakubusa iSilo u-Mpande kaSenzangakhona. Lempi yalwelwa esigodini sakwaHlathikhulu .Noma uZulu wayewamise kabi amaSwazi kodwa akawehlulanga .Kwathi ebusuku wakhumuka uZulu wabamba indlela eqonde ekhaya kwaNodwengu. Impi yakwaZulu yayiholwa uMasiphula kaMamba wakwaNtshangase ,abeSwazi beholwa nguye uMgayi wakwaFakude .Lokhu kuhlehla kukaZulu amaSwazi akuthatha ngokuthi uZulu wahluliwe, uhlehla nje uyabaleka . Ngingakho uMswati ebongelwa ngokuthi:-

”’Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyibikela uMpande kwaZulu
Nithi iNdlovu idle enye iNdlovu”

INdlovu nguye phela uMswati odle uMpande ngokududula impi yakhe .Kuthiwa wahlabana kakhulu uMgayi wakwaFakude kuleyo mpi -wagqamisa isibongo sakwaFakudze . UMgayi wayekhona futhi empini eyabe iphakathi kukaMswati nabafowabo oNdlela noFokothi . Kuleyompi uMgayi wayengasohlangothini lukaMswati .

Izithakazelo zakwaFakudze :-

Mntolo,
Mayisandzaba enkhosini,
Womthimba wokushelela netipfo letihle,
Nkhaba yashona njengel’bhodlela
Mahlokota timbila tiphume tisabalale
Wena nkhopho ayinetfwa inetfwa mikhemetelo
Mfene lendvuna sinonombela,msutfu mswati
Ndzaba lomuhle lotifungako
Mphotholozi

Ibindza

Previous

Fakude praises 😍 Fakude clan names

Next

Izithakazelo zakwa Bhebhe

1 Comment

  1. Nkolokotho

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: