clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Umlando wakwa Mvelase 😍 imvelaphi yakwa Mthembu

Umlando wakwa Mvelase 😍 imvelaphi yakwa Mthembu

Isizwe sabaThembu sidatshulwa uMangqoyima owayeganwe isithembu esadala izindlu ezimbili ezagqama kakhulu emlandweni. Indlu enkulu AbakwaMthembu kuthi encane abakwaMvelase kodwa lezizindlu kazibulahlanga ubuhlobo njengoba izithakazelo zabo zinye futhi kabaganiselani nhlobo.

AbasebaThenjini bangamaNtungwa nguni babakhelene namaChunu noMabaso. UMANGQOYIMA nguyena ongumsuka waseBathenjini owahola abantu bakhe baze bayovinjwa ulwandle bazinza eNseleni besuka enhla koNtalasifani. Phela amaNtungwa – Nguni kuseyinzalo kaMatalatala ( Dlamini 1 ) noma nje bazehlukanisa ngokwezigaba abeNguni kodwa bayindlu eyodwa kaMumbo kaNguni waseBantwini maphakathi nezwekazi.

UMANGQOYIMA wakhe umuzi okwathiwa kuseNhlangwini khona eNseleni. Kulapho kwakhulelala khona uGeze obeyinkosana yakwaMthembu endlini enkulu. Kuleyodawo kulapho abaThembu bahlaselwa uDingiswayo wakwaMthethwa babebuswa uJama kaMnisi, ekukhothameni kuka Jama kaMnisi ubukhosi babaThembu bashabalala babusa njengezinduna zika Dingiswayo. Base beholwa uNdima kaMnisi omunye umfowabo Jama.

Ukwelamana kwaba Thembu;

UMangqiyima uzale
UGeze owazala
ULushozi owazala
UNdaba noMlenze

UNdaba wazala
UMnisiwemvula owazala
UJama noNdima

UNdima wazala
UVico,uSondaba kanye noMangcikivana

USondaba wazala
USiyembeyembe

UJama kaMnisi wazala
UMahawana noSojabha

UMahawana wazala
UMmangaliso owazala
ULOKOTHWAYO

USojabha wazala
UMashobane owazala
UFunwayo

UMlenze kaLushozi wazala
UBhacile owazala
USikhala owazala
USomopho owazala
UMsiyana.

Indlu encane abakwaMvelase:

uMangqiyima wazala
uNyandeni owazala
uMvelase owazala
uGazi owazala
UMkhubukeli owazala
UNgoza owazala uMnhlakomuzi noNodada

UNodada wazala
UMganu owazala
UMabizela noNgqamuzana

UMabizela wazala
UKufakwezwe noZisulu

KwaMvelase kwaduma kakhulu uNgoza kaMkhubukeli owalwa noShaka kodwa wehlulwa wase ebalekela eKoloni nabantu bakhe.

Kubese kuba nezindlu eziyisende likaNgoza eKoloni okuvalwa kuzo nazi;
Mathanzima
Dalindyebo
Mandela
Nezinye ezingingi.

Izithakazelo zako Mvelase:

Mvelase
Qhudeni
Mvelase kaGuqa
Owavela enyandeni yemikhonto yakwaMabaso
Mnisi wemvula ilanga libalele
Nina basemlamankunzi
Nina eningawadli amathibani nawadla kobe iwile.
Ngoza kaMkhubukeli.

Izithakazelo zako Mthembu:

Mthembu
Mvelase
Qhudeni Mvelase
Ndaba
Jama kaMnisi
Mthembu waseGubase
Wena owavela enyandeni!
Nina eningawadli amathibani
Nina basemlamankunzi
Ngoza kaMkhubukeli kaGazi

Previous

Izithakazelo zakwa Sukude

Next

Mthembu clan names Xhosa

3 Comments

  1. Vusi Mthembu

    Ngiyadideka manje ukuthi uMvelase uzalwa uNyandeni ekubeni wavela enyandeni yemikhonto yakwaMabaso okungaziwa kuthi wayemthathephi

  2. Nombuyiselo Madlongolwana

    Mina ngingu Mthembu owavele nyandeni ,ngicela ukwazi ukuthi uMadlongolwana yena ubezalwa ngubabi ngoba yi fani yami

  3. Amen Kade ngifunda ngomlando owubhalile ngo Mthembu from 2019 ngike ngagula kakhulu kodwa ngihayiza wathi lomuntu ungu Mthembu as igama. Kuningi angitshele khona ngo mlando wase Bathenjini komalume wathi asihlangani no Mvelase ngoba u Nyandeni walethwa kwa Mthembu ngu Mabaso emthathe kwa Dlamini.
    Umlando wakwa Mthembu wonakala lapho

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: