clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Day: 7 September 2018 Page 1 of 5

Izithakazelo zakwa Gwebu

  • Izithakazelo zakwa Gwebu
  • Gwebu!
  • Mambane!
  • Mbhele lohlata lonjengengcoshane
  • Mahhalahhalane
  • Mabulalandvuna bonina abayisik’incoshane besaba bantfwababo mabele madze wena lowancelisa bantfu ngesheya kwemfula!

Ngcamu clan praises 😍 Ngcamu Surname

mkhabela, shozi, gaba, mlothswa, maphalala njengophoko, sbumbu esiyingqilinga esingenalunza,uma sinonza syobe sonakele noma sfuze ekhaya konina.lokoza maloko nhlunu beyisika beyenza umqwayiba, mzilankatha, shelembe, kwadlula intuthwane ithwele kwadlula engathwele, ncube, khambule, mzilankatha, mphangazitha, mathula kamjezi, ngcamu ombewumbili njengodlubu luka mbokazana, mkhathini!

izithakazelo zakaMzobe

Izithakazelo zakaMzobe

izithakazelo zakwa Mzobe ungazithola la https://zuluring.blogspot.com/search?q=mzobe

Sotho: Sotho Surnames

Sotho Surnames

Sotho Surnames and clan names

This is the page to website to find Sotho clan names

Feel free to search for the desired clan names / history info in the search box

Izithakazelo zakwa Mzobe

Izithakazelo zakwa Mzobe

Mzobe,
Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe,
Hlekani ,
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi,
Malala,
Zembe libomvu,
Majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishanelinqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
u thangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa ,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi udumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono. sisengcono namanje;
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…….wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane……
sojoli
qhudeni
nina bakanomaphela
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
umaqabul’intombi isal’imamatheka
nina bakasonyangisa,
baka nongameyana,
baka nodlulayihlinzwa,
nina baka qgam njengamalangabi,
nina baka xoki, baka ndukembana
baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela

Zulu surnames and Izithakazelo

Zulu surnames and Izithakazelo

This is the page to website to find Zulu clan names otherwise called ‘izithakazelo’

Feel free to search for the desired clan names / history info in the search box

Izithakazelo zakwaMthembu

Izithakazelo zakwaMthembu

    Mvelase,
    Mvelase owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
    Mvelase kaGuda,
    Ongawadl’amathibani,
    Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
    Mnisi wemvula ilanga libalele,
    Ngoz’ovel’eNyandeni,
    Ngoza kaMkhubukeli kaGazi,
    Nina baseMlamlankunzi!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mthembu: 061 868 5163
Zikhona izikibha zabakwaMthembu. Whatsapp/call: 061 868 5163

Price: R200 each (white, blue & red colours available)

[wpvideo h2i5QqHw ]

Izithakazelo zakwa Mamba

Izithakazelo zakwa Mamba

Ndlangamandla,
Nkosi,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis’amabel’ezikhuthali,
Mabuya sezembethe’ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala,
Wena owaphath’induk’emnyama washay’amanzi, kwavel’udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!!!

Izithakazelo zakwa Magagula

Izithakazelo zakwa Magagula

Mthombeni,
Tshwala-minyela,
Gojela,
Bahlali linda,
Mkhonto,
Dunjwane,
Mzilanhlizinyo
Msuthu!!!

Izithakazelo zakwa Ngema

Izithakazelo zakwa Ngema

Mngadi,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!

Page 1 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: