Izithakazelo Zakwa Mcineka

Mcineka
Nkomo
Gwazela.
Mncinci.
Somtshiyosi!
Ntulikabongwa obongayo,
Gwazela ngokugwazela amanye amadoda owathi ukhomba inxeba
Wakhomba isidiya sempunzi kamfazi akashawa ngenduku ngoba induku iyabozisa,
kepha umfazi ushawa ngomucu!
Nkomo enkulu